Isolezwe

Owesharks uphoxwe ubuthuntu bephendulw­a ibhece

- XOLILE MPISANE

IPHINDE yamdumaza ujohn Plumtree, indlela iqembu lakhe elihluleke ngayo ukusebenzi­sa inqwaba yamathuba eliwakhile ngesikhath­i libhekene neconnachy emdlalweni we-united Rugby Championsh­ip ngempelaso­nto edlule.

Isharks ibidlala okokuqala ehollywood­bets Kings Park kule sizini kanti ibilambele umphumela omuhle ekhaya ngemuva kokuhlulwa emidlalwen­i emine ilandelana phesheya.

Nokho izinto azenzekang­a njengokufi­sa komqeqeshi, uplumtree njengoba isharks inqotshwe yiqembu lase-ireland ngo 13-12.

Ukuqhubeka nokubhabha­diswa ngenduku kusho ukuthi isayibambe emsileni kwi-log ngamaphuzu amabili. Iphuzu lesibili ilicoshe ngokushayw­a ngamaphuzu angaphansi kwayisikho­mbisa ngomgqibel­o.

Iqembu likaplumtr­ee lithole izindaba ezinhle ngosuku olwandulel­a umdlalo livunyelwa ukusebenzi­sa umdlali wamabhokob­hoko, ulukhanyo Am.

Lo mdlali waqale wangafakwa eqenjini lesizwe elivikele indebe yomhlaba efrance ngenyanga edlule kodwa wabizwa sekuzoqala isigaba somkhumula­jezi eyovala isikhala sikamakazo­le Mapimpi.

Nokho, uze waphela lo mqhudelwan­o engasetshe­nziswanga, nokungenze­ka ukuthi yikhona okwenze ezikaplumt­ree zivunyelwe ukuthi zingamsebe­nzisa kuleli sonto, ekubeni iningi labadlali abebesefra­nce kulindelek­e ukuthi liqale ukubonakal­a emidlalwen­i emibili ezayo.

Isharks ishaye ama-try amabili, abekwe phansi ngusikhumb­uzo Notshe nowerner Kok, ucurwin

Bosch wayibeka phakathi i-conversion eyodwa. Eyeconnach­t ishaywe u-sean O'brien, kwathi u-john Hanrahan washaya i-conversion eyodwa namaphenat­hi amabili.

“Sisamosha inqwaba yamathuba. Kufanele sibe yingozi kakhulu phambili uma sesisebenz­e kanzima ukuze sizibeke ezindaweni ezinhle enkundleni. Sidlale kangcono kulo mdlalo futhi ngiyaziqhe­nya ngalokho ngoba yilokho engikuzele kuleli qembu.

“Ngizwa ubuhlungu futhi ngizwela iqembu kakhulu ngoba liyazikhan­dla kodwa alitholi mvuzo. Yiqembu elinabadla­li abaningi abasebanca­ne ngakho-ke kuyazwela. Bayazimise­la kodwa asikawutho­li umphumela esiwudinga­yo. Ngiyethemb­a ukuthi sekuzolung­a.”

Uplumtree, obuyele kwisharks ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwan­o, uthe yinto elindeleki­le ukuthi kuthathe isikhathi ngaphambi kokuthi iqembu lijwayele amaqhinga akhe nendlela afuna lidlale ngayo.

“Sidlala uhlobo lomdlalo oluhlukile kunalolu isharks ebiluseben­zisa eminyakeni eminingi edlule kodwa sisebenzis­a abadlali abebevele bekhona. Kulindelek­ile ukuthi zibe khona lezo zinkinga ezincane futhi kuzoba yinselelo kwabanye abadlali ukuthi bajwayele izindlela ezintsha. Engingakug­cizelela ukuthi ngeke sibuyele ekukhahlel­eni ibhola sizame ukwakha amathuba ngenhlanhl­a. Ngifuna ukwakha ingcindezi ngokudlala ibhola lombhoxo elihle,” uchaze kanje lo mqeqeshi.

“Angikuthan­di ukuhlulwa ngoba angikaze ngihlulwe imidlalo eminingi ilandelana phambilini, kusha nakimi. Ngomsombul­uko sizoqala phansi sihlaziye amaphutha ethu. Siyazi ukuthi abezindaba bazosigxek­a kodwa ngeke kufike kule ndlela esizozigxe­ka ngayo thina.”

Amaqembu akuleli athwale kanzima ngemepelas­onto kwi-urc njengoba wonke ekhale ngaphansi.ibulls iguqiswe yi-edinburgh ngo 31-23, ilions yathelwa phansi yi-ulster ngo 24-17, istormers yashaywa yimunster ngo 10-3.

Ileinster yase-ireland isiqhwakel­e kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalwen­i emihlanu. Ibulls yehlele endaweni yesikhombi­sa ngamaphuzu angu-15, istormers isendaweni yesishiyag­alolunye ngamaphuzu angu-12 kanti ilions isendaweni ka-13 ngamaphuzu ayisishiya­galolunye.

Isharks izodlala olandelayo kulo mqhudelwan­o nedragons yasewales ehollywood­bets Kings Park ngomgqibel­o ngo-7.05 ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa