Isolezwe

Isikhulu sibalisa ngokukwele­twa yibay

- SITHEMBISO MKHIZE

KUVELA ukuthi irichards Bay ayikasikho­kheli namanje isikhulu somsinga United imali yabadlali abathathu eyabathath­a.

Kube injabulo ngesikhath­i ibay isayinisa unkululeko Miya, Thabani Mthembu nobandile Ndlovu.

Ibabone benza izimanga ngesikhath­i umsinga udlala emidlalwen­i kazwelonke yokuhlunge­la ukwenyukel­a kwimotsepe Foundation Championsh­ip.

Le midlalo beyingojun­i, eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu. Umkhokhise­ni Mpanza ongumnikaz­i womsinga oteketiswa ngamabhube­si, utshele Isolezwe ukuthi akasazi ukuthi enzenjani njengoba izikhulu zebay zingasalub­ambi ucingo lwakhe. Uthe kuze kube yimanje azikaze zimnike nesenti elimnyana ngokuthath­a laba badlali.

Uveze ukuthi kwisivumel­wano sabo abasisayin­a, kwavunyelw­ana ngokuthi ngojulayi, ibay izokhokha ur400 000. Ezinyangen­i ezilandela­yo ikhokhe amanconzun­cozu ur200 000 kuze kube iyaphelela imali obekuvunye­lwene ngayo.

"Iyangiphox­a le nto eseyenziwa izikhulu zebay. Kwakumnand­i ngesikhath­i sisayina zonke izinkontil­eka. Osekungiph­atha kabi kakhulu ukuthi nezincingo zami azisabanjw­a. Angikakath­oli ngisho isenti ngalaba badlali," kubeka umpanza.

Uveze ukuthi lesi simo sesimphoqe ukuthi lolu daba alufake kubameli bakhe.

"Mhlawumbe uma izikhulu zebay sezithola izincwadi zabameli zizoyilung­isa le nkinga. Ayiyinhle le nto eziyenzayo. Ngangijabu­le ngesikhath­i abafana bami bethola amadlelo aluhlaza. Kodwa uma sekunje akusekuhle. Okwamanje abameli bami basacwanin­gisisa kahle lesi sivumelwan­o esasisayin­a.“

Ayiphumele­langa imizamo yokuthola ukuphawula kukasifiso Biyela ongusihlal­o wamanatal Rich Boys.

Ujames Dlamini oyimenenja yeqembu ukuvumile ukuthi bayawukwel­eta Umsinga.

"Impela siyalazi icala lethu. Usihlalo wethu uyalulungi­sa udaba lokukhokhe­la umnikazi womsinga imali yalaba badlali. Ayi ngoba sibaleka, kunezingqi­namba ezisuke zaqhamuka," kubeka udlamini.

Akawuvali umlomo ukaitano Tembo ocija amanatal Rich Boys, ngebhola elihle elidlalwa yilaba badlali. Wake wacashunwa ethi indlela abahlakani­phe ngayo kungathi bake badlala esigabeni esikhulu. Wathi kuncane kakhulu okudinga ukulungisw­a kubo.

Undlovu oyibamba esiswini, usadlale emine yeligi nowodwa wecarling Black Label Knockout.

Umiya ogijima endaweni efanayo, usadlale emihlanu yedstv Premiershi­p nemibili yecarling. Umthembu odlala ezinhlango­thini, usagijime emibili nowodwa wecarling.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNKULULEKO Miya udlalela irchards
Bay FC emthole ngemuva kokugqama ku-umsinga United emidlalwen­i kazwelonke yokuhlunga yesafa ABC Motsepe League ebisemgung­undlovu ngojuni
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNKULULEKO Miya udlalela irchards Bay FC emthole ngemuva kokugqama ku-umsinga United emidlalwen­i kazwelonke yokuhlunga yesafa ABC Motsepe League ebisemgung­undlovu ngojuni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa