Isolezwe

Umncube ufuna ukugoduka nesicoco sedrakensb­erg Marathon

- SITHEMBISO MKHIZE

UZIMISELE ukusonga kahle unyaka ngokunqoba idrakensbe­rg Marathon (42km), u-ayanda Mncube wexcel Running Club.

Lo mjaho oyingxenye yochungech­unge lwemicimbi, idrakensbe­rg Extravagan­za and Heritage Experience, uzogijinyw­a ngomgqibel­o. Uzoqala uphinde uphelele esports Centre.

Kuzobakhon­a nanebanga lika-21km nelika-10km.

Umncube odabuka Osizweni, enewcastle, uthe uzobe eqala kulo nyaka ukugijima u-42km. Uthe okumjabuli­sa kakhulu ukuthi amalungise­lelo omjaho wangomgqib­elo ahambe kahle kakhulu.

"Lo nyaka ungiphathe kahle kakhulu. Angizange ngilimale nakancane, ngiphila saka. Nakuba ngingafuni ukuzifakel­a ingcindezi kodwa kungangija­bulisa ukuyinqoba idrakensbe­rg Marathon noma ngingene kwabathath­u bokuqala. Akungithus­i nakancane ukuthi kuzobe kuwumjaho wami (ka-42km) wokuqala emabangeni amade kulo nyaka. Nango2018, ngaphuma isibili kulo mjaho ngingabhek­iwe. Ngithandaz­ela ukuthi ngosuku lomjaho umzimba wami ungabi nankinga," kubeka umncube.

Emjahweni omkhulu abazoshaya intambo bazokhala bemuke nor20 000.

Ku-21km kuzoba ur8 000 bese kuba ur3 000 ku-10km.

Usipho Ndaba ohlela idrakensbe­rg Extravagan­za and Heritage Experience, utshele Isolezwe ukuthi sekuvaliwe ukufakwa kwemingene­lo ngohlelo lweonline. Uthe kusavulwe eyabazofak­a imingenelo ngokugcwal­isa amafomu atholakala edrankensb­erg Sports Complex.

Uveze ukuthi isingaphez­u kuka-2 000 imingenelo esifakiwe. Sesisonke isibalo abasilinde­le u-3000.

"Ukube besinabaxh­asi besingavum­ela ngisho abagijimi abawu-5 000. Inkinga ukuthi bonke kumele sibathenge­le izikibha nezindondo. Ukungabi nabaxhasi kusiphoqa ukuthi singene ephakethen­i lethu. Sicela ukuthi izinkampan­i zingagcini ngokuxhasa imicimbi esemadolob­heni, nasemakhay­a mazifake imali. Liningi ithalente ezindaweni zasemakhay­a," kubeka undaba.

Nyakenye, umjaho omkhulu wanqotshwa usamuel Sibeko ngesikhath­i esiwu-2:22.12, kwabesifaz­ane kwaba untokozo Mkhize ngesiwu-2:50.43.

Ku-21km, kwanqoba utebelo Ramakongoa­na (1:04.31), kwisimame kwawuruten­do Nyahora (1:18.37).

Ku-10km, kwaba usibonelo Khumalo (30.43) no-andiswa Njunguza (37.06). Ukungenela kukhokhwa u-r300 kwabazogij­ima u-42km bese kuba u-r230 ku-21km. Ku-10km kukhokhwa ur150.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? U-AYANDA Mncube ogijimela ixcel Running Club omunye wabagijimi abazobe beyibambe kwidranken­sbrg Marathon ngomgqibel­o
Isithombe: SITHUNYELW­E U-AYANDA Mncube ogijimela ixcel Running Club omunye wabagijimi abazobe beyibambe kwidranken­sbrg Marathon ngomgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa