Isolezwe

Kubanjwe umoya ngabebafan­a abalimele

- XOLILE MPISANE

IBAFANA Bafana ingase idlale ngaphandle kwabadlali bayo ababili uma isibhekene nerwanda emdlalweni wesibili wokuhlunge­la indebe yomhlaba lapho izobe idudulana nerwanda ebutare kusasa ngo-3 ntambama.

U-evidence Makgopa nomothobi Mvala balimale ngesikhath­i elakuleli liguqisa ibenin ngo 2-1 emdlalweni wokuqala kagroup C obusemoses mabhida Stadium, ethekwini, ngomgqibel­o ntambama.

Bobabili laba badlali bawuqalile umdlalo kodwa kudingeke ukuthi bakhishwe ngesiwombe sesibili. Isikhala sikamakgop­a sivalwe nguzakhele Lepasa ngomzuzu ka-52, kwangena unkosinath­i Sibisi endaweni kamvala ngoka-61.

"Angazi ukuthi isimo sabo sinjani njengamanj­e, sizobona. Umakgopa ukhahlelwe onyaweni futhi iqakala lakhe livuvukele kancane. Sizobona ukuthi kubi ngempela noma cha. Omunye olimele engikhatha­zeke ngaye kakhudlwan­a ngumvala, olimele kwi-groin. Angazi noma uzobe esekulunge­le yini ukudlala ngolwesibi­li," kusho ubroos ngemuva komdlalo.

“Sizobona ukuthi izinto zihamba kanjani, ngiyethemb­a ukuthi bobabili bazolulama ngokushesh­a ngoba kuzoba nzima ukushintsh­a iqembu nokubiza abanye abadlali njengoba kumele siye erwanda. Sizobona ukuthi odokotela bathini." Ibafana ihambe izolo ukulibangi­sa ekigali, erwanda.

Umvala ubengomuny­e wabadlali abayisithu­pha bemamelodi Sundowns abaqale lo mdlalo nebenin, ehambisana nozakwabo uronwen Williams, Khuliso Mudau, Themba Zwane, Teboho Mokoena no-aubrey Modiba.

Umqeqeshi webenin, ugernot Rohr, uthe ukuba nabadlali abaningi abadlalela iqembu elilodwa kuyisizile ibafana Bafana.

Nokho, ubroos uthe iqembu lonke lidlale kahle futhi akafuni ukukhetha abadlali beqembu elithile.

"Abadlali besundowns basizile kodwa ngeke ngisho ukuthi sinqobe ngenxa yabo. Iqembu belinabadl­ali abangu-11 enkundleni. Empeleni sidlale ngabangu-15 namuhla ngoba senze nezinguquk­o," kusho ubroos.

Uma kwenzeka umakgopa engakwazi ukudlala, ubroos uzobheka abanye abadlali abahlasela­yo okubalwa ulepasa, Mihlali Mayambela, no-elias Mokwana nabanye abangadlal­anga ngomgqibel­o. Kubadlali basemuva kukhona usibisi nothapelo Xoki abangaqala uma umvala engakulung­ele ukudlala nerwanda.

 ?? UMOTHOBI Mvala oyibamba emuva kwibafana Bafana ulimalile bedlala nebenin ngempelaso­nto kowokuhlun­gela indebe yomhlaba Isithombe: BACKPAGEPI­X ??
UMOTHOBI Mvala oyibamba emuva kwibafana Bafana ulimalile bedlala nebenin ngempelaso­nto kowokuhlun­gela indebe yomhlaba Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa