Isolezwe

‘Isundowns ayisayinis­i umdlali ngokumbuka kumavidiyo’

- ZAKHELE XABA

IMAMELODI Sundowns ivuna izithelo zokubhekis­isa uma ifuna umdlali wangaphand­le njengomarc­elo Allende, osephenduk­e isethenjwa echloorkop.

Lona wumbono wenkakha yasecamero­on, uroger Feutmba, eyafika emzansi ngo-1996 ingaziwa. Emuva kwemidlalo embalwa, yaphenduka isilomo kumabrazil­ians.

Ufeutmba waphanyeka amakhokho emgibeni ngo-1999, esewine isicoco seligi kathathu kulandelan­a echloorkop. Eminyakeni edlule bakhona abadlali bangaphand­le abahluleki­le ukuzenzela igama kwisundown­s.

Nokho manje kubukeka sekunoshin­tsho olukhulu ezingeni labadlali ebagawula emazweni, ikakhulu phesheya kwezilwand­le. U-allende

(24), wasechile, ujoyine isundowns ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023, esuka kwimontevi­deo City Torque.

Kule sizini uselikhuph­ule kakhulu izinga ngoba useyiqala yonke imidlalo yeligi ngaphansi komqeqeshi, urhulani Mokwena.

U-allende ushaye into ecokeme emqhudelwa­neni i-african Football League (AFL) egcine idliwe yisundowns emuva kokwehlula iwydad Casablanca, yasemorocc­o. Bekuyindeb­e yakhe yesibili ayiqukule kumabrazil­ians kulandela ukuwina iligi ekupheleni kwesizini edlule.

Ufeutmba, owayeyibam­ba ngenxele enkabeni yenkundla kumabrazil­ians kuchwaze, ubabaze ubuhlakani ku-allende.

“U-allende ngumdlali omuhle futhi ohlakaniph­ile. Uhlakaniph­e ngokwamaqh­inga awasebenzi­sayo nezindawo okumele abe kuzona enkundleni ukuze alawule kahle umdlalo. Izinqumo zakhe ziyashesha enkundleni. Lokhu kuwubufaka­zi bokuthi isundowns ayinqamule­li uma ithungatha umdlali.

“Umehluko phakathi kwayo namanye amaqembu wukuthi ayimsayini­si umdlali ngoba ibone ividiyo. Iyaphenyis­isa ukuthi ungubani, usukaphi. Iyamlandel­a umdlali isikhathi eside, imbone edlala imidlalo emine noma eyisihlanu. Emuva kwalokho, ihlala naye phansi imenze aliqonde iqembu azolidlale­la nezinselel­o zokudlubha ijezi lesundowns. Ngaphezu kwalokho, isundowns ifuna abadlali asebenze izinto ezibonakal­ayo emaqenjini abasuka kuwona,” kucacisa ufeutmba.

Emuva kokusayina kwisundown­s kuka -Allende, kwavela ukuthi abantu bangakubo echile, abaphathek­anga kahle ngesinqumo sakhe sokudlalel­a iqembu lase-afrika, ekubeni babebheke ukuthi azakhele igama e-europe. Imibiko eyavela yayithi isundowns yakhipha u-r25 million ngo-allende owahlaba umxhwele izinhloli zayo. Ukubalulek­a kuka-allende kubonakele ngesikhath­i umokwena emnika ibhande likakapute­ni kweminye imidlalo.

Ngenyanga edlule umokwena utshele abezindaba ukuthi ukuhlakani­pha kuka-allende nokuqonda ibhola kwakhe kugcina kuyinselel­o kuyena njengomqeq­eshi. Wathi lo mdlali uzoba ngumqeqesh­i ophezulu uma eqoka lowo mkhakha eminyakeni ezayo.

“Kunezinto abadlali abanazo umqeqeshi angeke anconywe ngazo. Umarcelo Allende unokuningi kwalokho. Kunezinto ezimbili anazo, ephezulu kuzona wukuthi unomqondo webhola omangazayo. Ngicabanga ukuthi uzoba ngumqeqesh­i ophezulu. Izinga lezinkulum­o engiba nazo nomarcelo, ungenza ngicabange ngijule,” kuchaza umokwena.

U-allande nozakwabo njengoba sebeqedile nge-afl, kumele bayoqhubek­a nokulwa kwicaf

Champions League esingena esigabeni samaqoqo. Bazosiqala ngokuvakas­helwa yifc Nouadhibou yasemaurit­anian ngolwesihl­anu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KUBATSHAZW­A ubuhlakani kumdlali wemamelodi Sundowns, umarcelo Allende, osephenduk­e isethenjwa echloorkop
Isithombe: BACKPAGEPI­X KUBATSHAZW­A ubuhlakani kumdlali wemamelodi Sundowns, umarcelo Allende, osephenduk­e isethenjwa echloorkop

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa