Injabulo kubroos ibafana ivula kahle eyokuhlunga
UCHAZWE wukubona iqembu lakhe lifeza umsebenzi osemqoka wokuqoqa amaphuzu amathathu emdlalweni walo wokuqala wokuhlungela indebe yomhlaba, umqeqeshi webafana Bafana, uhugo Broos.
Ibafana iqale uhambo olubheke endebeni yomhlaba ka-2026 ngokuthela phansi ibenin ngo 2-1 emdlalweni kagroup C emoses Mabhida Stadium ngomgqibelo ntambama.
Inkundla ivulwe upercy Tau sisanda kuqala isiwombe sokuqala, ukhuliso Mudau wangeza elesibili ngaphambi kokuthi kushintshwe.
Ukaputeni webenin, usteve Mounie, ushayele izivakashi igoli ngomzuzu ka-70 elidale ukuthi aphakame wamaphaphu kubalandeli bebafana kodwa yagcina ikwazile ukubambela, yathola amaphuzu amathathu.
Kweminye imidlalo yokuqala kagroup C, irwanda ibambane ngo 0-0 nezimbabwe ebutare ngolwesithathu olwedlule, inigeria yabambana nelesotho ngo 1-1 e-uyo, ngolwesine olwedlule. Izolo izimbabwe ibambane ngo 1-1 nenigeria.
"Ngicabanga ukuthi siqale kahle. Senze obekufanele sikwenze ngesiwombe sokuqala saphinde sashaya amagoli. Ibenin idlale umdlalo oqondile esiwombeni sesibili, ibisiliyisa phambili ibhola kumgadli wayo omude obekwazi ukulithola ngekhanda bese becosha lawo mabhola,” kusho ubroos.
"Baqale ukusebenzisa amandla futhi saxhamazela kancane, nokwenze sagcina singenelwe yigoli. Lokho bekungeyona inhloso yethu. Ngibadonse ngendlebe abadlali ngesikhathi sekhefu ngathi ababambelele ku-2-0 futhi bazame ukushaya elesithathu kodwa umdlalo webenin ushintshile.
“Bekunzima kakhulu ukumaka ngenxa yamabhola amade kodwa sikwazile ukubambelela kwaze kwaba sekugcineni, nokuyinto ebaluleke kakhulu." Ibafana ibisiqala ukujwayela ukubukwa yizihlalo emidlalweni yayo yakamuva edlalelwe egauteng, E-FNB Stadium nase-orlando Pirates. Ubroos uthe kubakhuthazile ukubona isibalo sabalandeli abebesenkundleni ethekwini.
"Kuzomele ngisho ukuthi kungijabulise kakhulu ukudlala phambi kwezihlwele. Sekuyisikhathi eside ngingababoni abalandeli abangaka bezobuka ibafana Bafana ngakho ngibonga abantu basethekwini abebekhona enkundleni bezoseseka," kusho yena.
“Uma udlala umdlalo onzima kanje futhi izitha seziqala ukukunika izinkinga kuba nzima ngokomqondo uma abalandeli bakho obengekho. Bengazi ukuthi njengoba abalandeli bekhona bazonika abadlali amandla ngisho sebeqala ukukhathala. Basisizile ezikhathini ezinzima.
“Asethembe ukuthi bazophuma ngobuningi emidlalweni yasekhaya ezayo ngoba kusifanele lokho. Kulifanele leli qembu. Sehlulwe kathathu eminyakeni emibili nesigamu. Ngicabanga ukuthi iqembu elifana nalelo lidinga ukwesekwa."
Umdlalo olandelayo ibafana izowudlalela ekuhambeni lapho izodudulana khona nerwanda ehuye Stadium, ebutare, kusasa ngo-3 ntambama. Ubroos uthe inhloso enkulu kule midlalo yokuhlunga ukuqoqa amaphuzu, akukhathalekile ukuthi eze kanjani.
"Ngishilo ngaphambi komdlalo ukuthi siseqoqweni elinzima. Sesibonile ukuthi bekunzima kanjani ukubhekana nebenin. Yonke imidlalo izofana nempi, kuzomele silwele ukuthola imiphumela emihle. Lokho esikuthole sibhekene nebenin kubaluleke kakhulu," uchaze kanje lo mqeqeshi obheke ukuba ngowokuqala ukudlulisa ibafana kweyokuhlungela yendebe yomhlaba kusukela ngo-2002.
"Ukushaya inqwaba yamagoli bekungekho eqhulwini.
Into esemqoka emidlalweni yokuhlunga ukunqoba imidlalo. Ezinsukwini noma emasontweni ambalwa akekho ozobe esakhuluma ngokuthi umdlalo ubunjani, kuzobe sekukhulunywa nomphumela," uphethe kanje.