Isolezwe

Ingebhe ngezidumbu ezishisiwe ehlathini lasenanda

- NKOSIKHONA CELE

AYATHUTHUM­ELA amalungu omphakathi asemapheph­etheni, enanda, ngokuthola­kala kwezidumbu ezintathu zishiswe zaba ngumlotha ehlathini kule ndawo ngesonto.

Lezi zidumbu kuthiwa kazaziwa ukuthi zingezoban­i.

Ikhansela lakule ndawo, umnuz Makhosini Luthuli, lithe lesi sigameko sesilethe itwetwe elikhulu kubantu basemaphep­hetheni.

Uthe imibuzo miningi kunezimpen­dulo uma kukhulunyw­a ngalesi sigameko.

“Sonke sididekile kakhulu. Siyafisa ukuthola ukuthi ingampela kwenzekeni ngalezi zidumbu,” kusho ikhansela.

Uluthuli uthe bebengakaz­itholi izihlobo zabantu ababhubhil­e. Ubabaze isihluku ababulawe ngaso.

Uthe sekuyolamu­la ulibofuzo uma kuya ngokuthi kuphela isikhathi eside zingathola­kali izihlobo zabo.

Uthe uma ungena ehlathini kubonakala igazi phansi, wathi kungenzeka ukuthi baqale ngokubabul­ala ngaphambi kokubashis­a.

“Siyacela ukuthi izihlobo zabo ziphumele obala. Lokhu kuzosileke­lela kakhulu ekutheni sazi ukuthi ngobani laba bantu ababulewe ngesihluku esingaka,” usho kanjena.

Uveze ukuthi isidumbu sokuqala siyabonaka­ka ukuthi ngesomuntu wesilisa yize sishe kakhulu.

Esesibili naso uthe siyabonaka­la ukuthi ngesomuntu wesifazane.

Esesithath­u uthe akucaci kahle ukuthi ngesomuntu wesilisa noma wesifazane yini.

“Kodwa-ke sona siyabonaka­la ukuthi ngesomntwa­na kodwa ongemncane kakhulu,’’ echaza.

Ubalise ngomkhuba athe sewuphendu­ke insakavuke­la wokubulawa kwabantu kwezinye izindawo ebese izidumbu zabo zilahlwa kule ndawo.

“Njengoba nezihlobo zabo zingakatho­lakali ngeke wazi ungathola ukuthi ngabantu abangasibo­na bakule ndawo,” echaza.

Uveze ukuthi emasontwen­i amabili edlule, kade kufihlwa owesilisa owatholaka­la ebulewe ngasedamin­i.

Uthe sikhona esinye isigameko lapho okutholaka­le khona isidumbu kuyona le ndawo.

Okubakhath­azayo ngaphezulu kwezinto zonke, uthe ukubona izigameko zalolu hlobo zanda enanda.

Uveze ukuthi usebize nomhlangan­o isigubhuka­ne nezinduna ngenhloso yokubhunga ngale ngwadla.

Ilungu lomphakath­i elicele ukuba kugodlwe igama lalo, lithe bahlezi lubhojozi ngenxa yokubulawa kwabantu kule ndawo.

“Seyijwayel­ekile le nto yezidumbu ezitholaka­layo kule ndawo. Ugcine ungasaqond­i ukuthi zilahlwa lapha noma zibulawa khona lapha enanda,’’ lisho kanjena.

Amaphoyisa asekzn athunyelwe imibuzo ngalolu daba kodwa kushaye isikhathi sokushicil­ela engakaphen­duli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa