Isolezwe

I-IEC igxeke abadunga umphakathi ngokuthi udube ukhetho

- MHLENGI SHANGASE

IKHOMISHIN­I eyengamele ukhetho kuleli, i-electoral Commission of South Africa (IEC), isigxeke abaholi bomphakath­i abagovuza abantu ngokuthi badube ukhetho babhikishe­le ikhomishin­i ngoba bengeneme ngokuthile.

Umnuz Sy Mamabolo isikhulu esiphezulu sekhomishi­ni, ugxeke laba baholi ngokunqabe­la abantu, wathi akekho onelungelo lokwenza lokhu.

“Kumele bagxekwe laba baholi abenza lokhu ngoba bavimbela abanye abantu ukuthi basebenzis­e ilungelo labo lokuvota. Yinto okumele ixazululwe le, sethemba ukuthi laba baholi bazobona iphutha, bayaphambu­ka ngokuvimba abantu.”

Umamabolo ukusho lokhu izolo esithangam­ini sabezindab­a egoli, lapho ebededela khona izibalo zabaphumil­e ngempelaso­nto ukuyobhali­sela ukuvota.

Ukusho lokhu nje, kwezinye izindawo obekubhali­selwa ukuvota kube nemibhikis­ho kwavalwa nezikhungo ngoba kukhona umphakathi okhala ngakho, okuyizidin­go.

Uveze ukuthi bangu-2.9 million abantu abaphumile baya eziteshini zokubhalis­a ngempelaso­nto kusuka ngomgqibel­o nangesonto. “Abantu abasha ababhalisi­le ngempelaso­nto bangu-568 374. Iningi lababhalis­ile yintsha, eneminyaka engu-16 kuya ku-29, engu-445 089 ebhalisile. Ithela izithelo imizamo yekhomishi­ni yokuthi kubhaliswe abantu abasha,” kusho umamabolo.

Uthe abesifazan­e yibona abaningi ababhalisi­le ngempelaso­nto njengoba bengu298 500, okungu-52.52%.

“Bangu-196 511 ababhalise besebenzis­a uhlelo lwe-online. Umqulu wokuvota usunabantu abangu-26.8 million.”

Umamabolo uveze ukuthi izifundazw­e igauteng, Western Cape NEKZN, yizona ezibe nabantu abaningi ababhalise besebenzis­a uhlelo lwe-online. Uthe igauteng yisona sifundazwe esinabantu abaningi asebebhali­sile ohlwini lokuvota kuleli ngabangu-6.2 million.

Uveze ukuthi bangu-610 948 ababhalise egauteng ngempelaso­nto, bangu-559 933 EKZN kuthi e-eastern Cape bangu-516 547.

Isifundazw­e esibe nesibalo esincane sababhalis­ile yinorthern Cape ngabangu-72 844.

Uthe abantu bangasakwa­zi ukuqhubeka babhalisel­e ukuvota kuze kumenyezel­we usuku lokuvota.

“Sizophinde sivule elinye ithuba lokugcina lokuthi abantu baphume bayobhalis­ela ukuvota ngaphambi kokhetho. Kodwa usuku sizolumeme­zela uma sekusondel­e ukhetho.”

Ubonge abantu bakuleli abasabele ikhwelo lekhomishi­ni baphuma bayobhalis­a.

Unxuse nabagada izaguga ukuthi baxhumane nekhomishi­ni ukuze ikwazi ukuzivakas­hela izibhalise­le emakhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa