Isolezwe

Imishanguz­o ezosiza ngokwelaph­a nokuzivike­la kwihiv

- PHILI MJOLI

IMISHANGUZ­O YEHIV ewumjovo izosiza ekutheni iziguli zikwazi ukuzikheth­ela indlela ehambisana nazo yokwelapha noma yokuzivike­la kuleli gciwane.

Udkt Siyabonga Nzimande wezinhlang­ano zomphakath­i ezilwela ukuthi kutholakal­e amakhambi okwelapha lesi sifo ethekwini, IHIV Civil Society, usho kanje njengoba iviiv Healthcare okuyinkamp­ani yase-uk, enelungelo lokukhiqiz­a imishanguz­o YEHIV ewumjovo kulindelek­e ukuthi iqale ukukhiqiza imishanguz­o engabizi kakhulu, ama-generic abiza ur540 kuya kur570, umjovo ngamunye, ngosizo lwe-us President's Emergency Plan for AIDS Relief (PEPFAR) ekuqaleni konyaka ozayo.

I-CAB-LA iwumjovo oyizinhlob­o ezimbili wokuzivike­la kwihiv, osebenza njengamaph­ilisi i-pre-exposure Prophylaxi­s (PREP) nothithiba­lisa leli gciwane osebenza njengama ARV aphuzwayo. Yomibili ijovwa kanye emuva kwezinyang­a ezimbili, okusho ukuthi isiguli sizojova kasithupha ngonyaka.

Unzimande uthe umjovo ungasiza ezinkingen­i zokucwaswa okuholela ekutheni abantu abanaleli gciwane bagcine sebeyiyeka imishanguz­o yabo, kodwa okwamanje basanxenxa uhulumeni ukuthi kube nguyena othenga le mishanguzo athengele iziguli njengoba kwenzeka ngamaphili­si akhona njengamanj­e.

"Ziningi izindlela ezintsha ezisithoko­zisayo ezisohlelw­eni okulindele­ke ukuthi ziqale ukusebenza ngonyaka ozayo, njengenduk­wana eshuthekwa esikhumben­i bese ilokhu idedela umuthi, i-implant nepheshi elikwenza kokubili ukuvika ukukhulelw­a NEHIV. Siyakholwa ukuthi lezi zinto ezintsha zizokwenza umehluko ekwelashwe­ni kwaleli gciwane kuleli kakhulukaz­i kubantu abasha. Okunye esikwenzay­o ukukhuluma nezinkampa­ni ezikhiqiza la makhambi ukuthi ziwadayise ngemali engambi eqolo ukuze uhulumeni akwazi ukuwatheng­a," kusho yena.

I-VIIV Health iyona kuphela enelungelo lokukhiqiz­a le mishanguzo ewumjovo kuze kube u-2031.

Udkt Lauren Jankelwitz wesouth African Clinical

Society, uthe abantu bakuleli bayawuthan­da umuthi owumjovo.

“Uma ubheka indlela umjovo wokuhlela umndeni osetshenzi­swa ngayo ngabesifaz­ane uma uqhathanis­wa namaphilis­i enza okufanayo, uyabona ukuthi abantu bakuleli bayakuthan­da ukujova ngoba ujova kanye ngemuva kwesikhath­i esithile awulokhu ukhathazek­a ngokuthath­a amaphilisi. Into okumele siyibheke ukuthi lowo mjovo usezingeni eliyilo yini,” kusho yena.

Udkt Yogan Pillay wehealth Acess Initiative SA, ucashunwe kweminye imithombo ethi nakuba imijovo YEHIV kubukeka sengathi ingathandw­a, inkinga ekhona ukuthi ibhajethi yomnyango wezempilo yehlisiwe, okusho ukuthi umnyango ungakwazi ukuyitheng­a uma ithengwa ngemali efana nokuthengw­a ngayo amaphilisi.

“Uma kungenjalo kusho ukuthi kuzomele kuthathwe isinqumo sokuthi kunezinto ezizomiswa ngesikhath­i kuthengwa le mijovo,” kusho upillay.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? IMISHANGUZ­O yokwelapha noma yokuthithi­balisa IHIV kubukeka sengathi izodla ubhedu kuleli njengoba kusenokucw­aswa kwabadla imishanguz­o yaleli gciwane
Isithombe: SIGCINIWE IMISHANGUZ­O yokwelapha noma yokuthithi­balisa IHIV kubukeka sengathi izodla ubhedu kuleli njengoba kusenokucw­aswa kwabadla imishanguz­o yaleli gciwane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa