Ngiyayeshwama eyomsamo owakhiwa ngumthandazi noma ngumelaphi
AYIKHO into ehlula indlela okhule ngayo nokhuliswe ngayo, uyibona ngamehlo. Konke lokhu usuyaye ukubone kamuva empilweni ukuthi nansi le nto engakhuliswa, ngakhula nangayo, engenza ukuthi ngiyiphike uma kungukuthi ayisashiwo ngendlela yayo.
Ngikhula emakhaya emazaleni kwanja kayiphume abantu okuthiwa izangoma bengekho, bekude nasekhaya kokunye bekulesiya sigodi, nakhona bekungangeni bantu abaningi kangako. Bewubona nje umuntu ngamunye kuthi gqwa nakhona uzwe kuthiwa kade beyohlola umhlola ovele ekhaya. Kunezigodi ezazingenabo nhlobo abantu ababeyizangoma, owawuthi nawe noma uthi ufuna ukuya khona uyalelwe ukuthi kungakuleya ntaba.
Into eyayenza lokhu ukuthi abantu isintu nesiko kwakusekhona bekuphila, futhi abantu bezenzela konke. Kwakuphunywa kuphela uma kuthiwa hhawu nakhu kungene umphezulu ekhaya nokufa kwesilwane okungaqondakali kumbe nokugula komuntu omunye osuke ehambe isigubhukane. Kungakho ngaleso sikhathi sasinabelaphi ababesebenza ngabalozi, abanye kungabahlahli namhlanje okungasatholakali kalula. Okunye kwakho sekuyaphekwa kumfininize ikhwela emva kwekhethenisi kumbe ekhaleni kufakwe imfiyo kuthiwe ngabalozi.
Ngokulahleka kwakho konke lokhu nokuthwasa kwanoma ngubani esesikubona namhlanje sekwenza uke uzwe into eyinhlekisa umuntu ahlale ethi utshelwa yona uma ehamba ethi uyobheka izinto zakhe ezonakele. Okuyikhona okulihlaya kakhulu ilokhu ohlale ukuzwa umuntu athi bengilande umelaphi kumbe umthandazi ezongakhela umsamo. Namhlanje usuyaye uzwe ukwakhiwa komsamo, idlozi elingekho eliphumile, ukhokho ofuna indlu yakhe nokungeniswa kwabadala. Konke lokhu kwabe kuyinto yomndeni ngomndeni neyayenziwa umndeni. Okulihlaya kakhulu engizoke ngibhekise kukhona ilokhu kokwakhiwa komsamo. Umuntu uzokuthi ufikile umelaphi noma wesebandleni noma umthandazi thizeni ezongakhela umsamo. Lokhu kuxake ukuthi kanti yini umsamo wakhiwa kanjani.
Ngikhule kunendlu yesintu ebibizwa ngendlu yekhishi kulapho kukhona insika, iziko, ithala lapho kuphanyekwa khona imikhonto bese kuba phansi lapho kubekwa khona izimbiza nezinkamba lapho kuthi uma kuhlatshiwe kulaliswe khona imbuzi leyo yomsebenzi uma kuyinkomo ehlatshiwe kumiswe khona umkhono obizwa ngommiselo. Leyo ndawo iyona okushiselwa kuyona impepho kuxhunyanwe namathongo ekhaya. Leyo ndawo-ke beyingakhiwa ngumelaphi namthandazi, indawo yomnumzane mhlazane ebeka leyo ndlu esengenisa nabadala uyokwenzela kuyona ezakhele yena. Kulapho kuthiwa isemsamo. Okokwakhiwa ngiyakweshwama futhi kubuye kube ngumuntu ongemnumzane layikhaya okuthiwa uzokwakha.
Isikhathi-ke nakuba sesiguqukile namhlanje, sesihlala ezindaweni zasemalokishini nasesilungwini, noma ngabe kuthiwa ufuna ukwenza leyo ndawo akuyona into ongayilandela umuntu owelaphayo noma othi uyathandaza. Uwena kuphela nomndeni wakho ongazithathela isinqumo sokuthi mina ngithi le ndawo kuzokuba indawo engizohlangana kuyona namathongo akithi. Lokho kwenza akukhona ukwakha. Abanye benzelwa amagumbi ngezindishi kuthiwe umsamo, uxakeke ukuthi yini lena eyenziwayo.
Ngikhule kunendlu eyodwa emzini womnumzane ebizwa ngendlu yakwagogo noma isekhishini lapho kuphelela khona konke njengalokhu sesishilo. Iyona yindlu yokuqala okuqalwa ngayo uma umuntu esephuma inxiwa lakhe. Kulabo abasenenhlanhla yokuba nezindawo zokwakha emalokishini noma emizini yabo esesilungwini iyona ndlu lena okufanele ngabe banayo bayayakha, ngoba iyona engumnsinsi nensika yakho konke uma befuna ukuxhumana nethongo. Kulapho umnumzane engahlanganela khona nomndeni wakhe ukudingida izindaba zasekhaya.
Le ndlu-ke iyona lena uma kushoniwe ekhaya umuntu alaliswa aphinde aphumele kuyona eseya endlini yakhe yokugcina, hhayi lokhu kwanamhlanje njengalokhu usubona umuntu ephumela endlini yokuphumula noma ekamelweni lakhe. Kubuhlungu-ke ngoba usuthola eminye imindeni ukufihlwa kwelungu lomndeni sekulawulwa ngabantu okuthiwa abasebandleni abathwala ngisho isidumbu somuntu imbala, kuyasa ngakusasa abasekho labo bantu basebandleni sekusele umndeni wodwa nezinkinga.
Kuningi-ke okufanele ke sikunikeze umqondo uma sitshelwa khona. Kunezinto ezithi uma zikhulunywa uzibuze ukuthi lo muntu osho le nto, notsheliweyo umqondo bawusebenzisile yini. Zikhona ziningi izinto ezifana nakho lokhu engikhala ngakho ukwakhiwa komsamo, wakhiwa kanjani, idlozi okuthiwa alikho ekhaya kuze kuthiwe wena awunamsamo nadlozi. Idlozi liphumile. Uhlangabezane nensumansumane kuthiwa abantu abadala abekho kuleli khaya kushiwo ikhaya likayihlo owazalelwa kulona waze wamdala, ubaba wakho owayegcina yonke into. Ilezi zinto okufanele noma uzitshelwa uke uzetshise njengenkomo ungazithwali nje ngeqoma ngoba kufanele sikhumbule ukuthi isintu nesizulu sekwalahleka kudala. Kwakulula emandulo kwakunamakhehla nezalukazi ezazikwazi ukweluleka. Namhlanje usuyaye uzwe umuntu ethi uma ngibuza ebantwini basho lokhu nalokhuya. Ilapho impilo yonke yakho iqala khona ukudideka nokulahleka ngoba uhambe ubuza emazaleni nawo angazi lutho.