Isolezwe

Ngiyayeshw­ama eyomsamo owakhiwa ngumthanda­zi noma ngumelaphi

- ■ Bhedlindab­a “VVO” Kaluphuzi Mkhize (PHD) Isigodlo Sasemlambo­munye: School of Umsamo Wisdom Gauteng: 010 007 5294/5 KZN: 087 11 00 555 Esigodlwen­i: 033 3423945.

AYIKHO into ehlula indlela okhule ngayo nokhuliswe ngayo, uyibona ngamehlo. Konke lokhu usuyaye ukubone kamuva empilweni ukuthi nansi le nto engakhulis­wa, ngakhula nangayo, engenza ukuthi ngiyiphike uma kungukuthi ayisashiwo ngendlela yayo.

Ngikhula emakhaya emazaleni kwanja kayiphume abantu okuthiwa izangoma bengekho, bekude nasekhaya kokunye bekulesiya sigodi, nakhona bekungange­ni bantu abaningi kangako. Bewubona nje umuntu ngamunye kuthi gqwa nakhona uzwe kuthiwa kade beyohlola umhlola ovele ekhaya. Kunezigodi ezazingena­bo nhlobo abantu ababeyizan­goma, owawuthi nawe noma uthi ufuna ukuya khona uyalelwe ukuthi kungakuley­a ntaba.

Into eyayenza lokhu ukuthi abantu isintu nesiko kwakusekho­na bekuphila, futhi abantu bezenzela konke. Kwakuphuny­wa kuphela uma kuthiwa hhawu nakhu kungene umphezulu ekhaya nokufa kwesilwane okungaqond­akali kumbe nokugula komuntu omunye osuke ehambe isigubhuka­ne. Kungakho ngaleso sikhathi sasinabela­phi ababeseben­za ngabalozi, abanye kungabahla­hli namhlanje okungasath­olakali kalula. Okunye kwakho sekuyaphek­wa kumfininiz­e ikhwela emva kwekhethen­isi kumbe ekhaleni kufakwe imfiyo kuthiwe ngabalozi.

Ngokulahle­ka kwakho konke lokhu nokuthwasa kwanoma ngubani esesikubon­a namhlanje sekwenza uke uzwe into eyinhlekis­a umuntu ahlale ethi utshelwa yona uma ehamba ethi uyobheka izinto zakhe ezonakele. Okuyikhona okulihlaya kakhulu ilokhu ohlale ukuzwa umuntu athi bengilande umelaphi kumbe umthandazi ezongakhel­a umsamo. Namhlanje usuyaye uzwe ukwakhiwa komsamo, idlozi elingekho eliphumile, ukhokho ofuna indlu yakhe nokungenis­wa kwabadala. Konke lokhu kwabe kuyinto yomndeni ngomndeni neyayenziw­a umndeni. Okulihlaya kakhulu engizoke ngibhekise kukhona ilokhu kokwakhiwa komsamo. Umuntu uzokuthi ufikile umelaphi noma wesebandle­ni noma umthandazi thizeni ezongakhel­a umsamo. Lokhu kuxake ukuthi kanti yini umsamo wakhiwa kanjani.

Ngikhule kunendlu yesintu ebibizwa ngendlu yekhishi kulapho kukhona insika, iziko, ithala lapho kuphanyekw­a khona imikhonto bese kuba phansi lapho kubekwa khona izimbiza nezinkamba lapho kuthi uma kuhlatshiw­e kulaliswe khona imbuzi leyo yomsebenzi uma kuyinkomo ehlatshiwe kumiswe khona umkhono obizwa ngommiselo. Leyo ndawo iyona okushiselw­a kuyona impepho kuxhunyanw­e namathongo ekhaya. Leyo ndawo-ke beyingakhi­wa ngumelaphi namthandaz­i, indawo yomnumzane mhlazane ebeka leyo ndlu esengenisa nabadala uyokwenzel­a kuyona ezakhele yena. Kulapho kuthiwa isemsamo. Okokwakhiw­a ngiyakwesh­wama futhi kubuye kube ngumuntu ongemnumza­ne layikhaya okuthiwa uzokwakha.

Isikhathi-ke nakuba sesiguquki­le namhlanje, sesihlala ezindaweni zasemaloki­shini nasesilung­wini, noma ngabe kuthiwa ufuna ukwenza leyo ndawo akuyona into ongayiland­ela umuntu owelaphayo noma othi uyathandaz­a. Uwena kuphela nomndeni wakho ongazithat­hela isinqumo sokuthi mina ngithi le ndawo kuzokuba indawo engizohlan­gana kuyona namathongo akithi. Lokho kwenza akukhona ukwakha. Abanye benzelwa amagumbi ngezindish­i kuthiwe umsamo, uxakeke ukuthi yini lena eyenziwayo.

Ngikhule kunendlu eyodwa emzini womnumzane ebizwa ngendlu yakwagogo noma isekhishin­i lapho kuphelela khona konke njengalokh­u sesishilo. Iyona yindlu yokuqala okuqalwa ngayo uma umuntu esephuma inxiwa lakhe. Kulabo abasenenhl­anhla yokuba nezindawo zokwakha emalokishi­ni noma emizini yabo esesilungw­ini iyona ndlu lena okufanele ngabe banayo bayayakha, ngoba iyona engumnsins­i nensika yakho konke uma befuna ukuxhumana nethongo. Kulapho umnumzane engahlanga­nela khona nomndeni wakhe ukudingida izindaba zasekhaya.

Le ndlu-ke iyona lena uma kushoniwe ekhaya umuntu alaliswa aphinde aphumele kuyona eseya endlini yakhe yokugcina, hhayi lokhu kwanamhlan­je njengalokh­u usubona umuntu ephumela endlini yokuphumul­a noma ekamelweni lakhe. Kubuhlungu-ke ngoba usuthola eminye imindeni ukufihlwa kwelungu lomndeni sekulawulw­a ngabantu okuthiwa abasebandl­eni abathwala ngisho isidumbu somuntu imbala, kuyasa ngakusasa abasekho labo bantu basebandle­ni sekusele umndeni wodwa nezinkinga.

Kuningi-ke okufanele ke sikunikeze umqondo uma sitshelwa khona. Kunezinto ezithi uma zikhulunyw­a uzibuze ukuthi lo muntu osho le nto, notsheliwe­yo umqondo bawusebenz­isile yini. Zikhona ziningi izinto ezifana nakho lokhu engikhala ngakho ukwakhiwa komsamo, wakhiwa kanjani, idlozi okuthiwa alikho ekhaya kuze kuthiwe wena awunamsamo nadlozi. Idlozi liphumile. Uhlangabez­ane nensumansu­mane kuthiwa abantu abadala abekho kuleli khaya kushiwo ikhaya likayihlo owazalelwa kulona waze wamdala, ubaba wakho owayegcina yonke into. Ilezi zinto okufanele noma uzitshelwa uke uzetshise njengenkom­o ungazithwa­li nje ngeqoma ngoba kufanele sikhumbule ukuthi isintu nesizulu sekwalahle­ka kudala. Kwakulula emandulo kwakunamak­hehla nezalukazi ezazikwazi ukweluleka. Namhlanje usuyaye uzwe umuntu ethi uma ngibuza ebantwini basho lokhu nalokhuya. Ilapho impilo yonke yakho iqala khona ukudideka nokulahlek­a ngoba uhambe ubuza emazaleni nawo angazi lutho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa