Makuqashwe amaphoyisa azogada ebusuku ezikoleni
MHLELI: Ngithintwe yinkulumo kamphathiswa wezemfundo unkk M Frazer, ephume kulo leli phephandaba lesizwe mayelana nokugqekezwa kwetinley
Manor Primary Kwadukuza. Okamadlanduna uthembise ukuthi uzoqinisa ezokuphepha kulesi sikole.
Empeleni umamshibe kumele aqinise ezokuphepha kuzo zonke izikole. Kumele aqashe amaphoyisa azogada ebusuku ngoba iningi lezikole ligqekezwa ebusuku. Ezinyangeni ezimbalwa ngisobuka, ngathola ukuthi ngayizolo kwakukade kugqekezwe iphiwayinkosi Primary.
Kwathiwa nezinye izikole ziyagqekezwa esizweni sendlov'edlofakazi. Kwamthethwa sekugqekezwe inqwaba yemizi izinsuku zilandelana. Kuthe kusabatshazwa lokho kwagqekezwa izikole ezingomakhelwane inkanyezi nemcuthungu ngobusuku obubodwa. Izigebengu ziyacanasa kwelikamthaniya.
Uma izigebengu zingenela amanxuluma abanumzane kulelwe zigcweleze abantu, yini ezovimba ukuba ziye ezikoleni lapho kufana nokuthi kukwasiziba esingakhali selesele.
Yilesi sizathu esenza ngithi umphathiswa akaqashe amaphoyisa azogada nasebusuku.
Kuyancomeka futhi okusanda kumenyezelwa ngundunankulu unomusa Dube-ncube ukuthi uzoxhasa ngezimoto nezinye izinsiza kusebenza izinhlaka ezilwa nobugebengu emalokishini. Okanzwakele akasondele nasemakhaya azoxhasa isikebhe nezinye izinhlaka ezilwa nobugengu.
Nakhona kubi abantu bahleli ngesinqe esisodwa, kodwa izenzo zobugebengu ezenzeka emakhaya kazifinyeleli kalula emithonjeni yezindaba. Bese kuba sengathi khona abukho ubugebengu. Empeleni kumele ngabe amaphoyisa ayaluza ubusuku bonke nkalo zonke zezwe emadolobheni nasemakhaya.
Phila Mthethwa
EMPANGENI