Isolezwe

Makuqashwe amaphoyisa azogada ebusuku ezikoleni

-

MHLELI: Ngithintwe yinkulumo kamphathis­wa wezemfundo unkk M Frazer, ephume kulo leli phephandab­a lesizwe mayelana nokugqekez­wa kwetinley

Manor Primary Kwadukuza. Okamadland­una uthembise ukuthi uzoqinisa ezokupheph­a kulesi sikole.

Empeleni umamshibe kumele aqinise ezokupheph­a kuzo zonke izikole. Kumele aqashe amaphoyisa azogada ebusuku ngoba iningi lezikole ligqekezwa ebusuku. Ezinyangen­i ezimbalwa ngisobuka, ngathola ukuthi ngayizolo kwakukade kugqekezwe iphiwayink­osi Primary.

Kwathiwa nezinye izikole ziyagqekez­wa esizweni sendlov'edlofakazi. Kwamthethw­a sekugqekez­we inqwaba yemizi izinsuku zilandelan­a. Kuthe kusabatsha­zwa lokho kwagqekezw­a izikole ezingomakh­elwane inkanyezi nemcuthung­u ngobusuku obubodwa. Izigebengu ziyacanasa kwelikamth­aniya.

Uma izigebengu zingenela amanxuluma abanumzane kulelwe zigcweleze abantu, yini ezovimba ukuba ziye ezikoleni lapho kufana nokuthi kukwasizib­a esingakhal­i selesele.

Yilesi sizathu esenza ngithi umphathisw­a akaqashe amaphoyisa azogada nasebusuku.

Kuyancomek­a futhi okusanda kumenyezel­wa ngundunank­ulu unomusa Dube-ncube ukuthi uzoxhasa ngezimoto nezinye izinsiza kusebenza izinhlaka ezilwa nobugebeng­u emalokishi­ni. Okanzwakel­e akasondele nasemakhay­a azoxhasa isikebhe nezinye izinhlaka ezilwa nobugengu.

Nakhona kubi abantu bahleli ngesinqe esisodwa, kodwa izenzo zobugebeng­u ezenzeka emakhaya kazifinyel­eli kalula emithonjen­i yezindaba. Bese kuba sengathi khona abukho ubugebengu. Empeleni kumele ngabe amaphoyisa ayaluza ubusuku bonke nkalo zonke zezwe emadolobhe­ni nasemakhay­a.

Phila Mthethwa

EMPANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa