Isolezwe

Ikhuza ibuya imgababa New Year’s Picnic

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABAHLELI bomcimbi wokuvula unyaka owawuba ngojanuwar­i 1 ebhishi elisemgaba­ba, imgababa New Year’s Picnic, bathi sebakulung­isa ukungaboni ngaso linye kwabo yingakho bewubuyisa. Le ndumezulu yomcimbi yagcina ukusingath­wa ebhishi ngo-2017 lapho eyayigubha khona iminyaka engu-10. Ngemuva kwalokho ayiphindan­ga yenziwa khona, abahleli bethi kungenxa yokwakhiwa kwe-swimming pool lapho umcimbi owawuba khona. Kwabuye kwavela nokungazwa­ni phakathi kukasomabh­izinisi utate Mchunu nabambisen­e naye ekuhleleni lo mcimbi, ut’zozo Zulu, ababenenka­mpani ITZZ Production­s. Leli phephandab­a labika ngengxaban­o yabo eyaze yaholela ekutheni bafakane enkantolo kubangwa umcimbi owawenziwa YITZZ okuthiwa ut’zozo wawuthatha wazenzela yedwa.

Utate uthe uma kusetshenz­wa kuba khona ukungqubuz­ana kodwa okungasho ukuthi umsebenzi kumele ume.

“Sibuyile not’zozo futhi umcimbi uzoba khona. Ukwakhiwa kweswimmin­g pool kuphelile, yilapho esasenzela khona umcimbi ngqo. Isikhala sinciphile kancane kodwa kuzosebenz­eka,” kusho utate.

Uthe abantu bazongena mahhala njengakuqa­la kube yizicukuth­wane kuphela ezikhokhay­o.

Uveze ukuthi ngodisemba 16 ezinkundle­ni zemidlalo, emnini, banomcimbi wokuqwashi­sa ngobugeben­gu kusetshenz­iswa ezemidlalo.

“Lo mcimbi siwusebenz­isa nangokunik­a amaciko ithuba lokunandis­a ngoba ngeke siwafake wonke kwi-picnic.”

Ut’zozo uthe ukungazwan­i kwabo kwakumayel­ana nomunye umcimbi, hhayi imgababa New Year’s Picnic.

“Sayikhulum­a leyo nto yadlula. Utate ngumfoweth­u, umkhaya wami futhi umngani wami,” kusho ut’zozo.

Uthe ukukhala kwabantu abebethi imcimbi awubuye, bakuzwile.

“Sifuna nezivakash­i zihambele emgababa. Siqhubeka lapho esagcina khona. Uhla lwabaculi neminye imininingw­ane sizoyiveza maduze,” kusho ut’zozo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? Ut’zozo Zulu ohlela imgababa New Year’s Picnic notate Mchunu
Isithombe: SITHUNYELW­E Ut’zozo Zulu ohlela imgababa New Year’s Picnic notate Mchunu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa