Isolezwe

U-otladisa akakayikho­lwa eyokunqoba isicoco nezimnyama

- SITHEMBISO MKHIZE

UBHOBOKA ngenjabulo abe nayo ephakamisa inkomishi yokuqala selokhu afika ebholeni elikhokhel­ayo, ukatlego Otladisa osanda kunqoba ne-orlando Pirates inkomishi YEMTN8.

Ngesikhath­i u-otladisa (27) ejoyina iplatinum Stars ngo-2017, uwaba ngomunye wabadlali abasebanca­ne abenza kahle kwipremier Soccer League (PSL).

Ngonyaka olandelayo usayiniswe imamelodi Sundowns. Ngendlela ayedlala kahle ngayo kwistars, kwakulinde­leke ukuthi uzofika kumabrazil­ians aqhubeke lapho ayegcine khona. Akubanga njalo njengoba eze wahamba engadlalan­ga nowodwa kulabo mpetha beligi.

Waqale washovelwa eqenjini ledstv Diski Challenge ngaphambi kokuboleki­swa kwicape Umoya nakwi-ajax Cape

Town eseyaziwa ngecape Town Spurs. Ngodisemba wango-2020, amabrazili­ans amemezela ukuthi amdedela ngokuphele­le.

Ngo-2021, wajoyina imarumo Gallants acishe wanqoba nayo inkomishi yokuqala kwisizini yokuqala bashaywa yisundowns kowamanqam­u enedbank Cup.

Kwedlule isizini, bamangaze abaningi befinyelel­a kowandulel­a owamanqamu ecaf Confederat­ion Cup. Ukudlala ngokuzimis­ela kugcine kumvulele amasango kwezimnyam­a. Ube nenhlanhla njengoba ethe efika kwaphela ishobolo lakhe leminyaka lokuhlulek­a ukunqoba inkomishi yokuqala.

Iqembu lakhe elisha livikele IMTN8 lishaya isundowns. Ngesikhath­i ipirates ihambele imaponya Mall, esoweto, lo mdlali oyibamba ohlangothi­ni lwesokunxe­le, uthe namanje akazi ukuthi angayichaz­a kanjani injabulo yakhe.

"I-MTN8 bekuyinkom­ishi yami yokuqala. Kube yinto enhle ukuthi ngiyinqobe neqembu elihlonish­wa nelikhulu e-afrika. Inhloso ngokuyijoy­ina bengifuna ukuzihlang­anisa neqembu elinqoba izinkomish­i. Ipirates yenza kahle kakhulu, ngesizini edlule banqobe izinkomish­i ezimbili. Bengifuna ukuba nalowo muzwa," ubeke kanje.

Kulo mqhudelwan­o, u-otladisa uthole ithuba lokudlala emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu. Nakhona ungene seliyoshon­a. Uthe isifiso sakhe ukuthola ijezi ukuze ezosiza iqembu lakhe ukushaya amagoli. Akakufihla­nga ukuthi njengoba esekwipira­tes ikhona ingcindezi.

Usadlale emithathu yeligi, emibili yecaf Champions League nowodwa WEMTN8. Uqhube wathi kumphoxile ukuphuma kwezakhe kwichampio­ns League. Abafikanga nasesigabe­ni samaqoqo. Bawashiswe ijezi yijwaneng Galaxy yasebotswa­na.

"Bengikubhe­ke ngabomvu ukudlalela ipirates kwichampio­ns League. Iyiqembu elihleleki­le. Angiqondil­e ukudelela imarumo. Ngebhadi sihlulekil­e kumele samukele". Ube esezwakali­sa ukuzwelana nemarumo ngokuyishi­ya isibheke ehlathini. Kube isimo esibuhlung­u kakhulu. Kuningi obekuqhube­ka ngaphakath­i eqenjini. Nokho sizamile ukuzinikel­a kodwa izinto zasiphika. Ngiyifisel­a inhlanhla," kusho u-otladisa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKATLEGO Otladisa umdlali we-orlando Pirates usafuna ukulwela ukudla ijezi kuleli qembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKATLEGO Otladisa umdlali we-orlando Pirates usafuna ukulwela ukudla ijezi kuleli qembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa