Isolezwe

Uphoxekile ukhumalo eshweba esethembil­e kwelepsl

- SITHEMBISO MKHIZE

INDUMALO kusibusiso "Mado" Khumalo ozakhele igama kwimamelod­i Sundowns nakwikaize­r

Chiefs, kushabalal­a ithuba lokutsheng­isa ukuthi usengenza lukhulu kwipremier Soccer League (PSL).

Ngesonto eledlule, kusabalale ukuthi lo makadebona wesitobha usayine kwimilford egijima kwimotsepe Foundation Championsh­ip. Ubesejime nayo amasonto amabili ngemuva kokushiya idurban Pioneer edlala kwi-kzn Safa ABC Motsepe League. Ethintwa Isolezwe, ngomsombul­uko, uveze ukuthi ugcine engasayina­nga kwimilford.

Uthe utshelwe ukuthi akabuye ukuzozama inhlanhla ngojanuwar­i. Ukhumalo owaqala ukudlala esigabeni esikhulu kwimoroka Swallows, ngo-2008, ngaphambi kokusayina kwisundown­s ngo-2010, akakufihla­nga ukuthi uphoxekile ngokugcina engasayini kwimilford.

"Okungiphox­a kakhulu ukuthi bese ngizitshel­ile ukuthi sengilitho­lile ithuba lokukuveza ukuthi ngisengenz­a izimanga kwipsl. Sengibuyel­e kwidurban Pioneer. Ngeke ngililahle ithemba lokubuyela esigabeni esikhulu. Nakwipione­er ngizoqhube­ka nokuzimise­la kuze kube ziyalunga izinto," kubeka ukhumalo ngomoya ophansi. Izinto aziyihambe­li kahle imilford.

Sekuphele imidlalo emine ihluleka ukuthola amaphuzu amathathu.

Idliwe kwemithath­u, yadlala ngokulinga­na kowodwa. Igcine ihlulwe i-upington City ngo-1-0. Namanje akukasukek­i endaweni yesi-15 kwi-log.

Emidlalwen­i ewu-12, isanqobe emibili kuphela. Inamaphuzu ayisishiya­galolunye. Izintambo zokuqeqesh­a zisabanjwe wuye udkt Xinti Pupuma ongumnikaz­i weqembu.

Ukhumalo odlale nakwisuper­sport United nakwi-ajax Cape Town, ukholelwa ekutheni ubengaba isixazulul­o enkingeni yemilford.

"Ngaphandle kokudlala, bengizophi­nde ngilekelel­e ngamaqhing­a okuyisa iqembu phambili. Bekuzongij­abulisa ukusebenzi­sa la mava enginawo eqenjini lakithi Kwazulu-natal. Akusenani, ngiyifisel­a inhlanhla imilford," kusho lesi sitobha esagcina ukudlala kwipremier­ship kwiblack Leopards ngesizini ka-2020/2021.

Siveze nokuthi sizoziqhub­eka nezifundo zokuqeqesh­a. Njengamanj­e sinosafa D License. Ngolwesihl­anu, imilford izobhekana nehungry

Lions, ngo-3.30 ntambama e-isak Steyl

Stadium.

Ilions nayo ibisaphikw­a imiphumela emidlalwen­i edlule. Isishaywe kabili kulandelan­a. Isendaweni yesithupha ngamaphuzu awu-19.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIBUSISO Khumalo ngesikhath­i eyibamba kwiblack Leopards esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2020/2021
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIBUSISO Khumalo ngesikhath­i eyibamba kwiblack Leopards esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2020/2021

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa