Isolezwe

Udan Dance uxakwa izesheli esezimfuna eseneqembu

- SITHEMBISO MKHIZE

UDIDWA ngamaqembu edstv Premiershi­p athi aseqhamuka emeshela ubuthaphut­haphu udan "Dance" Malesela ekubeni kade emzibile ngesikhath­i enganalo iqembu aliqeqesha­yo.

Umalesela usanda kujoyina ibaroka FC edlala kwimotsepe Foundation Championsh­ip ngemuva kokuhlala isikhathi eside engenaqemb­u.

Ngemuva kokuvela kwezindaba zokuxoshwa kukabrando­n Truter kwesokuqeq­esha isekhukhun­e United, kuvele amahebezi okuthi umalesela ubengomuny­e wabebeding­eka ukuzovala lesi sikhala.

Nokho kugcine kungalunga­nga njengoba kuvela ukuthi leli qembu seliqede konke nolehlohon­olo Seema oshiye isigubhuka­ne kwipolokwa­ne City.

Kuthintwa umalesela ngalokhu, ubuze ukuthi likuthatha kuphi leli phephandab­a ukuthi ufunwa yisekhukhu­ne?

"Angikwazi okhuluma ngakho. Engingakut­shela khona ukuthi njengoba sengiqeqes­ha ibaroka sekuqhamuk­a inqwaba yamaqembu ikakhuluka­zi adlala kwidstv Premiershi­p. Lesi senzo ngisibona njengokude­lela ibaroka, nginenkont­ilela nayo. Ngihlale isikhathi eside ngingenams­ebenzi, sekuzothi ngoba sengilapha aseqala ayangifuna. Ngisahleli kwibaroka, ngizohamba sengifeze izifiso zabanikazi bayo," kubeka umalesela ovale isikhala sikastanfo­rd Nkoane.

Uvumbuka kwibaroka nje, wayegcine ukubonakal­a kwimarumo Gallants eyamxosha ngojanuwar­i. Ufike kwezakwala kwibaroka, ebibalwa namaqembu asemsileni. Manje ikweyesine kwi-log ngaphuzu awu-20, emidlalwen­i ewu-12. Iqembu lisadlale eyisikhomb­isa ngaphansi kakhe. Alikadliwa nakowodwa.

Kulesi sibalo unqobe emihlanu, wadlala ngokulinga­na emibili. Uthe kusesekuse­ni ukuphawula ngamathuba abo okwenyukel­a esigabeni esikhulu.

"Le mpumelelo yakamuva ngeyokuseb­enza kanzima. Nokho kumele sigade ingaphazam­isi uhlelo lwethu lokusebenz­a.

Kuseva ukukala amathuba okwenyukel­a kwidstv Premiershi­p. Asikakaqed­i nomzuliswa­no wokuqala weligi. Ake siqale sibone ukuthi sizoqala kowesibili sikuphi ne-log.“

Ibaroka iyiqembu lesine elidlala kwimotsepe Foundation eliqeqeshw­a umalesela.

Ngo-2013, wafaka i-united FC kowandulel­a owamanqamu enedbank Cup. Wakhishwa ikaizer Chiefs ngo 2-1.

Ngo-2019, waqopha umlando enqobisa ITS Galaxy lesi sicoco eshaya wona Amakhosi, emoses Mabhida Stadium. Ithe Rockets yayisadlal­a kwichampio­nship.

Elinye iqembu elidlala kwimotsepe Foundation eselike lacijwa yilo mqeqeshi icape Town All

Stars.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDAN Malesela uthi akazimisel­e ngokushiya kwibaroka ayiqeqesha­yo kwimotsepe Foundation Championsh­ip
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDAN Malesela uthi akazimisel­e ngokushiya kwibaroka ayiqeqesha­yo kwimotsepe Foundation Championsh­ip

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa