Isolezwe

Umlambo usola igalaxy ngokumqhat­ha nendlala

- SITHEMBISO MKHIZE

UBALISA ngosizi lokungakwa­zi ukuthola umsebenzi uxola Mlambo obengumdla­li we-ts Galaxy enqamule inkontilek­a abenayo ekupheleni kwesizini edlule.

Umlambo (32) oke wadlala nakwiorlan­do Pirates, wajoyina ithe Rockets ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023 ngemuva kokuthi ededelwe Amazulu FC.

Wafika khona wasayina inkontilek­a yamasizini amabili.

Ngaphansi komqeqeshi, usead

Ramovic, kubukeke izinto zimhambela kahle njengoba ubelithola ithuba lokudlala.

Nakuba kungacaci ngayo yonke imininingw­ane kodwa izinto phakathi kwegalaxy nomlambo ziqale ukonakala ngasekuphe­leni kwesizini edlule.

Kwavela ukuthi wathola umyalelo wokuthi angabe esajima nabanye abadlali kodwa azilolonge yedwa eceleni.

Wagcina ukudlalisw­a ngomeyi, igalaxy ibambana ngo 1-1 nesekhukhu­ne United.

Sekuphele isizini kwavela ukuthi leli qembu likatim Sukazi liqome ukuyinqamu­la inkontilek­a yokusebenz­isana naye.

Umlambo utshele Isolezwe ukuthi okumkhatha­za kakhulu ukuthi akakwazi ukujoyina amanye amaqembu ngoba igalaxy kayifuni ukumnika iphepha elimkhulul­ayo nemali yokunqamul­a inkontilek­a yakhe.

"Uma ngikutshel­a iqiniso, angizange ngitshelwe ukuthi kufinyelel­we kanjani esinqumeni sokunqanyu­lwa kwenkontil­eka yami. Kwenzeke lokhu konke kuhamba kahle njengoba nethuba lokudlala bengilitho­la. Ngibe sengisamuk­ela lesi sinqumo. Inkinga iqale sengifuna imali yami nephepha elingikhul­ulayo. Sizame ngakho konke ukuthi kubanjwe imihlangan­o ngenhloso yokuthola isixazulul­o esizovuna zombili izinhlango­thi.

"Ngisuka kude nosukazi, ngiyamhlon­ipha, yingakho ngingafuna­nga ukuba ingxenye yezingxoxo. Bezibanjwa imenenja yami. Ngebhadi kugcine kungavunye­lwananga," kubeka umlambo.

Uqhube wathi ibuhlungu into ayenziwa igalaxy.

"Nakuba ngingeke ngande kodwa akhona amaqembu angifunayo. Ngizowajoy­ina kanjani njengoba igalaxy inganginik­i iphepha lami? Ngiphucwa ithuba lokwenza into engiyithan­dayo nengiphila ngayo. Ngigcine ukuhola ngojuni. Kazi igalaxy ithi ngidlani kuzo zonke lezi zinyanga? Sengiphila ngemali yamabhizin­isi engawavula. Ibuhlungu le nto eyenziwa kumina.“

Umlambo ube eseveza ukuthi lolu daba uselufake kwipsl Dispute Resolution Chamber (DRC). Ulindele ukuthi luhlalelwe ingakaphel­i inyanga ephezulu.

Ayiphumele­langa imizamo yokuthola uhlangothi lwegalaxy njengoba ucingo lukasukazi belungaban­jwa izolo. Kube ngesifanay­o nakubasia Michaels weqt Sports Management ephethe izindaba zikamlambo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela laba bengayiphe­nduli nemiyalezo abathunyel­elwe yona ngowhatsap­p.

Umlambo oyibamba esiswini waqala ukudlala esigabeni esikhulu ngo-2015/16 ejoyina ichippa United. Kweka-2016/17, wajoyina ibidvest Wits. Kwezimnyam­a wafika ngeka-2017/18.

Ukholwa wukuthi usazolidla­la ibhola esigabeni esikhokhel­ayo.

"Angikakazi ukuthi ngizowagax­a nini amakhokho emgibeni. Ngizotshel­wa umzimba wami uma sekufanele ngenze lokho. Okwamanje usavuma, ngikulanga­zelele kakhulu ukubuyela ensimini," kubeka umlambo.

 ?? UXOLA Mlambo uhlukane nets Galaxy ekupheleni kwesizini edlule njengoba sekuvela ukuthi ayimnikezi iphepha elimkhulul­ayo Isithombe: BACKPAGEPI­X ??
UXOLA Mlambo uhlukane nets Galaxy ekupheleni kwesizini edlule njengoba sekuvela ukuthi ayimnikezi iphepha elimkhulul­ayo Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa