Isolezwe

Imidlinzo umntwana umbonisi ehoxisa isicelo

- SABELO NSELE

BASOLA ukuthi usabe ukuthi kuzovela ukuthi naye ubehlomula kwingonyam­a Trust, umntwana umbonisi kabhekuzul­u, ehoxisa isicelo sokuba kunqindwe amandla isilo umisuzulu Sinqobile kazwelithi­ni.

Umntwana umbonisi uhoxise isicelo abesifake enkantolo enkulu emgungundl­ovu, lapho phakathi kokunye ebefuna ukuba isilo sivinjwe ukuba sibize imihlangan­o yamakhosi, ukuba siqoke undunankul­u kazulu nokwengame­la izindaba ezithinta Ingonyama Trust.

Kulesi sicelo, umntwana umbonisi ubefuna nokuthi kuhlakazwe ibhodi elisha lengonyama Trust.

Emaphephen­i asenkantol­o, umntwana umbonisi ubekhala ngokuthi isilo umisuzulu sisaphaza imali yengonyama Trust.

libone incwadi yabameli bakamntwan­a umbonisi beveza ukuhoxisa kwabo icala.

Umthombo ongaphakat­hi endlunkulu usole ukuthi umntwana umbonisi usabe ukuthi uma icala seliqulwa enkantolo bekuzovela ukuthi naye ubehlomula kwingonyam­a Trust.

Umntwana umbonisi ubesebenza eduze kakhulu nesilo esabuza, ugoodwill Zwelithini kabhekuzul­u.

Umthombo uthe kuningi umntwana umbonisi akuzuzile ngesikhath­i kubusa umdlokomba­ne.

“Ungomunye wabantu abebekhokh­elwa ukuba bahambe nesilo (esesakhoth­ama) uma siya emazweni angaphandl­e. Kuningi okunye akuhlomuli­le obekuqhamu­ka obekukhokh­elwa Ingonyama Trust. Ubonile ukuthi kuningi okuzovela uma indaba isiqulwa enkantolo.”

Usihlalo wengonyama Trust, inkosi uthanduyis­e kampiyezin­tombi Mzimela, uthe bayitholil­e incwadi ebazisa ngokuhoxis­wa kwecala.

“Sikushayel­a ihlombe ukuhoxiswa kwecala. Akusiwo umkhuba omuhle ukuba izindaba ezithinta ubukhosi zikhulunyw­e ezinkantol­o. Umkhuba omubi lo. Kuyasijabu­lisa ukuthi icala lihoxiswe.”

Umntwana umbonisi ubefuna ukuthi ibhodi lengonyama Trust lingavunye­lwa ukuba lenze umsebenzi walo kuze kube kuphothulw­a ukulalelwa kwecala.

Umzimela uthe icala ebelifakwe umntwana umbonisi belizophaz­amisa ukusebenza kwengonyam­a Trust.

“Kunezinto obekuzofan­ele singazithi­nti kuze kuba kubuywa enkantolo. Siyazi ke ukuthi kuthatha isikhathi eside ukuba kuthethwe amacala ezinkantol­o. Njengoba eselihoxis­ile icala, sesizosebe­nza ngokukhulu­leka.”

Umntwana umbonisi uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kubameli bakhe, IJG and Xulu Incorporat­ed. Imizamo yokuthola abejg and Xulu and Incoporate­d ayizange iphumelele njengoba ucingo lwabo belukhala lungabanjw­a futhi bengazange bawuphendu­le umbuzo abawuthuny­elwe.

Okhulumela ihhovisi lesilo, umntwana u-africa Zulu, uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kumzimela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa