Isolezwe

Zimkhalele ‘obegwazisa abezitolo zabokufika’

- KHULEKANI MASEKO

UZOBUYELA ngolwesihl­anu enkantolo yemantshi yasevryhei­d umsolwa okhalelwe amasongo kasigonyel­a emva kokuvela ukuthi ubeqola ephindelel­a abezitolo bokufika kuleli ngokubafun­a izimvume zokuhweba.

Kuthiwa lona bekuwumseb­enzi abesephile ngawo iminyaka.

Umnuz Jabulani Dlangamand­la (45) ubhekene necala lokuzenza umsebenzi womnyango wezasekhay­a, elenkohlak­alo nelokukhwa­banisa.

Umsolwa ubingelele inkantolo ngolwesihl­anu olwedlule kanti uzobhadla esitokisin­i kuze kube ulwesihlan­u nokuyilaph­o ezofaka khona isicelo sebheyili.

Umsolwa kuthiwa ubengena ezitolo zabokufika acele ukukhonjis­wa imvume yokusebenz­a, uma owokufika engenayo noma engayiphet­he amgwazise u-r1 000.

Umthombo wesolezwe osondelene nalolu daba, uthe selokhu aqala ukumazi udlangaman­dla ngo-2008, ubezitshel­a ukuthi uyisikhulu kulo mnyango kwazise kade aqala ukudlubha izikibha zawo eqola abantu.

“Kusho ukuthi ulahlwe elakubo ngosuku aboshwe ngalo ngoba kuthiwa ubesevele esengene ezitolo zabofika ezintathu. Kuthiwa isenzo sakhe bese sivele siqala ukubasolis­a abanye, okuthe uma engena kwesinye isitolo umnikazi waso wamcela incwadi eyimvume emgunyaza ukwenza umsebenzi, wahluleka ukuyikhiph­a,” usho kanje.

Uthe uma ebona ukuthi inhlanzi ishelwa ngamanzi, wazama ukuthathel­a ngejubane ebheke emotweni yakhe, kwabe usindwe izinyawo, abanikazi bezitolo zabokufika bameqela, bathatha izikhiye zemoto ngaphambi kokuthi babize amaphoyisa, aboshwe.

Lo mthombo uveze ukuthi ngisho unkosikazi kadlangama­ndla ubazi ukuthi uwumsebenz­i kulo mnyango njengoba kuthiwa ubevuka njalo ewumuntu oya emsebenzin­i abuye ntambama futhi enamapaysl­ip okukholaka­la ukuthi ubezakhela wona.

Kuthiwa ubehlezi ephethe i-laptop uma eqola kanti ubengagcin­i lapho, kusolwa ukuthi ubekhiqiza izimvume ezingekho emthethwen­i okukholaka­la ukuthi kukhona abesebenzi­sana nabo ngaphakath­i emahhovisi.

Kuvele ukuthi phambilini umsolwa ubeke wathola inkontilek­a yesikhasha­na yokuthwebu­la izithombe ehhovisini elingaphan­si kwalo mnyango okukholaka­la ukuthi yikhona okwamnika ulwazi ngezinto eziningi zangaphaka­thi.

Ngesikhath­i eboshwa kuthiwa utholwe nenqwaba yezitifike­ti zomgunyath­i, yi-laptop okukholaka­la ukuthi uyayiseben­zisa nezikibha zomnyango ezibhalwe izibongo ezehlukile kwesakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa