Isolezwe

Kuvulwe ihhovisi lesassa lesikhasha­na echatswort­h

- BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zivakashel­a izindlebe kubantu basechatsw­orth namaphethe­lo emuva kokuvulwa kwehhovisi lesikhasha­na elibasiza ngezibonel­elo zikahulume­ni kule ndawo.

Ngomsombul­uko, imenenja yesouth African Social Security Agency of South Africa (Sassa) Kwazulu-natal, unkk Thamo Mzobe, ibiyohlola ukusebenza kwaleli hhovisi.

Unkk Mzobe uthe amahhovisi abathuthel­e kuwona awomnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i lapho bekusebenz­ela khona osonhlalak­ahle.

“Okwamanje sizosebenz­ela lapha ngoba sifuna ukusiza abantu bethu.

Siyabonga emnyangwen­i wezokuthut­hukiswa komphakath­i ngokusibhe­kelela ngendawo yesikhasha­na esizoseben­zela kuyona. Sesilithol­ile ihhovisi, alikho kude nalapha abantu bazokwazi ukufinyele­la kalula kulona. Silinde umnyango wemisebenz­i kahulumeni ukuthi usinikeze imvume yokuthuthe­la kulona njengoba silandela imiyalelo yalo mnyango uma kuza ezakhiweni esisebenze­la kuzona,” kuchaza unkk Mzobe.

Ukhulume nabasebenz­i nabantu akade bezocela usizo kuleli hhovisi.

Unkk Gloria Thembisile

Kweyama wakwandeng­ezi, obeyoshint­sha indlela yokuhola isibonelel­o sakhe, uthe uyajabula ukuthi amahhovisi akwasassa asevuliwe echatswort­h.

“Bengiphath­eke kabi ukuthi njengoba ngifuna ukuthi imali yami ingabe isafakwa eposini kodwa ngihole ebhange ngizoba nenkinga. Phela besekufane­le ngiye epinetown lapho simiswa khona elangeni. Ngijabulil­e uma ngizwa ukuthi asevuliwe amahhovisi akwasassa lana ngoba asimi isikhathi eside futhi sihlaliswa emthunzini, bayashesha nabasebenz­i balapha,” kusho unkk Kweyama.

Uthe useshintsh­ela ebhange ngoba ukhathele wukuthi imali ibambezele­ke ngenxa yezinkinga zasepostba­nk.

Unkk Sthembile Magwaza obhekelele ukusebenza kwehhovisi lakwasassa, echastwort­h, uthe bajabule kakhulu ngokuthuth­ela ehhovisi elisha eliseduze kwalapho bebesebenz­ela khona.

Uveze ukuthi ibhilidi akade besebenzel­a kulona belinetha sengathi yisisefo, bengakwazi nokusiza abantu kulona ngenxa yokuthi amaphepha ebeba manzi.

Uthe bebengahla­liseki uma lina kodwa manje bayajabula ngoba basebenzel­a endaweni ephephile futhi ibhilidi elisha liseduze nenxanxath­ela yezitolo namatekisi. Lokhu kuzobasiza abantu ngoba ngeke bangene ezindlekwe­ni ukuya emahhovisi amasha.

 ?? Isithombe: BONISWA MOHALE ?? IMENENJA yakwasassa Kwazulu-natal, unkk Thamo Mzobe
Isithombe: BONISWA MOHALE IMENENJA yakwasassa Kwazulu-natal, unkk Thamo Mzobe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa