Isolezwe

Ubalisa ngecala elingaphel­i umndeni kabobo

- SIMPHIWE NGUBANE

UBALISA ngokuqulwa kwecala okungaphel­i, osekungene­la onyakeni wesine unina wowayengum­fundi ka-matric, u-andile “Bobo” Mbuthu (16), owabulawa ngesihluku.

Leli bhungu lashaywa laze lashona lisolwa ngokweba utshwala othongathi, ethekwini, ngo-2020. Inkantolo yesifunda yaseverula­m ngolwesihl­anu ikuhlehlis­ele ufebhuwari 2024 ukulalelwa kobufakazi.

Unksz Zodwa Jali, ongunina omncane kabobo, uthe akumnandi kubona bewumndeni ukuhlehla kwecala nokuyinto ebaphethe kabi.

“Udadewethu (unina kabobo) uyadinga ukwelulekw­a ngokwengqo­ndo ngoba abantu abasolwa ngokubulal­a ingane yakhe ngesihluku esingaka bangaphand­le ngebheyili, bakhululek­ile. Icala selidonse isikhathi eside futhi njalo uma abantu bexoxa ngalo thina sizwa ubuhlungu ngoba akufikwa emaphethel­weni,” kuchaza unksz Jali.

Abamangale­lwa abahlanu, abaqala ukugqigqa inkantolo ngo-2020, bathweswe icala lokubulala ngenhloso nelokuthum­ba.

Ummeli wabamangal­elwa, umnuz Chris Gounden, uthe icala lihlehlele unyaka ozayo ukuze kuqhutshek­we nokwenziwa kwezethulo. Phambilini inkantolo yasichitha isicelo sikagounde­n sokuba abamangale­lwa bakhishwe phambili kuleli cala emuva kokuthi umbuso uphothule uhlelo lwawo lokubiza ofakazi.

Umbuso uthi ubobo wayesolwa ngokweba utshwala bendawo yobumnandi ayebamba kuyo itoho, imagagula Lounge ehambanath­i, okwakungey­esihlobo sakhe esabulawa ngo2021, umlungisi Thabethe.

Ubufakazi obethulwa enkantolo yibhungu elaliseben­za emagagula, liwumngani kabobo futhi elabamba iqhaza ngesikhath­i eshaywa, bathi umufi wabulawelw­a kule ndawo qede sashushumb­iswa isidumbu sakhe kwayiwa naso ebhamshela.

Lo wesilisa, owaphenduk­a ufakazi wombuso, watshela inkantolo ukuthi isidumbu sikabobo safakwa emphongolw­eni, sabaselwa ngezinkuni sasha saba umfunzane kwathi izinsalela zaso zahlakazwa ngepiki zaba izingcucu. Lezo zingcucu kuthiwa zafakwa koplastiki zayolahlwa emfuleni zagcina zitholwe amaphoyisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa