Ubalisa ngecala elingapheli umndeni kabobo
UBALISA ngokuqulwa kwecala okungapheli, osekungenela onyakeni wesine unina wowayengumfundi ka-matric, u-andile “Bobo” Mbuthu (16), owabulawa ngesihluku.
Leli bhungu lashaywa laze lashona lisolwa ngokweba utshwala othongathi, ethekwini, ngo-2020. Inkantolo yesifunda yaseverulam ngolwesihlanu ikuhlehlisele ufebhuwari 2024 ukulalelwa kobufakazi.
Unksz Zodwa Jali, ongunina omncane kabobo, uthe akumnandi kubona bewumndeni ukuhlehla kwecala nokuyinto ebaphethe kabi.
“Udadewethu (unina kabobo) uyadinga ukwelulekwa ngokwengqondo ngoba abantu abasolwa ngokubulala ingane yakhe ngesihluku esingaka bangaphandle ngebheyili, bakhululekile. Icala selidonse isikhathi eside futhi njalo uma abantu bexoxa ngalo thina sizwa ubuhlungu ngoba akufikwa emaphethelweni,” kuchaza unksz Jali.
Abamangalelwa abahlanu, abaqala ukugqigqa inkantolo ngo-2020, bathweswe icala lokubulala ngenhloso nelokuthumba.
Ummeli wabamangalelwa, umnuz Chris Gounden, uthe icala lihlehlele unyaka ozayo ukuze kuqhutshekwe nokwenziwa kwezethulo. Phambilini inkantolo yasichitha isicelo sikagounden sokuba abamangalelwa bakhishwe phambili kuleli cala emuva kokuthi umbuso uphothule uhlelo lwawo lokubiza ofakazi.
Umbuso uthi ubobo wayesolwa ngokweba utshwala bendawo yobumnandi ayebamba kuyo itoho, imagagula Lounge ehambanathi, okwakungeyesihlobo sakhe esabulawa ngo2021, umlungisi Thabethe.
Ubufakazi obethulwa enkantolo yibhungu elalisebenza emagagula, liwumngani kabobo futhi elabamba iqhaza ngesikhathi eshaywa, bathi umufi wabulawelwa kule ndawo qede sashushumbiswa isidumbu sakhe kwayiwa naso ebhamshela.
Lo wesilisa, owaphenduka ufakazi wombuso, watshela inkantolo ukuthi isidumbu sikabobo safakwa emphongolweni, sabaselwa ngezinkuni sasha saba umfunzane kwathi izinsalela zaso zahlakazwa ngepiki zaba izingcucu. Lezo zingcucu kuthiwa zafakwa koplastiki zayolahlwa emfuleni zagcina zitholwe amaphoyisa.