Isolezwe

Uramaphosa ufuna kushintshw­e uhlelo lwezemfund­o ezikoleni

- MHLENGI SHANGASE

U MENGAMELI Cyril Ramaphosa ufuna kushintshw­e uhlelo lokufunda nokufundis­a ezikoleni zakuleli, ukuze luhambisan­e nezinto ezidingeka manje. Uramaphosa uthe kudingeka kukhuculul­we lolu hlelo kungafundi­swa ngezinto ezindala kakhulu kodwa kuthintwe izinto ezifana nentando yeningi. “Kudingeka uhlelo lwezemfund­o lukhuculul­we, imfundiso ngezinto ezithinta ababefika benze abantu izigqila, kufundwe ngentando yeningi nendlela abantu abaphila ngayo, siyekwe ukutshelwa ngezinto ezenzeka emandulo. Umlando ubalulekil­e kodwa ziningi izinto okungafund­wa ngazo, ngaphandle kokufunda ngenqubo yalabo ababefika badle izwe,” kusho uramaphosa. Ukusho lokhu izolo ekhuluma engqungqut­heleni ehlanganis­a amazwe ase-afrika, i-education Internatio­nal kuguqulwe umkhakha wezemfundo ukuze uhehe intsha ukuthi ingene kuwona. Uthe njengoba kuza umkhankaso wokunqanda ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane, kudingeka kufundiswe abesilisa ukuthi bayeke ukuhlukume­za. “Lo mkhankaso wezinsuku ezingu-16, ubaluleke kakhulu yingakho kumele kufundiswe abafana besebancan­e ukuthi kumele bawuyeke lo mkhuba. Kubaluleki­le ukuthi kugqanyisw­e nenyanga yabesilisa neqhaza labo ekufukulen­i izwe.” Uthe le ngqungquth­ela yagcina ukubanjelw­a kuleli ngo-2001. “Le ngqungquth­ela ihlanganis­a zonke izinyunyan­a ezinhlanu zothisha kuleli. Lezi zinyunyana yisadtu, Naptosa, Natu, SAOU NEPEU.” Uramaphosa uthe uyafisa ukuthi kube nenyunyana eyodwa ukuze kube lula uma sekuyisikh­athi sezingxoxo. 10th Africa esandton. Uthe elakuleli liqale ngezifundo ezintsha ezifaka icoding nerobotics njengoba izinto zishintsha emhlabeni. Uveze ukuthi isimo sasinzima kwezemfund­o ngesikhath­i kuhlasele ubhubhane icovid-19 emhlabeni. “Abazali babemanqik­a ukuhambisa izingane zabo ezikoleni. Babesaba ukuthi izingane zabo kungenzeka zizithole sezihaqwa yilolu bhubhane. Kwakubuhlu­ngu ngesikhath­i kushona abazali ngesikhath­i secovid-19,” kusho uramaphosa. Uthe ziningi nezinye izinto okumele kufundwe ngazo ezikoleni okubalwa ukucwasa ngokwebala, amalungelo abantu nezinye izihloko ezizothuth­ukisa abafundi, nezwe. “Imfundo kumele kube ekawonke wonke, hhayi idlanzana. Izikole kumele kube yizindawo eziphephil­e, kuhlonishw­e wonke amalungelo abafundi.” Umengameli wesadtu, umnuz Magope Maphila, uthe kudingeka

 ?? ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa