Kusolwa amaphoyisa ngokushaya umsolwa aze azingcolise
UMMANGALELWA wokuqala ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa, umnuz Muzikawukhulekwa Sibiya uthi amaphoyisa amshaya waze wazingcolisela emvumisa icala. Lezi zinsolo zivezwe wummeli kasibiya u-advocate Thulani Mngomezulu ngesikhathi ephonsa imibuzo kufakazi.
Umeyiwa wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe ewumculi ukelly Khumalo, evosloorus, egauteng. Izolo usuku luqale kabi ngesikhathi kubheda umshini wokuqopha nokuphoqe ukuthi icala lithi ukuma kusalungiswa.
Umphenyi usergeant Bathobaka Mogola ubelandisa inkantolo ngokwenzeka bephenya beze bebopha abasolwa. Inkantolo ilalele isicelo sokuthi kuchithwe ubufakazi lapho okuthiwa abamangalalelwa bavuma khona amacala.
Umbuso umi ngezitatimende othi zasayinwa abamangalelwa emuva kokuhlambuluka ngokubulala umeyiwa baze bachakida nabanye ababekhona. Abamangalewa bathi baphoqwa ukuvuma icala ngoba babeshaywa kanzima.
Umngomezulu ubuze umogola ukuthi uyakwazi yini ukuthi usibiya washaywa waze wazingcolisela.
“Ummangalelwa wokuqala uthe angisho ukuthi washaywa kanzima waze wazingcolisa, waze wacela ukuyoshintsha izimpahla zokugqoka,” kusho umngomezulu. Umogola uthe uyavuma ukuthi usibiya wacela ukushintsha izimpahla kodwa wayengashintsheli ukuthi uzingcolisele.
“Nkosi yenkantolo ummangalelwa wathi ibhulukwe lakhe libiza kakhulu kwakungeke kulunge ukuthi aye ngalo ejele ngoba iziboshwa zazizomphuca noma lingcole. Ayikho indaba yokuthi washaywa waze wazingcolisa,’’ kusho umogola.
Udaba lwebhulukwe aluqali ukuvela enkantolo ngoba phambilini lwavela kuthiwa usibiya wayefake ibrentwood. Kuthiwa wacela ukushintsha ngoba ebabaza ukubiza kwalo.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkatolo namuhla.