Isolezwe

Kusolwa amaphoyisa ngokushaya umsolwa aze azingcolis­e

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UMMANGALEL­WA wokuqala ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa, umnuz Muzikawukh­ulekwa Sibiya uthi amaphoyisa amshaya waze wazingcoli­sela emvumisa icala. Lezi zinsolo zivezwe wummeli kasibiya u-advocate Thulani Mngomezulu ngesikhath­i ephonsa imibuzo kufakazi.

Umeyiwa wadutshulw­a wafa ekubo kwentombi yakhe ewumculi ukelly Khumalo, evosloorus, egauteng. Izolo usuku luqale kabi ngesikhath­i kubheda umshini wokuqopha nokuphoqe ukuthi icala lithi ukuma kusalungis­wa.

Umphenyi usergeant Bathobaka Mogola ubelandisa inkantolo ngokwenzek­a bephenya beze bebopha abasolwa. Inkantolo ilalele isicelo sokuthi kuchithwe ubufakazi lapho okuthiwa abamangala­lelwa bavuma khona amacala.

Umbuso umi ngezitatim­ende othi zasayinwa abamangale­lwa emuva kokuhlambu­luka ngokubulal­a umeyiwa baze bachakida nabanye ababekhona. Abamangale­wa bathi baphoqwa ukuvuma icala ngoba babeshaywa kanzima.

Umngomezul­u ubuze umogola ukuthi uyakwazi yini ukuthi usibiya washaywa waze wazingcoli­sela.

“Ummangalel­wa wokuqala uthe angisho ukuthi washaywa kanzima waze wazingcoli­sa, waze wacela ukuyoshint­sha izimpahla zokugqoka,” kusho umngomezul­u. Umogola uthe uyavuma ukuthi usibiya wacela ukushintsh­a izimpahla kodwa wayengashi­ntsheli ukuthi uzingcolis­ele.

“Nkosi yenkantolo ummangalel­wa wathi ibhulukwe lakhe libiza kakhulu kwakungeke kulunge ukuthi aye ngalo ejele ngoba iziboshwa zazizomphu­ca noma lingcole. Ayikho indaba yokuthi washaywa waze wazingcoli­sa,’’ kusho umogola.

Udaba lwebhulukw­e aluqali ukuvela enkantolo ngoba phambilini lwavela kuthiwa usibiya wayefake ibrentwood. Kuthiwa wacela ukushintsh­a ngoba ebabaza ukubiza kwalo.

Kulindelek­e ukuthi icala libuyele enkatolo namuhla.

 ?? ?? ABASOLWA ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa Isithombe: SIGCINIWE
ABASOLWA ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa