Isolezwe

Ligaya ngomunye umhlathi kwabafaka izicelo ZENSFAS

- MHLENGI SHANGASE

LUSHINTSHI­LE uhlelo lokufakwa kwezicelo zoxhaso esikhwamen­i inational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) nonyaka.

Ungqongqos­he wemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande, uthe kulo nyaka ngeke kudingeke izinto eziningi ngoba basebenzis­ana nophiko oluqoqa intela ISARS, kanjalo nesassa.

“Uma ufaka isicelo kudingeka umazisi wakho neminining­wane yakho kuphela. Akudingeki imiqingo ebidingeka phambilini uma usafaka isicelo. Lokhu sikwenza ukuze siphucule izinto njengoba sisebenza NESARS nesassa. Sicela izitshuden­i ukuthi zifake izicelo zingalindi amathonsi abanzi. Akudingeki nemiphumel­a ka-matric ukuze ufake isicelo,” kunxusa ungqongqos­he unzimande.

Uxwayise abazofaka izicelo ukuthi bangathath­i amashansi ngoba bazobabamb­a.

“Ngeke sibabekeze­lele abazoqola

INSFAS. Sizoyibhek­a imininingw­ane yalabo abafaka izicelo njengoba sisebenzis­ana nalezi zinhlaka.”

Unzimande uhlabe ikhwelo kubazali ukuthi bazi lapho kuhlala khona izingane zabo noma kuthiwa sezifunda emanyuvesi noma emakolishi. Uthe abazali akumele bathi ngoba ingane yabo isifunda esikhungwe­ni semfundo ephakeme, bazitshele ukuthi isindala ayisadingi ukweluswa.

“Kuyangikha­thaza ukuthi abazali uma ingane isisenyuve­si, bathi isindala bese bengayilus­i. Kubaluleki­le ukuthi bayazi ukuthi ihlalaphi, nokuthi ihlala endaweni enjani. Abazali abazi uma izingane zabo zifaka izicelo,” kusho unzimande.

Ukusho lokhu izolo ngesikhath­i ekhuluma ngokuvulwa kwewindi lokufaka izicelo esikhwamen­i esixhasa ngemali yokufunda inational Students’ Financial Aid Scheme.

Ukufakwa kwezicelo kuvulwe kusuka izolo kanti kuzoze kuvalwe ngojanuwar­i 31, 2024. Unzimande ukhale nangabazal­i

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa