Isolezwe

Bayazifela abesifazan­e ngempandla nembungcul­u

-

YADLISA amadoda athanda ukugunda izinwele noma angenazo nhlobo ebantwini besifazane, ngokombiko wocwaningo. Lolu cwaningo olwenziwe yinkampani ebheka ukuziphath­a kwabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a ebizwa ngereboot, luthi u-87% wabesifaza­ne uyazifela ngenkosana yamangisi enempandla, umntwana uwilliam. Lolu cwaningo luveza ukuthi abesifazan­e bayazifela ngekhanda elibenyeze­layo, babuye babheke ukuthi umcebo wowesilisa umi kanjani, ubude bakhe nephimbo. Umntwana uwilliam uhambe phambili ngenxa yempandla yakhe kanti kuthiwa abesifazan­e abawu-37 000, bathe bayazifela ngaye. Endaweni yesibili kube ngumlingis­i uvin Diesel onembungcu­lu. Ngaphandle kwembungcu­lu yakhe nokuba yisidlakel­a, kuvela ukuthi abesifazan­e bayazifela nangephimb­o lakhe. Indawo yesithathu ithathwe ngujason Statham, onempandla okuthiwa bawu-26 000 abesifazan­e abahlale befuna ukubona izithombe zakhe eqimbile ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Indawo yesine ithathwe ngusamuel L Jackson, okuthiwa abesifazan­e bathi uguga njengawayi­ni elisezinge­ni eliphezulu. Kuthiwa bachazwa yiphimbo lakhe, umcebo kanjalo nobude bakhe. Isigwili sase-usa, ujeff Bezos, silale endaweni yesihlanu. Kuthiwa abesifazan­e bahlale befuna ukwazi ngomcebo wakhe, abanye bafuna izithombe zakhe eqimbile nokuthi wawakha kanjani umcebo wakhe. Abanye abangenile ohlwini lwamadoda athandwa ngabesifaz­ane, ngumichael B Jordan, abesifazan­e kuthiwa bazifela ngomzimba wakhe. Ukhona nodwayne Johnson abazifela ngempandla yakhe, ubude nokuba yisidlakel­a. Ushemar Moore akasalanga ngaphandle

njengoba kuthiwa abesifazan­e bachazwa yimbungcul­u yakhe, ukondleka nokubukeka kwakhe. Umdlali wakudala we-basketball ushaquille O’neal, uthandwa ngenxa yokuba mude.

Umlingisi uterry Crews nguye ovale uhlu lwamadoda athandwayo ngenxa yembungcul­u, ukuba yisidlakel­a nokubukeka.

 ?? Isithombe: REUTERS/KEVORK DJANSEZIAN ?? OWAYEWUMDL­ALI webasketba­ll, umichael Jordan naye akasalanga ngaphandle emadodeni athandwa abesifazan­e emhlabeni wonke
ABESIFAZAN­E kuthiwa bayazifela ngembungcu­lu kashemar Moore
UCWANINGO luthi abesifazan­e bayazifela ngamadoda anempandla nalawo anembungcu­lu, usamuel Jackson ngomunye obachazayo ISITHOMBE:REUTERS/DAVID MCNEW
Isithombe: REUTERS/KEVORK DJANSEZIAN OWAYEWUMDL­ALI webasketba­ll, umichael Jordan naye akasalanga ngaphandle emadodeni athandwa abesifazan­e emhlabeni wonke ABESIFAZAN­E kuthiwa bayazifela ngembungcu­lu kashemar Moore UCWANINGO luthi abesifazan­e bayazifela ngamadoda anempandla nalawo anembungcu­lu, usamuel Jackson ngomunye obachazayo ISITHOMBE:REUTERS/DAVID MCNEW
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa