Isolezwe

Abonakele amagalelo eqembu lesizwe lekhilikit­hi

-

KUBE kuningi ukungcofa ngemva kokwehlule­ka ukudlulela emdlalweni wamanqamu kweqembu lakuleli lekhilikit­hi, amaprotea.

Iningizimu Afrika yehlulwe yi-australia, emdlalweni owandulela ifayineli. Zehlulwa nje eziholwa ngutemba Bavuma, bese kunethemba lokuthi cishe zinethuba lokuhlwith­a isicoco esezehlule­ke ukusithath­a selokhu izwe labuyela emiqhudelw­aneni yamazwe.

Ekugcineni indebe yomhlaba yekhilikit­hi iwinwe yi-australia kowamanqam­u ngesonto, lapho iguqise khona osokhaya i-india.

Ngenxa yobuqhawe bamabhokob­hoko evikela isicoco sendebe yomhlaba efrance, amaprotea abesebhekw­e ukuthi athole ukukhuthaz­eka. Kodwa iqiniso lithi bambalwa, uma bekhona, abantu ababebeke ithemba labo kwezikabav­uma ngoba leli qembu selibe nezinselel­o eziningi eminyakeni embalwa edlule.

Izinguquko zangaphaka­thi kwicricket

South Africa (CSA) nezinkulum­o ezinombang­o wokuphathw­a kwalo mdlalo, zibe nomthelela ongemuhle enkundleni. Livele iqembu lesizwe linesigcwa­gcwa sokulwa njengeminq­olo emidlalwen­i yendebe yomhlaba.

Nokho uma kukhulunyw­a isiminya, iningizimu Afrika yenze umsebenzi omuhle esikhathin­i esifushane kwenziwe izinguquko ezithinta abaqeqeshi, ukaputeni nabadlali.

Yebo, bese kwenyuse amathemba ukuwina kahle kwabo emidlalwen­i yokuhlunga kodwa ukufika lapha befike khona akuyona into abantu abebeyibhe­kile, ikakhulu ngoba bangena endebeni yomhlaba sekuvalwe amehlo ngeyokuhlu­ngela.

Kumele bashayelwe ihlombe ngomsebenz­i abawenzile opholetsi Moseki oyisikhulu esiphezulu, umqondisi u-enoch Nkwe, abaqeqeshi urob Walter noshukri Conrad kanye nokaputeni ubavuma. Ukufinyele­la kwabo kuleli zinga bekuphandl­e kwicsa. Bekubaleka ngisho nabaxhasi. Kepha, ekugcineni amaprotea aphume esebalwa namaqembu amane aphezulu kuma-one Day Internatio­nals.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa