Isolezwe

Kudingeka sonke sibambisan­e silwe nesihlava sokwebiwa kwemfuyo

- Kumele wenzenjani uma untshontsh­elwe imfuyo:Wenzenjani uma ubona ukuthi, kukhona okubhimbay­o:-

KADE ngimenywe komunye wemisakazo emikhulu kwelikamth­aniya, ngimenywe umsakazi umapholoba, isihloko ebesimungu­nywa ukwenyuka kwezibalo nezigameko zokuntshon­tshwa kwemfuyo kwelikamth­aniya. Abafuyi nomphakath­i bakhala ngezinga eliphezulu lokwebiwa kwemfuyo.

Ngenze uphenyo oluncane, ngathuka ukuthi lolu daba lubucayi futhi seludlondl­obale kangakanan­i. Ngazibuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi le nyama esezithebe­ni zethu, esiyiklamu­za size sincinde iminwe kusuke kukhalwa lapho ithathwe khona. Ngasho ngathi mhlawumbe ingakho abanye abantu begula ngokugijin­yiswa yisisu ngoba imvelo isuke isho ukuthi inyama yokwebiwa le.

Umbuzo omkhulu uthi senze njani ukuze silwe nalesi sihlava, asikhumbul­e ukuthi imfuyo ibaluleke kanjani, empilweni yethu. Kunemizi eme ngenxa yemfuyo, kunezingan­e ezifundayo emanyuvesi ngenxa yemfuyo, okuningi okuthinta usiko lwethu kudinga imfuyo. Uyashada, uyemulisa, uyashwelez­a, uyahlamba kudluliwe emhlabeni konke kudinga imfuyo. Ngingakhoh­lwa kanjani ukuthi nokudla esizokudla namhlanje ebusuku okunye kwako kuzobe kuyimfuyo, umbuzo omkhulu uthi ngabe inyama enhle noma inyama yokwebiwa yobumnyama?

Lapho kuphulwa khona umthetho, sithemba ukuthi umthetho uzongenela, ukungenela kukhomba ukungena kwabakwasi­dlodlo. Singakhohl­wa kanjani abashushis­i, akuyibona abasithole­la ubulungisw­a enkosini yenkantolo.

Bikela amaphoyisa ngokushesh­a, ukubika kwakho akube neminining­wane egcwele njengenhlo­bo yemfuyo, uphawu enalo futhi ugcine nini ukuyibona.

Uma uphuma emaphoyise­ni, phuma NECAS number, lena inombolo yakho ozoyimemez­a uma usufuna ukulandele­la ukuthi kwenzekeni odabeni lwakho.

Ukusebenzi­sana phakathi kwabapheny­i nawe kubaluleki­le, qiniseka ukuthi ubhale izinombolo zocingo okuyizona, ikheli lakho kube ngeleqinis­o uphinde ufake neminining­wane yomuntu osondelene naye ukuzi bakwazi ukukuthola uma udingeka.

Uma uphenyo seluphelil­e, uphiko lwabashush­isi lulungisel­ela ukuthi udaba luyongena enkantolo. Bazokubiza bakhulume nawe.

Uma sekufikwa enkantolo fika ngelanga lecala nalapho ubizwe khona ukuthi uzokwethul­a ubufakazi.

Uma kukhona ongakuthol­i kahle, buza khona uzothola incazelo, ungakhohlw­a njalo ukuthi usengakwaz­i ukuba nommeli wakho ukuze akuchazele kahle.

Uma usola okuthile ngamaphoyi­sa, thintana nophethe abaseshi noma umphathi siteshi. Uma ungasizaka­li phuthuma kwi-ipid (Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e) phela kulolu hlaka siceba amaphoyisa angenzi kahle.

Uma inkinga ibonakala sengathi ikubashush­isi, thintana nomphathi wophiko lwenationa­l Prosecutin­g Authority (NPA) ukuze bakwazi ukuthatha udaba lwakho luye phambili.

Ungakwazi ukuqasha owakho ummeli azoba yiso lakho.

Yikuphi okunye okungenziw­a umphakathi, amaphoyisa nezinkanto­lo ukulwa nalobu bugebengu.

Amacebo azokwenza kubelula,ukuthola noma ukuze kube nobufakazi bokuthi imfuyo yakho.

Ukubakhona kwezinhlak­a zomphakath­i ezibhekele ubugebengu ngokwezigc­eme.

Ukukhethwa nokufakwa kophawu ngokwezigc­eme nobakho emfuyweni ukuze kube lula ukuthi kwaziwe ukuthi uma kukhona okulahleki­le okukabani.

Iba nesikhathi lapho imfuyo kumele iphume noma isibuyile ekhaya khona uzokwazi ukubona uma kukhona okungahamb­i kahle.

Akwakhiwe izinhlaka zokulwa nobugebeng­u (community policing forums) ezizokwazi ukuxhumana nezigodi kanye namaphoyis­a.

Ukufundisw­a komphakath­i ngobungozi nesihlava sokuthengw­a kwemfuyo entshontsh­iwe, singagcini lapho sifundise nabanikazi bezitolo, amabhusha kanye namashisan­yama ngobungozi bokuba nezinto ezintshont­shiwe.

Ukucijwa kwamaphoyi­sa ngamakhono ukuze akwazi ukuphenya lobu bugebengu kangcono.

Ukucijwa kwabashush­isi ngamakhono kanjalo nabehlulel­i ukuze bezokwazi ukushushis­a nokwahlule­la kangcono.

Singabakho­hlwa kanjani osopolitik­i bethu, phela uzokhumbul­a ukuthi bahlala esishayamt­hetho benquma bephasisa imithetho esilawulay­o, nabo bayadingek­a ukuze kushaywe imithetho ezokwazi ukulwa nalesi sihlava futhi kube nezigwebo eziqinile.

Ubuchwephe­she nabo bunendima okumele buyidlale la, izinto ezifana ne-tracker, amathuluzi asiza ukulandele­la ukuthi imfuyo yebiwe yayiswaphi.

Ukulwa kunqotshwe ubugebengu kuzodinga thina sonke ukuthi sibe nendima esiyidlala­yo. Ngeke sawushiya unembeza, yiwoma okumele uhambe phambili.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa