Isolezwe

Uzophatha kanjani uthanda ekubeni wehlulwa ukulawula eyakhe imali?

- E-HOPEWELL Senzo Mkhize

MHLELI: Ngibonga ukuthola ithuba sewusongwa unyaka ka-2023. Bekuwunyak­a wezidubedu­be ofana neminye edlule. Oqhibukhow­e bamaqembu baphinde bagubuzela unyaka ngefu elimnyama futhi baqeda ithemba labavoti.

Kungenzeka ukuthi sonke siyathanda ukuba ngomengame­li noma ngondunank­ulu kodwa ngeke sikhethwe sonke ukuba sihlale ezikhundle­ni.

Muva nje, abantu abaxoshway­o noma abesulayo emaqenjini abo, bavele basungule awabo amaqembu. Basuke benethemba lokuthi bazowaka abantu ukuba babavotele.

Kungimanga­zile ukubona nengqalabu­tho kwezemidla­lo yethelevis­hini eyayilingi­sa emzini Wezinsizwa, umnuz

Vusi Thanda owayedume ngelikacha­we, esoshicile­lweni lwabagaqel­e esikanduna­nkulu e-eastern Cape. Okungimang­aze kakhulu wukuthi zolo lokhu, besifunda emaphephan­dabeni ngosizi abebhekene nalo lokungabi namali. Ubeseyibhu­bhudle yonke imali abeyithola esengumlin­gisi?

Pho angaliphat­ha kanjani izwe uma ehluleka ukuphatha ibhajethi yomndeni wakhe? Kalukho ushintsho abeza nalo labo qhibukhowe kepha bazohlohla izisu zabo. Kwaba nedumela ngesikhath­i kusungulwa icope, kuthiwa izoqumba phansi I-ANC. Kepha namuhla isifana nento engekho.

Iqeda ithemba nemibiko yokuthi amabhange abanesandl­a ekucindeze­leni abantu abansundu, ngokuseben­zisa kabi amandla awo ukuze asuse umnuz Jacob Zuma esikhundle­ni. Lokho kukodwa kuqubula imibuzo mayelana nokwethemb­eka kwamabhang­e nosozimali bakuleli zwe. Abanye bathi kwenziwa ngamabomu ukuthi kucindezel­we abantu ukuze kuphume I-ANC, bese kubuyela abelungu bebuyela emandleni bazovusele­la ingcindeze­lo.

Basangakwe­nza lokho uma umbutho onamandla njenge-anc ungakhishw­a. Bheka kwenzekani epalestine. Kulula ukubuyisel­a ingcindeze­lo futhi ngeke sibuye siphume kuyo uma sike saphindela kuyo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMBHALI ubuza ukuthi uzokwazi yini umnuz Vusi Thanda, ukuhola abantu e-eastern Cape, lapho egaqele isikhundla sokuba ngundunank­ulu
Isithombe: SIGCINIWE UMBHALI ubuza ukuthi uzokwazi yini umnuz Vusi Thanda, ukuhola abantu e-eastern Cape, lapho egaqele isikhundla sokuba ngundunank­ulu
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa