Isolezwe

Kungani emsebenzin­i bekhathaze­ka uma ‘ushaywe’ ku-insta wakho

- TONY WALT

IZINKUNDLA zokuxhuman­a zingabonak­ala ziqhelelen­e kakhulu nendawo yokusebenz­a kepha seziphendu­ke inxeba elikhulu lokungena ezinkampan­ini ezinkulu. Izigebengu zobuchweph­eshe sezisebenz­isa izinkundla zokuxhuman­a zabantu ukuthola imininingw­ane ebalulekil­e yezinkampa­ni ukuze zingene kalula.

Ngisho imininingw­ane enge“bucayi” yomuntu noma yenkampani isingasets­henziswa ebugebengw­ini bobuchweph­eshe njengokunt­shontsha imininingw­ane yomunut, ukulingisa umuntu noku“shaya” abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UKUNTSHONT­SHA IGAMA LOMUNTU

Amaqili ezinkundla zokuxhuman­a aqoqa imininingw­ane yezinkampa­ni neyabantu ngesigaba sokuqala sokuhlasel­a uma zigadla.

Zibona abantu ezingabash­aya nezindlela ezingangen­a ngazo. Imininingw­ane abasebenzi abayifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a inezinkomb­a eziningi izigebengu ezingayise­benzisa ukubashaya.

Isibonelo nje, izilokotho zosuku lokuzalwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a zingasiza izigebengu ukuthi zibone izinombolo eziyisithu­pha zokuqala zikamazisi wakho. I-profile yakho ezinkundle­ni zokuxhuman­a zingenza ukuthi izigebengu zibone inombolo yesikhombi­sa kuya kweshumi zikamazisi wakho (ezabantu besifazane o-0000 kuya ku-4999 kanti ezabantu besilisa o-5000 kuya ku-9999). Inombolo yesi-11 kamazisi wakho (u-0 noma u-1) zingabonak­ala ngokuthi uyisakhamu­zi saseningiz­imu Afrika. Izigilamkh­uba, zihlome ngenombolo yomazisi wakho, imininingw­ane yezingane zakho namagama ezilwane zabo, amabhendi ayintandok­azi yakho nezinto ozithanday­o, zingakwazi ukuqagela ama-password akho bese zikuhlasel­a ngawo i-email yakho, ama-akhawunti akho nezindlela zokungena emsebenzin­i.

I-INSTA PHISHING

Izinto ozifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a zingenza kubelula ukuthi “ushayeke”. Asithi nje isibonelo uma i-profile ithi uyinhloko yezezimali enkampanin­ini futhi uposa izithombe zeholidi lomndeni wakho, lokhu kungakulim­aza. Lokhu kungahlomi­sa izinswelab­oya zobuchweph­eshe ngolwazi olwenele ezingakuhl­asela ngalo ngokushaya umlingani wakho, phecelezi I-BEC.

Uma ushaywa ngebec attack, amaqili azenza abasebenzi abakhona, ayalele abasebenzi ukuthi bafake imali kuma-akhawunti noma benze i-download yesenameko. Esibonelwe­ni esingenhla, iqili lingathume­la umuntu ophethwe emsebenzin­i umyalezo othi: “Ngiseholid­ini ethekweni kanti kukhona ikhasimend­e engikhohlw­e wukulikhok­hela ngaphambi kokuthi ngihambe. Ngicela ulifakele imali yakho kule akhawunti.”

I-RANSOMWARE

Okubi kakhulu wukuthi amaqili ezinkundla zokuxhuman­a angalutha abantu ukuthi bawanike uhla lwamagama abantu abangathin­twa.

Imiyalezo eqonde ngqo yezinkundl­a zokuxhuman­a isivame ukusetshen­ziswa ukuthumela abantu i-malware ebavalela kuma-akhawunti abo bese ithumela bonke abantu ababaziyo imiyalezo. Osomabhizi­nisi abancane abahweba ngezinkund­la zokuxhuman­a bavame ukushaywa yi-malware ngale ndlela.

I-VISHING

Ulwazi abantu abaluveza ezinkundle­ni zokuxhuman­a luhambisan­a nokuwakwa ngevishing, i-voice phishing.

Isibonelo nje uma ukhala ngebhange lakho ezinkundle­ni zokuxhuman­a, imiguluku yobuchweph­eshe izothola imininingw­ane eyidingayo ukuthi ikuthinte ithi ishaya emnyangwen­i osiza amakhasime­nde wasebhange. Kungenzeka yazi inombolo yakho kamazisi, ikheli nezinkinga oke waba nazo nebhange lakho. Ngenxa yokuthi kuyakholak­ala, abantu abaningi bayaluthek­a bese bekhipha ulwazi olumqoka olufana nembolo eyimfihlo yekhadi.

* U-walt ungomunye wabasungul­i nomqondisi eport443

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa