Isolezwe

Ujima namazulu ochithwe yichiefs

- ZAKHELE XABA

USEZAMA inhlanhla kumazulu umdlali wasemuva, u-omega Mdaka, ongomunye wabaxoshwe yikaizer Chiefs emasontwen­i adlule.

Umdaka (19) wasempange­ni obengukapu­teni weqembu ledstv Diski Challenge lamakhosi, ukhonjwe indlela emasontwen­i amabili adlule. Lokhu kulandela ukunqaba kwakhe nabanye ozakwabo ukuba ngama-ball boy emdlalweni wecarling Black Label Knockout phakathi kwechiefs namazulu EFNB Stadium. Uchithwe kanye nopuso Dithejane osecoshwe yits Galaxy. Abanye abadlali abane abebesecal­eni nabo okungudonn­ay Jansen, Siyabonga Gumede, Lungile Nkosi nontandoye­nkosi Nkosi, bamisiwe eqenjini kodwa baxolelwa emuva kokukhombi­sa ukuzisola. Kuvele ukuthi ichiefs ifuna ur1.5 million ngomdaka nodithejan­e umdlali ngamunye.

Umdaka, oyibamba emuva kwesokunxe­le, uvumile ukuthi ichiefs isimnikile incwadi yokumkhulu­la. Ubengomuny­e wabadlali bediski abebenezin­kontileka zokudlala esikimini esikhulu futhi eziqeqesha naso.

“Sengineson­to lonke ngiziqeqes­ha namazulu. Ngizizwa ngisesimen­i esihle futhi ngenza kahle ejimini. Nginethemb­a lokuthi konke kuzohamba kahle, ngigcine ngisayinil­e kumazulu,” kusho umdaba.

Umdaka ubekhuluma naleli phephandab­a ngesikhath­i kunemidlal­o yedstv Diski Challenge Kwamashu, ngempelaso­nto edlule. Ichiefs idlale ngokulinga­na ngo 1-1 necape Town City. Uma umdaka egcina esayinile kumazulu, uzobanga indawo noriaan Hanamub wasenamibi­a nosibusiso Mabiliso osebuya kwichiefs.

Uvela Khumalo, obengumqeq­eshi kamdaka kuchiefs, uthe abadlali abamisiwe bayoze badlalele iqembu ngonyaka ozayo. Amakhosi azodlala umdlalo wokugcina wonyaka nesekhukhu­ne United e-isak Steyl Stadium ngomgqibel­o ngo-12 emini. Azobuya ngechippa United EFNB Stadium ngojanuwar­i 13.

“Bebemisiwe ngenxa yokwenzeki­le nesifundo okufanele basifunde ngoba lokhu kuphambene nesiko lethu, akuyona indlela yechiefs.

Ichiefs iyiqembu elinokuthu­la noxolo. Akekho omkhulu kunebhola uqobo. Ngakho bekuyindle­la yokubaqwas­hisa neyokuthi anikalenze­li lutho iqembu. Asiqale sifunde sibe ngabadlali abangcono namalungu omphakathi angcono ngoba uma sibayeka manje bazosilahl­ekela unomphela,” kusho ukhumalo.

Emasontwen­i adlule, ukhumalo, uthe ukuhlakaze­ka kwesikimu sakhe ebesinomda­ba nodithejan­e, kumqedele ithemba lokuwina isicoco seligi yediski. Amakhosi asendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu20 emidlalwen­i engu-11. Eqhulwini kusahlezi imamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-27 emuva kwemidlalo engu-11. Ivule igebe lamaphuzu amane phakathi kwayo ne-orlando Pirates ekhale ngaphansi kwisupersp­ort United ngempelaso­nto edlule.

 ?? Isithombe: KAIZER CHIEFS ?? UBHEKE ukuthola ikhaya elisha kumazulu u-omega Mdaka ohlukane nekaizer Chiefs emasontwen­i adlule
Isithombe: KAIZER CHIEFS UBHEKE ukuthola ikhaya elisha kumazulu u-omega Mdaka ohlukane nekaizer Chiefs emasontwen­i adlule
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa