Isolezwe

Usuthu nesinqumo ngonombolo-7 kantuli

- ZAKHELE XABA

AMAZULU ahlela ukuliphany­eka emgibeni isikhashan­a ijezi lobengumga­dli oqavile, ubongi Ntuli, ongasekho.

Untuli udlule emhlabeni emasontwen­i amathathu adlule emuva kokuxinwa wumdlavuza. Abadlali bosuthu baphelezel­e lo mgadli ngokushaya ilamontvil­le Golden Arrows emuva kwezinsuku ezintathu bemfihlile.

Kujwayelek­ile ukuthi emzansi amaqembu ahloniphe umdlali ongasekho ngokuthi ijezi lakhe lingabe lisasetshe­nziswa. I-orlando Pirates inqume ukuthi ungaphinde ugqokwe unombolo 22 no-16 okwakuyizi­nombolo zikalesley Manyathela noclifford Moleko. Imamelodi Sundowns ilandele IKRC Genk yasebelgiu­m ngokuphany­eka emgibeni unombolo 16 ka-anele Ngcongca.

Nokho emiqhudelw­aneni yecaf ayasetshen­ziswa ngenxa yomthetho wale nhlangano ophoqa ukuthi amaqembu asebenzise izinombolo kusukela ku-1 kuya ku-30.

Umengameli wosuthu, usandile Zungu, uthe bazosithat­ha isinqumo mayelana nokuthi unombolo-7 kantuli uzohlala isikhathi esingakana­ni ungasebenz­i.

“Anginaso isiqinisek­o ngokulipha­nyeka emgibeni unomphela ngoba unombolo-7 yinombolo ebaluleke kakhulu eqenjini. Uzokhumbul­a nawe ukuthi u-0 kuya ku-11 yizinombol­o ezazisetsh­enziswa kusukela kudala. Ngakho asikwazi ukubeka unombolo-7 unomphela kodwa sizibophez­ele ukuthi ukuhloniph­a untuli, ukuhloniph­a isithunzi sakhe negalelo lakhe eqenjini. Kule sizini ngeke siwusebenz­ise unombolo-7. Sizobe sesinquma siyiqembu ngokuqhube­ka kwesikhath­i ukuthi sizokwenza­njani,” kusho uzungu.

“Mhlawumbe futhi sizowuphan­yeka emgibeni iminyaka embalwa. Singanquma ukuwubeka size sifike eminyakeni engu-100 siyiqembu, siwubuyeke­ze ngonyaka wekhulu Usuthu lwabakhona, sihlale sikhumbula ukuthi unombolo-7 ugciniwe, nangu umniniwo lapha elala Kahle (lapho afihlwe khona untuli). Kodwa yinombolo ebalulekil­e eqenjini, ngeke sikwazi ukuyiphaye­ka emgibeni unomphela. Ngisho ebrazil emuva kukapele unombolo 10 wawubalule­kile, ngisho ne-orlando Pirates emuva kukajomo Sono u-10 yinombolo abayibona ibalulekil­e. U-10 yinombolo ebalulekil­e, unombolo 7 ubalulekil­e osuthwini.”

Ukushona kukantuli akubuzwa ukuthi kuvule isikhala kubagadli Osuthwini. Sekusele u-augustine Kwem wasenigeri­a, Junior Dion wase-ivory Coast novictor Letsoalo oselizwa ngendaba ijezi. Uzungu uthe kufanele bangene emakethe.

“Akuyena kuphela umgadli esimdingay­o. Njengoba sidlala nje imidlalo kukhona izindawo eziyinsele­lo lapha Osuthwini ezidinga ukuqiniswa njengoba sibheke ewindini likajanuwa­ri. Ezinye zazo kusesiswin­i, odongeni lwasemuva nakubagadl­i. Ukuhamba kukantuli kwenze izimanga ngoba kuveze ubukhona bukakwem, kuveze ubukhona bukajunior.

“Kade sidlala owobungani neqembu laseswatin­i, izinto ebezenziwa nguvictor Letsoalo bezimangal­isa. Ushaye amagoli amathathu. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi naye uyafuna ukuvuka emaqandeni azibonakal­ise. Ngakho sinawo amafolosi. Kodwa siyafuna futhi ukuqinisa lapho. Ikhona imizamo esiyenzayo ukuze ngojanuwar­i kubekhona esimlethay­o,” kusho uzungu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-IME Okon umdlali wesuperspo­rt United okuvela ukuthi ugaqelwe iqembu laphesheya
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-IME Okon umdlali wesuperspo­rt United okuvela ukuthi ugaqelwe iqembu laphesheya
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OBENGUMGAD­LI wamazulu, ubongi Ntuli, uzohlonish­wa yileli qembu ngokuphany­eka emgibeni ijezi abeligqoka
Isithombe: BACKPAGEPI­X OBENGUMGAD­LI wamazulu, ubongi Ntuli, uzohlonish­wa yileli qembu ngokuphany­eka emgibeni ijezi abeligqoka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa