Isolezwe

Isuperspor­t ethubeni lezigidi ngofunwa edenmark

- ZAKHELE XABA

I-SUPERSPORT United isikulunge­le ukwehlukan­a nomdlali wasemuva, u-ime Okon, okuvela ukuthi uyozama inhlanhla phesheya kwezilwand­le.

U-okon (19), oselenze elakhe ijezi esikimini somqeqeshi ugavin Hunt, ubeyibamba kwidstv Diski Challenge ngesizini edlule. Ukushaya kwakhe into ecokeme kwidstv Premiershi­p kudonse amehlo omqeqeshi, uhugo Broos, ombizele kwibafana Bafana ezinyangen­i ezidlule.

Isolezwe lihoshe ukuthi u-okon, oyibamba maphakathi emuva, uhlolwa yiqembu lasedenmar­k futhi selibeke nezigidi etafuleni. Ufulathele iningizimu Afrika ngesonto eledlule.

“U-ime uhlolwa yiqembu lasedenmar­k. Uhambe ngesikhath­i kuqala ikhefu lefifa. Ngendlela okwenzeka ngayo kubukeka angeke esabuya. Leli qembu selibeke etafuleni imali elinganise­lwa kur18 million futhi kubukeka isuperspor­t izoyithath­a. Sekusele kuwona womabili amaqembu ukuthi kuvunyelwa­ne,” kusho umthombo.

Uma egcina ehambile u-okon, uzojoyina abanye abadlali bepremiers­hip abathathwe ngamaqembu aphesheya nonyaka. Kulaba badlali kukhona unjabulo Blom obedlala kukaizer Chiefs, Casius Mailula obedlalela imamelodi Sundowns no-olwethu Makhanya odayiswe yistellenb­osch kwiphilade­lphia Union kwimajor League Soccer (MLS), E-USA.

Ngesikhath­i u-okon ebizelwe kwibafana emasontwen­i adlule, bekubhekwe ukuthi uzobonakal­a okokuqala edlubhe ijezi leqembu lesizwe kwazise ubroos uyazifela ngabadlali abasebanca­ne. Nokho ugcine esale ngaphandle sekubizwa isikwati sabangu-23. Ezinyangen­i ezedlule, u-okon ucashunwe ethi akakasitha­thi isinqumo mayelana neqembu lesizwe azolidlale­la kwazise uyise ungowaseni­geria, unina ngowasemza­nsi. Ngokomthet­ho wefifa, uvumelekil­e ukudlalela inigeria.

Umqeqeshi wesuperspo­rt kwidiski Challenge, uthabo September, uthe ukuthi babedlala emuva bonke beyithimba labaqeqesh­i kubasizile ekukhulise­ni u-okon afike ezingeni akulona. Useptember, osebenza ngokubambi­sana nohunt okweleprem­iership, ubeqeqesha u-okon kwidiski ngesizini edlule.

“Indaba yaphesheya ka-ime ngeke ngiphawule ngayo. Iqembu yilona okufanele liyikhulum­e. Engingakus­ho wukuthi kithina kubelula ukumcija njengoba uma ubheka ethimbeni lethu labaqeqesh­i sonke sasidlala emuva.

“Ugavin wayedlala emuva kwesokudla, nami ngangidlal­a emuva kwesokudla, maphakathi nasesiswin­i. U-andre (Arendse nogrant (Johnson) babengonoz­inti. Ukuba nomdlali ofana no-ime kulula ngoba silanda enqolobane­ni yesipiliyo­ni sethu,” kusho useptember.

Ukuhamba kuka-okon kwisupersp­ort kungaphoqa uhunt ukuthi abuyisele omakadebon­a, usiyanda Xulu nothulani Hlatshwayo maphakathi emuva.

Amatsatsan­tsa a Pitori azobuyela enkundleni ngesonto uma esevakashe­le imodern Future yase-egypt emdlalweni wokuqala wesigaba samaqoqo secaf Confederat­ion Cup. Uma ibuya lapho izobhekana nesundowns koweligi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa