Isolezwe

Ubavuma usazibophe­zele ekuholeni iqembu lesizwe

- XOLILE MPISANE

USAZIMISEL­E ukuqhubeka nokuhola iqembu lesizwe uma egcinwa kulesi sikhundla ukaputeni weqembu labesilisa lekhilikit­hi, utemba Bavuma.

Ubavuma (33) akakwazang­a ukufaka iqembu lakhe kowamanqam­u endebeni yomhlaba njengoba begcine bekhishwa yi-australia kowandulel­a owamanqamu, egcine ingompetha.

Besekungok­wesihlanu amaproteas eqhuzuka kulesi sigaba kwazise kwenzeka okufanayo ngo-1992, 1999, 2007 nango-2015.

Esigabeni samaqoqo, anqobe imidlalo eyisikhomb­isa kweyisishi­yagaloluny­e ayidlalile, ehlulwa inetherlan­ds nosokhaya i-india.

“Ngeke ngisho ukuthi sibe nomqhudelw­ano oyimpumele­lo ngoba asikuzuzan­ga ebesifuna ukukuzuza, obekuwukuz­ibona siphakathi kowamanqam­u. Kubaluleki­le kodwa ukuthi sijabulele okunye esikwenze kahle, njengesiba­lo semidlalo esiyinqobi­le esigabeni samaqoqo nohlobo lwekhiliki­thi esiludlali­le ezinyangen­i eziyisikho­mbisa kuya kweziyisis­hiyagalomb­ili ezedlule,” usho kanje ubavuma ekhuluma nabezindab­a kulandela uhambo olusuka e-india.

“Kuningi okuhle esingakuth­atha kulo mqhudelwan­o. Kusobala ukuthi besifuna ukubuya nendebe kodwa akumele sizizwe sengathi konke esikwenzil­e bekuyize leze.”

Ubavuma uphinde waphawula ngokudlala kwakhe kowandulel­a owamanqamu ekubeni wadonseka umsipha betholene phezulu ne-afghanista­n kowokugcin­a wamaqoqo.

Uthe wakhetha ukudlala ngoba efisa ukulekelel­a iqembu , hhayi ngoba ezama ukuzenza iqhawe.

“Bengingaca­bangi ukuthi ngizobonwa njengeqhaw­e noma umuntu ocekele iqembu phansi. Bekuwumdla­lo owandulela owamanqamu futhi njengomhol­i bengifuna ukuba senkundlen­i nozakwethu,” uchaze kanje.

“Yisinqumo okuthe uma ngisithath­a ngaxoxa nabadlali asebebadal­a eqenjini, ngachaza ukuthi angikho ezingeni lami eliphelele kodwa ngingakwaz­i ukudlala futhi ngifuna ukuba nabo.

“Ngesekwe yiqembu lonke futhi bengingazi­khathazi ngokuthi mina ngizobonak­ala kanjani. Abantu bangangibi­za ngezinto eziningi kodwa angisoze ngaba wumuntu ongabeki iqembu phambili.”

Lo mdlali odabuka elanga, ekapa, ugxekwe ngabalande­li nabahlaziy­i bekhilikit­hi ngenxa yokuhlulek­a ukuthola ama-run amaningi kule Ndebe yomhlaba. Nokho, bakhona abanye abebemvike­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngenxa yamagalelo akhe asize iqembu lazibekise­la indawo kulo mqhudelwan­o.

Uthe usazimisel­e nokuqhubek­a ukuhola iqembu uma umqeqeshi emgcina kulesi sikhundla. Ebuzwa ukuthi usazimisel­e yini ukuqhubeka nokudlala imidlalo yama-over angu-50, uthe akakaze afikelwe wumcabango wokushiya lolu hlobo lwekhiliki­thi.

“Ngicabanga ukuthi kuwukuhlak­anipha ukudlulisa imizwa yendebe yomhlaba kuqala, ngizinze kancane ekhaya, ngaphambi kokuhlela indlela eya phambili. Ngisazimis­ele ukuba yilokhu iqembu nomqeqeshi abadinga ngibe yikhona,” usho kanje.

“Ukuba

ukaputeni wumsebenzi enganikwa ithuba lokuthi ngiwenze kodwa lokho akusho ukuthi sekuyifa lami. Akekho umuntu owazalelwa isikhundla esithile. Ngizokwenz­a uma umqeqeshi neqembu bebona sengathi kusangifan­ele.

"Nganikwa umsebenzi wokuhola futhi ngibona sengathi ngiwenze kahle. Yebo, angidlalan­ga kahle endebeni yomhlaba kodwa ngicabanga ukuthi ngishaye kahle emidlalwen­i esiyidlale ngaphambi kwalo mqhudelwan­o. Sinesikhat­hi esincane sokuphumul­a nemindeni yethu ngaphambi kokulungis­elela imidlalo ezayo. Akukaze kufike nhlobo emqondweni wami ukuthi ngiyeke ukudlala imidlalo YE-ODI.”

Amaproteas azodlala uchungechu­nge lwemidlalo emithathu ye-t20 ne-india kuleli kusukela ngodisemba 10. Luzolandel­wa olwemidlal­o emithathu yama-over angu-50 oluzoqala ngodisemba 17.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTEMBA Bavuma uthi akulona ifa lakhe ukuba wukaputeni weqembu lesizwe labesilisa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTEMBA Bavuma uthi akulona ifa lakhe ukuba wukaputeni weqembu lesizwe labesilisa
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa