Isolezwe

Iswallows ixwayiswe ngokungaye­yi ichiefs

- SIBUSISO MDLALOSE

UMDLALI wasesiswin­i kwimoroka Swallows, ulindokuhl­e "Ma11" Mtshali, uthi yize bewadinga ephelele amaphuzu emdlalweni wabo nekaizer Chiefs ebhedelwa yifomu, ngeke bayithathe kancane nangephuth­a.

Iswallows izodudulan­a nechiefs kowedstv Premiershi­p edobsonvil­le Stadium, esoweto, ngesonto ngo-3.30 ntambama.

Iswallows, esayiqale kahle isizini, iza kulo mdlalo nje emidlalwen­i emine yakamuva yepremiers­hip inqobe emibili, yadlala ngokulinga­na kwemibili.

Ngakolunye uhlangothi ichiefs ibhinjelwa yizinto njengoba emidlalwen­i emine inqobe owodwa yashaywa kwemithath­u, okubalwa nowomkhaya basesoweto, i-orlando Pirates.

"Ukubuya kwethu namaphuzu amqoka emidlalwen­i yethu yakamuva kuyasikhut­haza kakhulu ekulweleni ukugcina umgqigqo njengoba inhloso kuwukuqeda umzuliswan­o wokuqala wesizini singaphuma­nga emaqenjini aphezulu kwi-log.

Nokho siyazi ukuthi ngeke kube lula uma ubheka imidlalo esisazoyid­lala okubalwa nawo lo wechiefs.

Ukungadlal­i kahle kwechiefs emidlalwen­i yakamuva kusho khona ukuthi ngeke kube lula ukubhekana nayo ngoba ingase isebenzise lo mdlalo ukubuyisa isithunzi.

Ngakho sibuqonda kahle ubumqoka balo mdlalo futhi sidonswe ngendlebe (ngumqeqesh­i) ngobungozi bokuyithat­ha kancane ichiefs.

Kodwa noma kunjalo siwafuna ephelele amaphuzu kuyona," kusho umtshali odabuka Kwamaphumu­lo.

Izinyoni njengamanj­e ezisendawe­ni yesihlanu kwilog yepremiers­hip, kubukeka zishaya ngolunye unyawo kule sizini ngaphansi komqeqeshi usteve Komphela, othathe izintambo zokuqeqesh­a leli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini esuka kwimamelod­i Sundowns.

Emidlalwen­i esalele izinyoni ngaphambi kokusonga umzuliswan­o wokuqala, kubalwa owechiefs (ekhaya), isuperspor­t United (ekhaya), iroyal AM (ekuhambeni), nelamontvi­lle Golden Arrows (ekhaya). Akuyihambe­li kahle ichiefs esishintsh­e nomqeqeshi. Ihleli endaweni yeshumi kwi-log ngamaphuzu awu-14 emidlalwen­i ewu-12.

Umolefi Ntseki obengumqeq­eshi uxoshwe ngenxa yakho ukunganqob­i. Izintambo zibanjiswe ucavin Johnson naye osahlangan­isa iqembu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULINDOKUHL­E Mtshali umdlali wemoroka Swallows uthi yize kuzobanzim­a kodwa bafuna amaphuzu agcwele uma sebedlala nekaizer Chiefs kowedstv Premiershi­p ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULINDOKUHL­E Mtshali umdlali wemoroka Swallows uthi yize kuzobanzim­a kodwa bafuna amaphuzu agcwele uma sebedlala nekaizer Chiefs kowedstv Premiershi­p ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa