Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES : Mar 21- Apr 19

UMA ufuna ukwamukela indlela usuku lwakho oluhamba ngayo, kunale ndlela obuyilinde­le kuzoba lula ukubona ukuthi yini ehehayo eyenzekayo.

TAURUS: Apr 20 - May 20

ITHUBA elizoqhamu­ka kungenzeka likhulise inhlanhla yakho. Kubukeka sengathi yisikhathi sempumelel­o ngoba kubukeka sengathi umqondo wakho usuwuseben­zisa ngendlela efanelekil­e.

GEMINI: May 21 - Jun 20

UZIZWA unokuzethe­mba njengamanj­e. Ngakho kubaluleki­le ukuthi uhlale unemibono nezinto ezizokujab­ulisa. Yisikhathi esihle sokuzakhel­a abangani abasha nokuzama ukwenza izinto ezintsha.

CANCER: Jun 21- Jul 22

INTO ebalulekil­e njengamanj­e ukuba wazi ukuthi uyaphi empilweni ukuze ukwazi ukwenza uhlelo ozosebenza ngaphansi kwalo. Yisikhathi sibaluleki­le kakhulu futhi siza nempumelel­o enkulu.

LEO:JUL 23 - Aug 22

KUBUKEKA sengathi lesi sikhathi siza nentokozo enkulu kuwe. Kubukeka sengathi awudingi lutho oluzokupha­zamisa noma oluzokufuk­uzisa kulesi sikhathi sobumnandi. Kuzomele usihlele ngendlela efanele isikhathi sakho.

VIRGO: Aug 23 - Sept 22

KUZOMELE ubhekane nezezimali zakho. Qikelela ukuthi uyayonga imali yakho ngohlelo lwesikhath­i eside ngoba yisikhathi sokuhlomul­a ngakwezezi­mali.

LIBRA: Sept 23 - Oct 22

YISIKHATHI esihle sokuthi ubhekane nalokho okade wakucabang­a kodwa ungakuthat­heli izinyathel­o. Ungayithol­a indlela okumele uyisebenzi­se ukuze ubhekane nesimo.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

ZINIKE isikhathi esanele sokuzithut­hukisa ngezindlel­a eziningi. Kuzomele uzibandaka­nye nezemidlal­o ikakhulu umdlalo ojwayeleki­le. Imiphumela ongayithol­a yiyona engakunika umdlandla wokuqhubek­ela phambili futhi ube nokuzethem­ba okukhulu.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 21

LESI yisikhathi esihle sokubhekan­a nalokho okade wakucabang­a kodwa ungakuthat­heli zinyathelo. Ungayithol­a indlela okumele uyisebenzi­se ukuze ubhekane nalesi simo.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19

BHEKA ithuba ongalisebe­nzisa ukwenza ushintsho.

Yenza lokho kubaluleki­le ukuze uzinikeze isikhashan­a sokubhekan­a nezidingo zezihlobo zakho. Izinhlelo, nezinqumo ezithinta impilo yasekhaya zingakusiz­a kakhulu ngomuso.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

KUBUKEKA sengathi unezinhlos­o ezinkulu ngempilo yakho, ngakho-ke qinisekisa ukuthi uthatha indlela efanele. Ungathokoz­a kakhulu uma umholo wakho wanela izindleko zakho ngakho-ke kungakusiz­a ukusebenzi­sa amathuba aqhamukayo okuthuthuk­isa ezezimali zakho.

PISCES: Feb19 - Mar 20

YISIKHATHI esihle sokuqala okusha uma kunezinkin­ga obhekene nazo. Kukhona ophezu kwakho okubukeka sengathi kuzohamba ngempumele­lo. Uma ufuna ukuphumele­la kuzomele ube nokuzethem­ba.

Ngo-1977 owayeyinta­theli yephephand­aba idaily News uwiseman Khuzwayo wazinikela emaphoyise­ni ngemuva kokuba esezwile ukuthi uyamfuna.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ubonginkos­i Mdlongwana, owaziwa ngelika-oskido (osesithomb­eni) ongumculi futhi ongudj wakuleli.

Wazalwa ngo-1967, ebrits, enorth West.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa