Inkakha ithipha ibafana ‘engcono’ kunenamibia
ABADLALI bebafana Bafana nomqeqeshi, uhugo Broos, kufanele bawudlulise ngokushesha ezingqondweni zabo umphumela omubi abawuthole kwimali kowokuvula u-group E we-africa Cup of Nations (Afcon), ngesikhathi esifanayo bazitshele ukuthi basalelwe yimidlalo yamanqamu eyisithupha.
Lesi yiseluleko senkakha yaleli qembu lesizwe, uroger De Sa, owayeyingxenye yesikwati sebafana okuseyisona sodwa emlandweni ukuqukula isicoco se-afcon ngo-1996.
UDE Sa osehambe imiqhudelwano emikhulu eyiphini likacarloz Queiroz emaqenjini esizwe, okubalwa iqatar, Egypt ne-iran, utshele Isolezwe ukuthi nakuba umphumela webafana kwimali umubi kodwa lokhu akusho ukuthi sekuphelile ngebafana.
Abafana bakabroos badlale ngamathuba esiwombeni sokuqala besawuphethe umdlalo kodwa bagcina bekhala ngaphansi ngo 2-0 kwimali ngolwesibili ebusuku e-amadou Gon Coulibaly, ekorhogo.
Ukushaywa yimali kwebafana kuyibeka esimweni esibucayi ku-group E kwazise iya emdlalweni nomakhelwane bayo inamibia ngesonto ebusuku, imelwe ukunqoba noma kanjani uma izimisele ngokuqhubeka nokuba yingxenye yalo mqhudelwano oqhubeka kwelase-ivory Coast. Umdlalo ungo-10 ebusuku, e-amadou Gon Coulibaly.
Inamibia izibeke endaweni enhle inqoba ngo 1-0 kompetha bango-2004 itunisia ngawo ulwesibili.
“Angikholwa ukuthi sidlale ngale ndlela eyenza kufanele siphonse ithawula ngoba besingcono isikhathi esiningi ikakhulukazi esiwombeni sokuqala,” kusho ude Sa.
“Siyeke amathuba amaningi amahle njengephenathi engicabanga ukuthi umphumela ubuzohluka kakhulu ukube ingenile.
“Kube yinhlanhla yemali ukuthi isebenzise amathuba ewatholile kodwa kufanele ubroos nabafana bakhe bawususe ngokushesha emqondweni lo mphumela.
“Akukhona ukuthi usuphelile umqhudelwano wethu kodwa kufanele sizitshele ukuthi yonke imidlalo elandelayo isizofana neyomkhumulajezi.
“Sahlulwa okwesibili sizobalwa namazwe okuqala abuyele ekhaya okuyihlazo njengoba namazwe ase-afrika eseningizimu eqale ngegiya eliphezulu,” kulandisa ude Sa oseke wafika kowamanqamu wecaf Champions League ne-orlando Pirates ngo-2013 esengumqeqeshi.
Ukholelwa ekutheni ithuba lisekhona kodwa kufanele ibafana izibambe ziqine kwinamibia.
“Uzoba nzima ngokudlulele umdlalo wenamibia okuzobe kudalwa yindlela eqale ngayo (inqoba kwitunisia) nangokugqisha kwayo ngabadlali abadlalela amaqembu eligi enkulu yaseningizimu Afrika.
“Iqiniso elingenakuphikwa ukuthi sinabadlali abangcono kunenamibia ngakho-ke kusemqoka ukuyihlonipha kodwa sinawo amava okunqoba kuyona ikakhulukazi njengoba sisesimweni ebesingafuni ukuzithola sikusona eqoqweni,” kuphetha ude Sa. Imidlalo ye-afcon ngempelasonto: Namuhla - Ngo-4pm: Cape Verde v Mozambique 7pm: Senegal v Cameroon 10pm: Guinea v Gambia Kusasa - Ngo-4pm: Algeria v Burkina Faso Ngo-7pm: Mauritania v Angola Ngo-10pm: Tunisia v Mali Ngesonto - Ngo-4pm: Morocco v DR Congo Ngo-7pm: Zambia v Tanzania Ngo-10pm: South Africa v Namibia