Ungqongqoshe uchitha eyelahle eliyimpuphu nomgomo wecovid-19
UNGQONGQOSHE wezempilo kuleli ugxeka abasabalalisa ulwazi olungamampunge, oluthi kunabantu ababulawa wumgomo wecovid-19.
Ngempelasonto ezinkundleni zokuxhumana bekunenkulumo eqoshiwe ebisabalele ebithi kunabantu abaningi ababulawa yizifo ezingaqondakali, okudalwa wumgomo wecovid-19.
Inkulumo ibiphetha ngokuthi ikhuthaze abantu abagoma ukuthi baphuze ilahle eligayiwe i-activated charcoal.
"Abekho abantu abasha okubikwe ukuthi ukufa kwabo kuhlobene nokugomela icovid-19, ngaphandle kwabathathu umnyango owabika ngabo ekuqaleni konyaka odlule," kusho ungqongqoshe wezempilo, udkt Joe Phaahla esitatimendeni.
Uqhube wathi umkhiqizo wamalahle agayiwe awubhalisiwe esikhungweni esilawula imithi yokwelapha kuleli, i-south African Health Products Regulatory Authority (Sahpra), njengomuthi ovumeleke ukuthi usatshalaliswe kuleli, ngakho ukuphepha nokusebenza kwalo akwaziwa.
“Abanye abantu balisebenzisela ukuqeda ukuqunjelwa. Uma umuntu esebenzisa ilahle eliyimpuphu, ebe esebenzisa eminye imithi, ingase icindezeleke.
Ukusetshenziswa kakhulu kwelahle eligayiwe kungase kuphazamise ukumuncwa kwemisoco etholakala ekudleni,” kuchaza uphaahla.
Uthe izwi eliqoshiwe ebelisatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana lidale ukudideka, ukwesaba nokudinwa kubantu abashonelwa yizihlobo zabo ngenxa yecovid-19.
Unxuse umphakathi ukuthi ungabanaki abantu abakhuluma izinto ezingenabufakazi ezinkundleni zezokuxhumana.
Uqhube wathi isikhwama esibhekele abakhinyabezwa wumgomo, i-vaccine
Injury No Fault Compensation Scheme, sathola izicelo ezingu-49 zokunxeshezelwa nyakenye, ezingu-30 zazo abutholakalanga ubufakazi bokuthi abazifaka balinyazwa wumgomo.
Uthe imali ekhokhelwe okutholakale ukuthi izicelo zinobufakazi ingu-r671
000, kuleyo mali uthe kubalwa no-r450. 000 owakhokhelwa imindeni yabantu abathathu okwatholakala ubufakazi bokuthi babulelwe umgomo, u-r171
000 okhokhelwe okwatholakala ukuthi bakhubazwe wumgomo okungeke kuselapheka, kwakhokha ur45 000 kulabo abakhubazeka okwesikhashana no-r5
000 owakhokhelwa udokotela ozimele owahlola abanye abafaka izicelo.