Izinkanyezi
ARIES: Mar 21 - Apr 21.
QAPHELA futhi uzivikele ekuchukuluzweni ngendlela ongayiqondisisi kahle. Zethembe, ekutheni ungakwazi ukuziqambela amathuba amahle futhi empumelelo ezothatha isikhathi eside.
TAURUS: Apr 21 - May 21.
QINISEKA ukuthi uyayivikela impilo yakho. Lindela ukwenza okungaphezulu kwalokhu obekelwe kona nolindeleke ukuba ukwenze ngoba lokho kuzokhombisa abaningi ukuthi bangathembela kuwena.
GEMINI: May 21 - Jun 22.
ZANELISE ngenjabulo kulesi sikhathi ngoba siqhamuka ungasilindele. Okuhle wukuthi ungenza noma yini ngaso futhi okwenza manje kungaletha enkulu inzuzo empilweni yakho. Biza izinkomfa futhi wenze amalungiselelo entuthuko. Usethubeni lokuthatha indlela ebalulekile.
CANCER: Jun 22 - Jul 23.
XAZULULA izinkinga zakho nomndeni. Ingqondo yakho izoke ishaywe wumoya ngoba uzokwazi ukulungisa okuningi obekukudida. Beka udaba lwakho ngendlela ecacile futhi ungesabi ukulwela amalungelo akho nokuthola usizo olukulungele.
LEO: Jul 23 - Aug 24.
UKUZIJABULISA noma ukuvakasha uyongcebeleka kubalulekile ngoba ukusebenzele, thatha isithandwa sakho niphume. Uma ungenaye umuntu ozwana naye, uzothola uthando olusha uma uzihlanganisa nabanye abantu.
VIRGO: Aug 24 - Sep 23.
LANDELA amaphupho akho ngomfutho nolwazi onalo. Uzohloma ngolwazi wenze ngobuciko umsebenzi wakho ngoba vele usuwujwayele. Ukushintsha indlela obuka ngayo izinto uzibuke ngeso elihle, kungakusiza uwuthole umsebenzi owufunayo.
LIBRA: Sep 23 - Oct 23.
VULA wonke amathuba okuhlaziya okusenhliziyweni yakho, wakhe ubudlelwane nalabo ozibandakanya nabo ngoba inhlanhla yakho ilele kubona. Lindela injabulo ikakhulu kwezentokozo nakwezokungcebeleka. Yisikhathi esikuphathele injabulo lesi.
SCORPIO: Oct 23 - Nov 23.
YIBA nesibindi kokwenzayo ube nokuzimisela, kwazise ukuthi ungumuntu obuye azithandele izinto eziphathekayo.
Imizamo yakho izothela izithelo ezihle kwande namathuba okuthola imali nomsebenzi.
SAGITTARIUS: Nov 23 - Dec 22.
LESI yisikhathi sokuthola usizo kanti ikusasa lakho liza nokuhle kodwa uma uzohlalela ethembeni. Umsebenzi ozowenza, wenze usunesiqiniseko sokuthi akukho okuzokuxaka ngawo. Phokophelela ukukuthola lokhu okufunayo empilweni ngoba kubukeka kusekude ukuthi ukuthole.
CAPRICORN: Dec 22 - Jan 21.
THATHA indlela enokulunga futhi enhle ukuze ukwazi ukuzifaka ezintweni. Thatha isinyathelo sokukhulisa umcebo wakho, uqikelele futhi uzimisele kokwenzayo. Okwenzayo kwenze ngokukhululeka.
AQUARIUS: Jan 21 - Feb 20.
YENZA ubudlelwane obusha kodwa ungabalahli abantu asebephenduke ingxenye yempilo yakho, badlala indima enkulu empumelelweni yakho. Enza obukade ukulangazelele empilweni yakho ngoba akekho umuntu ongafuni ukukunika usizo.
PISCES: Feb 20 - Mar 21.
UMKHULEKO ungakusiza ukuxhumanise nemizwa yakho. Dlulisela kunkulunkulu okuzwayo ngaphakathi ngoba kubalulekile ukuzijwayeza ukondla umoya wakho ngokuhle njengoba wenza nasemzimbeni.
OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1876 kwashicilelwa okokuqala iphephandaba lansuku zonke ithe Cape Times, lashicilelwa ekapa ngesingisi ngaphansi kwafrederick York St Leger owayengumhleli.
Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala uleleti Khumalo (osesithimbeni) ongumlingisi wakuleli. Wazalelwa Kwamashu ngo-1979.