ARIES: Mar 21 - Apr 19
UKUBA manqika nokungaqedi ngesikhathi okuthize obhekene nakho kuzokuphatha kabi. Kubukeka sengathi kufanele ube sezindaweni ezimbili, manje awusazi uzokwenzenjani.
TAURUS: Apr 20 - May 20
GXILA kwezezimali nasezintweni eziphathekayo okwamanje. Qaphela ungangeni ezikweletini futhi uqikelele uma uzolondoloza imali.
GEMINI: May 21 - Jun 20
ZIZOPHAZAMISEKA izinhlelo zakho uma usenezinkinga eziningi obhekene nazo empilweni yakho nokunye nje uma kukhona okukuphazamisayo. Ukungathembeki kuwena uqobo kungakubeka ebungozini.
CANCER: Jun 21 - Jul 22
ZETHEMBE uma ufisa ukuxazulula izinkinga emndenini wakho. Kuzomele uvumelane nesimo esizokuphoqa ngenxa yesihlobo esingenalo uzwelo. Izinkinga ezikhona emndenini wakho zizonibalekisela injabulo ekhaya.
LEO: Jul 23 - Aug 22
KUMELE uzifundise ukulinda uma uzimisele ngokuthi kube noshintsho kwezothando. Ezokungcebeleka, zizongacaci kahle ngakho kuzodinga ugweme ukuqagela. Ungabukeli izinto phansi ngalesi sikhathi.
VIRGO: Aug 23 - Sep 22
SEBENZA kanzima uma ufuna ukuphumelela. Kunobungozi ukungabhekisisi kahle, ungagcina ungaphumeleli ngakho qaphela izinqumo ozithathayo nalokho okukhethayo. Kuzomele ubhekisise ukuze uthole iqiniso ngalokho okwenzayo, uma kuthinta ezezimali, bhekisisa kahle.
LIBRA: Sep 23 - Oct 22
YIMBI indlela oziphethe ngayo njengamanje, uzothola isijezo esincane uphoxeke kakhulu ngenxa yalokhu. Ngeke kumangaze ukuthi ufune ukuziphilela impilo yakho.
SCORPIO: Oct 23 - Nov 21
UZOKHUMBULA umuntu ebeninobudlelwano obuhle naye ngenxa yokungahambi kahle kwezinto. Uzogcina usumtshela indlela ozizwa ngayo. Inkinga wukuthi njengamanje umqondo wakho usadidekile.
SAGITTARIUS: Nov 22 - Dec 21
KUNINGI obungakulindele okuzokwenzeka empilweni yakho. Kunobunzima ozobhekana nabo obuzokudlela isikhathi nomdlandla.
CAPRICORN: Dec 20 - Jan 19
YIBA nalo lonke ulwazi ngezinkinga ezibhekene nawe ngqo. Yenza lokho onamandla okukwenza ngoba ngeke ukwazi ukwenza ngaphezu kwalokho ngalesi sikhathi sezinkinga.
AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18
KUZOBA yinkinga ukulawula izinkinga ezihlasele imizwa yakho nezinhlelo zakho. Zama ukuzikhulula ezinkingeni zakho ngokuthi uhlukane nomuntu okuhlukumezayo ngoba uma kungenjalo uzohlala ubhekene nobunzima.
PISCES: Feb 19 - Mar 20
UKUBA nethemba nokuphenduka yikona okungaba yisixazululo sezinkinga zakho. Uzokwazi ukuthatha isinqumo esinqala ngalesi sikhathi. Kubukeka sengathi ukungazinaki kuzokubeka engozini. Umqondo wakho mawuhleleke kahle.
OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-2001 owayeyiphini likamengameli wezwe, ujacob Zuma, wethula ibhodi elibhekelela ezokwakha kuleli, iconstruction Industry Development Board, epitoli.
Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ubonginkosi Dlamini, owaziwa ngelikazola (osesithombeni) ongumculi nomlingisi wakuleli. Wazalelwa esoweto, ngo-1977.