Kukhalwa ngokushoda kwabasebenzi kufa isiguli kulayini
IZINYUNYANA zabasebenzi zithi ukushoda kwabasebenzi yikho okuholela kolayini abade emtholampilo wakwamashu.
Ngomsombuluko kushone owesilisa oneminyaka engu-41, okuthiwa unqatshelwe ngonogada ukuthi angene egunjini labezimo eziphuthumayo, esuka kulayini wabagulayo.
Izinyunyana zithi mhlawumbe ukushona kwalesi siguli ebesingakabhaliswa, kuzokwenza ukuthi abaphathi balusukumele udaba lokushoda kwabasebenzi osekuphele iminyaka ludingidwa kodwa lungasombululeki.
Umnuz Sibonelo Cele, usihlalo wenyunyana yabahlengikazi idenosa Kwazulu-natal, uthe inkinga enkulu eyokuthi uma kwenzeka kuvuleka iwindi lokuqasha, kubhekelelwa abasebenzi abenza umsebenzi obucayi kanti ezikhungweni zezempilo wonke umsebenzi ubucayi.
“Omabhalane, abahlanzayo nonogada kuye kuthiwe abenzi umsebenzi obucayi. Isiguli sidinga ikhadi laso ukuze sibhaliswe, uma lingekho umsebenzi wonke uyama. Umphakathi okukhohlwayo wukuthi nakuba wona ufika ngabo-5 ekuseni kodwa ukusebenza komtholampilo kuqala ngo-7 ekuseni. Isiguli esifika ngaphambi kwalokho kumele siye egumbini lezimo eziphuthumayo nalo eligcina seligcwele lichichima emitholampilo esemalokishini,” kusho ucele.
Umnuz Ayanda Zulu, unobhala wenehawu EKZN, uthe umnyango uhlale ubheka ukuthi icala uzolibeka kubani, awufuni ukulungisa inkinga ewumsuka wezinye izinkinga ezikhona.
“Asazi noma namanje kuzoba yisimo esifanayo yini. Iwodi newodi linesibalo sonesi okumele libe naso kanjalo nabanye abasebenzi abasizayo. Uma beshoda kuba nolayini omude.”
Umnuz Mlungisi Ndlovu, WEPSA EKZN, uthe umsebenzi oyedwa kuyenzeka azithole esenza umsebenzi wabantu abathathu okuholela ekutheni ulayini uhambe kancane.
Omunye wabasebenzi bakulo mtholampilo, ocele ukungadalulwa, uthe emasontweni amabili zine iziguli ezishone zingakalutholi usizo kulo mtholampilo. Umehluko ukuthi lesi sakamuva besingakabhaliswa futhi “sixoshwe” onogada.
Okunye okwengeza umthwalo kwabasebenza egumbini lezimo eziphuthumayo wukuthi nakuba umtholampilo wakwamashu uvulwa amahora angu-24 kodwa uphiko olwamukela iziguli, imedical Outpatients Department (MOPD), igumbi lezingane, uphiko oluhlola abephukile nekhemisi kuyavalwa ngo-4 ntambama.
Inhloko yomnyango wezempilo Kwazulunatal, udkt Sandile Tshabalala, ithe bathole ukuthi isiguli sishonele lapho kupakwa khona izimoto.
Uthe lesi bekuyisiguli esihamba lo mtholampilo kodwa ebese kunesikhathi singasafiki.
“Sikhuthaza ukuthi iziguli ziye emtholampilo uma zizizwa zingaphilile kahle, zingalindi. Okunye esikucelayo ukuthi iziguli zizisebenzise izinhlelo ezikhona zokulanda imithi yazo ethize ukuze kugwemeke izigameko ezinjengalezi,” kusho yena.
Umnyango ubungakaphenduli ngokushoda kwabasebenzi.