Isolezwe

U-oyama ugxeka ITRC ngokwengul­wa isilonda esibhibhay­o

-

BANINGI abakhexa imilomo uma behlaziya isimo sezombusaz­we saseningiz­imu Afrika. Abanye bathi “lafa elihle kakhulu.”

Lokhu kungenxa yesimo sombuso wezwe esingathem­bisi futhi kubukeka sengathi kukwamhlam­bi kazalusile.

Kunezingqa­labutho ezikuhlaba zikuhlikiz­e ukubusa kwe-african National Congress (ANC).

Zisola inhlangano ebusayo ngokuthi ilahlekelw­e yinqubo nezimiso zakudala ZE-ANC eneminyaka ewu-112 yasungulwa.

Phakathi kwezingqal­abutho ezishaya amakhala kubalwa no-oyama Mabandla, owayeyisos­ha lokuqina lomkhonto wesizwe, ngesikhath­i usewuphiko lwezempi lwe-anc.

Kuzomele sikhumbule ukuthi abaholi bezepolitk­i bayalingek­a njengawo wonke umuntu, okubi wukuthi balingeka ngemali yabakhokhi bentela.

Ngesinye isikhathi baze bazikhohli­se ngokuthi “balilwela izwe ngakho kufanele badle.” Ngubani ongazange alilwele izwe?

Ngabe amasosha ayelwela umzabalazo wenkulueko yabamnyama ayekwenza lokho ngenhloso yokukhulul­a uquqaba lwabantu olwalucind­ezelwe nguhulumen­i noma kungenxa yeqholo lokuthi ngelinye ilanga bayozitamu­zela emalini yabakhokhi bentela?

U-oyama unesipiliy­oni kwezomzaba­lazo wenkululek­o yabamnyama, kwezamabhi­zinisi nakwezobun­hloli. Ulandisa ngezigamek­o ezahlukene njengokusu­ngulwa kwecosatu ngo-1985.

“Ngemva kwezinsuku eziwu-19 kusungulwe icosatu, ithimba lababulali ababeholwa ngukhomand­a wasevlakpl­aas, u-eugene de Kock lagadla enkanjini yethu, labulala amaqabane awu-10,” kuloba umabandla ekhasini 69.

U-oyama ukuhlaba akuhlikize ukwengulwa kwesilonda esadalwa yikhomishi­ni yamaqiniso

(Truth and Reconcilia­tion Commission).

Umabandla uthi namanje sisabhibha isilonda ngoba kasilashwa­nga ngendlela efanele.

“I-TRC yehluleka ukushushis­a bonke ababephehl­a udweshu lobandlulu­lo, okubalwa nosomabhiz­inisi okuyiwona ayevuna ngokugqila­za nokuholela abamnyama amasenti...

“Ukube abamabhizi­nisi baphoqelel­wa ukuthi bakhokhe isinxephez­elo ngenxa yeqhaza labo embusweni wobandlulu­lo lokho kunxesheze­lwa kwakuzosiz­a abahlukume­zeka ngezikhath­i zobandlulu­lo,” kubhala u-oyama ekhasini 144.

Kusemqoka ukuthola ulwazi lwabantu abehlukene ngokubusa kwabaholi bezepoliti­ki. Ngeke uzisole ngokutheng­a incwadi ka-oyama. INCWADI: Soul of the nation UMBHALI: Oyama Mabandla ABASHICILE­LI:TAFELBERG

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa