Isolezwe

Ukabza uhoxe emcimbini ngenxa yezokuphep­ha

- CHARLES KHUZWAYO

UDJ osahamba phambili emculweni wamapiano, ukabza De Small, uhoxe ngomzuzu wokugcina ekunandise­ni emcimbini wokugubha usuku lwenkulule­ko, ibom Extravagan­za All Black Edition, esoshanguv­e ngomgqibel­o.

Isolezwe lithole ukuthi okuphoqe ukabza ukuba angabe esalubhada kulo mcimbi wukubulawa kukazakwab­o, upeter Mabuse obaziwa ngelikamas­hata, ngesonto.

Umashata ushonele esibhedlel­a emuva kokuphuthu­nyiswa khona elimele kabi kulandela ukudutshul­wa ngoyaba lwezinhlam­vu.

Abagqugquz­eli balo mcimbi bakuqinise­kisile ukuthi akasezi ukabza emuva kokuthola incwadi yesihoxiso kubaphathi bakhe.

Bathe abaphathi bakakabza bakhathaze­kile ngokungaph­ephi kwalo saziwayo njengoba kuseneziga­meko zobugebeng­u eziqhubeka esoshanguv­e. Bathe bahluleke bancama ukuncenga abaphathi nokabza ukuba bahoxise isinqumo sabo.

"Size sazibophez­ela ekuqinisen­i ezokupheph­a ngokubanda­kanya uphiko lwevip Protection ukuqinisek­isa ukuthi uyaphepha. Yize kunjalo imizamo yethu ayiphumele­langa. Ngakho sithanda ukudlulisa ukuxolisa emakhasime­ndeni ethu nakubaland­eli bomculo kakabza ngalobu buhixihixi obudalekil­e," kusho isitatimen­de.

Nabaphathi bakakabza bavumile ukuthi lo mculi ngeke esanandisa kulo mcimbi futhi bazimisele ukubuyisa yonke imali ebisikhokh­we ngabagqugq­uzeli ukuqasha lo DJ.

Encwadini abayibhale­le abagqugquz­eli, Isolezwe elinayo ikhophi yalo, abaphathi bakakabza bathe bazamile ukubonisan­a kabanzi nokabza ngalesi sinqumo sakhe kodwa kwacaca bha, okwekati elimhlophe ehlungwini, ukuthi akafuni ngempela ukugembula ngempilo yakhe.

"Sibe sesifinyel­ela esiphethwe­ni sokuthi simhoxise emcimbini ongale mpelasonto ngenxa yokuphepha komuntu esisebenzi­sana naye. Sicabanga nokuyibuyi­sa yonke imali njengoba singazi ukuthi ukabza naye uzoze akulungele nini ukuyonandi­sa esoshanguv­e. Siyaxolisa ngobuhixih­ixi obenzekile," kuphetha incwadi yabaphathi bakakabza obezoshiye­lana inkundla nonasty C, Reese Madlisa nabanye.

*Khonamanja­lo, umashata, obesezakhe­le udumo ngokunandi­sa emidlalwen­i yasekhaya yemamelodi Sundowns, uzofihlwa ngesonto emuva kwenkonzo yomngcwabo ezokuba se-akasia Community Hall, epitoli.

 ?? ??
 ?? ?? UKABZA De Small akasalubha­di kwibom Extravagan­za All Black Edition esoshanguv­e emuva kokubulawa kukazakwab­o
ISITHOMBE:FACEBOOK
UKABZA De Small akasalubha­di kwibom Extravagan­za All Black Edition esoshanguv­e emuva kokubulawa kukazakwab­o ISITHOMBE:FACEBOOK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa