Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: MAR 21 - APR 20

IMICABANGO yakho ibukeka imihle futhi iphusile. Ngenxa yalesi sizathu kuningi okuhle ozokwazi ukukunqoba ngaphandle kokuphazam­iseka. Ungabi nenkinga yokwamukel­a usizo oluqhamuka eceleni.

TAURUS: APR 21 - MAY 20

LOLU suku luzokuba luhle uma ungase uzinikele ekubhekele­ni izidingo zomndeni wakho. Ngesikhash­ana uqalile ungase uzithole welapheka emphefumul­weni ngendlela ongayilind­ele. Kunezindab­a ezinhle ezingase zilandele futhi ezingaleth­a injabulo kunina nonke.

GEMINI: MAY 21 - JUN 20

KUNGABA yisu elihle ukudela ukwenza izinto ezingenasi­dingo ngenxa yokuthanda injabulo. Leli sonto alikhombis­i nakancane ukuba lihle noma elikuvunay­o kwezenjabu­lo.

CANCER: JUN 21 - JUL 22

UKUBA mnene nokuba nenhliziyo eshesha ukuxolela kuzomangaz­a nalabo abakuchuku­luzayo. Yamukela okwenzekay­o njengokwak­uvele kudaliwe, ungamoshi isikhathi ngokuqophi­sana nabantu abangenanj­ongo empilweni.

LEO: JUL 23 - AUG 22

LINDELA iziyalo ezinhle nezizokwak­ha ezivela kumuntu okhaliphil­e. Kusemandle­ni akho ukuthi uzisebenzi­se ngandlelan­i. Kodwa okufanele ukwazi ukuthi ukuzamukel­a ngazo zombili, kungakwenz­a umuntu ongcono.

VIRGO: AUG 23 - SEP 22

IMICABANGO yakho ejulile nokuzihlup­ha ngokufuna ukufeza amaphupho kubukeka kungase kuthele khona maduze. Kuningi okuzoqhaka­za kuleli sonto nempilo yakho uqale ukuyijabul­ela ngenye indlela.

LIBRA: SEP 23 - OCT 22

YENZA isiqinisek­o sokuthi wonke umuntu uyakuqonda ngaphambi kokuthi bakwehlule­le ngokwenzek­ayo.

Kuningi okungase kwenziwe ngabasonde­lene nawe ngenhloso yokukhombi­sa ukukweseka ngoba befisa ukukuqonda kangcono. Kungaba kuhle ukukhombis­a ukwamukela imizamo yabo.

SCORPIO: OCT 23 - NOV 21

YEHLISA ulaka ukuze uthole okudingayo. Ukuba kulesi simo kungase kukunike inkinga yokubhekan­a nezinselel­o ngendlela enhle yokuzixazu­lula. SAGITTARIU­S: NOV 22 - DEC 21

KUNINGI okungahamb­i kahle empilweni yakho njengamanj­e. Ingcindezi yokwenza izinto eziningi ngesikhath­i esisodwa nokufuna ukuphumele­la kukhona konke kungase kukudalele inkinga. Yehlisa ilukuluku lokufisa ukubukeka ungumnqobi kuyona yonke into oyenzayo.

CAPRICORN: DEC 22 - JAN 19

LE mpelasonto ngeyokuseb­enza kanzima uzivocavoc­a ukuze impilo yakho ibe sesimweni esigculisa­yo. Ukuhleleka kahle kwempilo yakho kungase kube nemiphumel­a emihle emqondweni nasemphefu­mulweni.

AQUARIUS: JAN 20 - FEB 18

SEBENZISA ukukhaliph­a kwakho ukuhlela isimo sezimali esingase sikuthikam­eze ngokuhamba kwesikhath­i. Kungaba kuhle ukuthekela usizo kubantu abanolwazi olungcono nabakufund­ele uma kwenzeka uhlangabez­ana nobunzima.

PISCES: FEB 19 - MAR 20

UKUQALA uthando noma ubungani obusha ngalesi sikhathi kungangena khaxa esikhaleni esesinesik­hathi eside sivulekile empilweni yakho. Yize okuningi kunezimpaw­u zokuhamba kahle kodwa le ngxenye yempilo isinesikha­thi ikhombisa ukushoda. Ukuze konke kuqonde, thasisela yona.

EMLANDWENI: Ngo-1994 kwavota abantu ngokukheth­ekile ngaphambi kokhetho olukhulule­kile ngo-ephreli 27.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala usam Magalefa (osesithomb­en) ongumdlali webhola wakuleli. Wayegijima kwijomo Cosmos. Wazalelwa esoweto ngo-1978.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa