Kuxwayiswe othishanhloko ngokunika osihlalo bamasgb amandla
ISIKHULU somnyango wezemfundo eyisisekelo kuzwelonke esibhekele izikole, umnuz James Ndlebe, siyalele othishanhloko ukuthi banganiki osihlalo bezigungu ezilawula izikole amandla edlulele njengoba kuyibona abangabaphathi bezikole. Undlebe uthe osihlalo bangamalungu ezigungu, kababona abanikazi bazo - ngakho abanganikwa amandla ngoba bagcina sebeba ngondlovukayiphikiswa.
Uthe othishanhloko yibona abayizikhulu zezikole kodwa abazona izikhulu zesigungu esilawula isikole.
“Ezikoleni okwakungezabamhlophe kugcina sekulawula osihlalo bezigungu.
Uthi ufikile ungumhloli uzofuna into ethile kuthiwe kuzoqala kubuzwe kusihlalo. Ufika kupendwa kuthiwe usihlalo wesigungu esilawulayo othe akwenziwe lowo msebenzi, uthishanhloko anqindwe amandla. Osihlalo abangagcini sebephethe izikole ekubeni bekhona othishanhloko,” kusho undlebe.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma engqungqutheleni yothishanhloko besadtu, empumalanga.
Uthe othishanhloko kumele babe nesibindi sokukwazi ukumela into abafuna yenzeke esikoleni abasiphethe.
“Kumele uthishanhloko abe nomgogodla, ayimele into akholelwa kuyona. Iba nobudlelwano nozakwenu, ungabi undlovukayiphikiswa ngoba ngeke ukwazi ukwenza umsebenzi ngaphandle kwabo. Uthishanhloko akumele asebenzise imali yesikole ngendlela athanda ngayo. Baningi esihlale sibashushisela amacala athinta ukudliwa kwemali,” kusho undlebe.
Undlebe ophinde abhekele abaphathi bezikole, izigungu zezikole, kanjalo namahhovisi ezifunda omnyango ezifundazweni, uthe umsebenzi kathishanhloko wukuqinisekisa ukuthi abafundi bayafunda nokuthi othisha bayafundisa. Ubalule ukuthi uthishanhloko kumele azi ukuthi kwenzekani kuzona zonke izifundo esikoleni asiphethe.
“Umsebenzi kathisha ukufundisa. Okathishanhloko ngukuthi azi ukuthi kwenzekani kuzona zonke izifundo. Awukwazi ukuthi unguthishanhloko wazi ngosepthemba ukuthi abafundi ekilasini elithile basilele emuva esifundweni esithile. Akumele uma sizofuna into esifundiwe nisithume kubaphathi bezifundo, umsebenzi wakho ukwazi yonke into esifundiwe,” kusho undlebe.
Undlebe uthe kumele kube namakomiti ezigungwini zezikole.
“La makomiti ahlukene azobe ebhekele izinto ezehlukene esikoleni. Kungaba elibhekele izinsiza zokufunda, elokulungiswa kwesikole, elithinta imali kanjalo namanye amakomiti ukuze umsebenzi ungaweli kubantu ababodwa, kuvinjwe nendaba yokudliwa kwemali.”
Uxwayise othishanhloko ngokuthi kumele bathole imvume esigungwini sabazali ukwenza okuthile esikoleni.
“Uthishanhloko ngeke nje avuke kusasa ayothenga into ethile ngaphandle kokuvumelana nesigungu sesikole. Uma ethenga izinto ngaphandle kwemvume yesigungu sesikole uzobe esephule umthetho,” kuxwayisa undlebe.