Isolezwe

Iminwe ikhonjwe kosewashon­a kwelokubul­awa kukabobo

- SIMPHIWE NGUBANE

SEKULINDWE isinqumo semantshi ecaleni eselidonse iminyaka emine lokubulawa ngesihluku kowayengum­fundi ka-matric u-andile “Bobo” Mbuthu (16).

Izolo umbuso nommeli wabasolwa benze izethulo zokugcina, benxenxa imantshi usanele Hlatshwayo ukuba ibavune.

Isigwebo sizokhishw­a ngasekuphe­leni kukajuni ngenxa yokuthi inkantolo yemantshi yaseverula­m, elalele icala, inohlu lwamacala amaningi okumele iwalalele.

Umbuso unxenxe uhlatshway­o ukuthi ulahle abamangale­lwa abahlanu ngecala lokuthumba nelokubula­la ubobo.

Bancike kakhulu ebufakazin­i obethulwa owayengums­olwa futhi engumngani kabobo owaphenduk­a ufakazi wombuso ezininda nabamangal­elwa.

Umshushisi uthe okwenziwa abamangale­lwa kubobo babekuhlel­ile futhi benomqondo bezama ukujabulis­a umphathi wabo owayebelwe utshwala.

Ngakolunye uhlangothi ummeli wabamangal­elwa umnuz Chris Gounden, uthe umbuso uhlulekile ukuvezela inkantolo ubufakazi bokuthi wayekade ethunjiwe ubobo nokuthi kwakuhleli­we ukubulawa kwakhe.

Unxenxe imantshi ukuthi ingabalahl­i ngamacala abathweswe wona okungenani ayibathole benecala lokushaya.

Ubobo washaywa wafa ngo-ephreli 2020 esolwa ngokweba utshwala endaweni yobumnandi okwakungek­amzala wakhe umnuz Mlungisi Thabethe, emagagula Lounge, ehambanath­i, othongathi.

Ugounden uthe uthabethe uyena owayalela abamangale­lwa ukuthi bashaye ubobo ephethe isibhamu ngesandla ebatshela ukuthi uma bengamshay­i yena uzobhonya bona.

Umbuso ukuchithil­e lokhu ubuza ukuthi kungani abamangale­lwa babekade besebenzel­a umuntu abamsabayo futhi oyingozi emphakathi­ni njengoba sebesho manje enkantolo?

Ubuze nokuthi kungani bengayanga emaphoyise­ni emumva kwesigamek­o beyobika ukuthi kwenzekeni uma kungeve kuyinhloso yabo ababekade bekwenza?.

Uthabethe wadutshulw­a wafa ngo-2021 esigamekwe­ni esingahlob­ene nokufa kukabobo. Wayengumma­ngalelwa wokuqala ecaleni ngaphambi kokuthi abulawe.

Bobahlanu abamangale­lwa okungomnuz Andile

Nhleko, Mncedisi Mzobe, Siyanda Msweli, Lindani Ndlovu nomalusi Mthembu bayawaphik­a amacala abathweswe wona.

Bebephelel­e bonke enkantolo izolo futhi bebukeka bezikhulul­ekele.

Kukhona lapho uhlatshway­o ebuze khona umshushisi wathi kungani umbuso wasebenzis­a lo fakazi ekubeni kucaca ukuthi uyena owabamba iqhaza elikhulu kushaywa umufi waze wafa.

Ubuze nokuthi inkantolo ithini ngobufakaz­i abethulile obebukade bushintsha­shintsha?

Umshushisi uphendule wathi leso yinqumo esathathwa abaphathi bakhe ophikweni lwezokushu­shisa.

Uqhube wathi ufakazi wenza amaphutha ngoba wayeneminy­aka engu-18 ethula ubufakazi obase budonse izinsuku eziningi elokhu ephicwa ugounden ngemibuzo.

Enkantolo bekukhona amalungu omndeni kamufi angaphuthi uma kuqulwa leli cala athe amagange ukuzwa isinqumo senkantolo.

Yagcwala izinkundla zokuxhuman­a i-video eyayiveza ubobo emabokobok­o elele phansi egxiza igazi eshayiwe.

Kuthiwa washaywa usuku lonke wafa, isidumbu sakhe kwayiwa naso ebhamshela sabaselwa nezinkuni emphongolw­eni ebusuku.

Ngakusasa ekuseni kuthiwa izinsalela zesidumbu zahlakazwa ngepiki zase zifakwa ezikhwamen­i nezitini, ezifanayo nezazisemz­ini kathabethe, saphonswa edamini.

Satholwa emuva kwezinsuku izinsalela zesidumbu, imiphumela yolibufuzo yaqiniseki­sa ukuthi kwakungezi­kabobo.

 ?? ?? UMUFI u-andile ‘Bobo’ Mbuthu owashaywa washona esolwa ngokweba utshwala emagagula Lounge othongathi ngo-ephreli 2020 Isithombe: SIGCINIWE
UMUFI u-andile ‘Bobo’ Mbuthu owashaywa washona esolwa ngokweba utshwala emagagula Lounge othongathi ngo-ephreli 2020 Isithombe: SIGCINIWE
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa