Isolezwe

I-MK ikhala ngobunzima bokuthola inkundla yomcimbi wezethembi­so

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

IQEMBU elisha umkhonto wesizwe (MK) lithi lichithwe ezinkundle­ni zemidlalo ezehlukene ngaphambi kokuthola i-orlando, esoweto lapho lizokwethu­la khona izethembis­o zokhetho.

I-MK izimisele ukugadla kuzwakale okhethweni lukazwelon­ke oluzoba ngomeyi 29 lapho kulindelek­e ukuthi zidlane kulo imilala.

Okhulumela IMK umnuz Nhlamulo Ndlhela, uthe baqedela amalungise­lelo omcimbi wabo wokwethula izethembis­o okulindele­ke ukuthi ube ngomeyi 18.

I-MK yethulwe owayengume­ngameli umnuz Jacob Zuma ngodisemba nyakenye, wathi uzovotela yona akasayinge­ni eyokweseka I-ANC. Uzuma wathi akenelisek­ile ngobuholi bukamnuz Cyril Ramaphosa.

Kumanje IMK kuphuzwa ngayo itiye ngezizathu ezehlukene. Amaqembu amaningi asezethuli­le izethembis­o zokhetho kubantu futhi sekusele amasonto ambalwa kuvotwe.

Undhlela ubale izindawo ezimbili abachithwe kuzona kwaba nezinye angabange esafuna ukuzisho athe bebezama kuzona.

“Inkundla yokuqala ebesiyifun­a kakhulu YIFNB kodwa kwavela ukuthi izobe isetshenzi­swa. Sizamile ukuthola imoses Mabhida nakhona satshelwa ukuthi izobe isebenza. Sizame kaningi nakwezinye izindawo saze sathola i-orlando,’’ kusho undhlela.

Uthe akuwona umcimbi wokwethula izethembis­o kodwa wumhlangan­o wezwi labantu nokuyilona okufanele ligqame kakhulu ukwedlula osopolitik­i. Undhlela uthe uzuma uzokwethul­a umyalezo wosuku kulo mcimbi.

Uthe ubuholi bumatasa nje buqedela zonke izinhlelo zalo mcimbi okulindele­ke ukuthi ube yingqopham­lando. Udaba lokungatho­lakali kwezindawo belulokhu luvela emaqenjini ekhala ngokuthi kuba nzima.

I-FP isanda kukhala ngento efanayo izama ukuthola inkundla ngasemzimk­hulu kodwa kwathiwa ngeke ikwazi. Akhona namanye amaqembu ake akhala ngokuthi izinkundla azitholaka­li.

Ngaphandle kodaba lomcimbi wokwethula izethembis­o, kulindelek­e ukuthi udaba lwemk NE-IEC lungene enkantolo yomthethos­isekelo namuhla.

I-IEC yanquma ukuthi uzuma akafanelwe wukuba sohlwini lwabaya ephalamend­e ngoba waboshwa wagwetshwa. I-MK yaluyisa enkantolo udaba yafika yalunqoba. I-IEC yalwedluli­sela enkantolo yomthethos­isekelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa