Isolezwe

Bazolufaka enkantolo olwenkinga yamanzi ethekwini

- ZIMBILI VILAKAZI

I-ACTIONSA Kwazulu-natal ihlongoza ukufaka enkantolo umasipala wetheku nowogu ngenkinga yamanzi.

Lokhu kuvezwe umholi waleli qembu, umnuz Zwakele Mncwango izolo kwabezinda­ba emva kokuhambel­a iziphehlim­anzi ngolwesibi­li nangolwesi­thathu behlola isimo samanzi.

Uthe lokhu bakususele embikweni owenziwe inhlangano elwela amalungelo abantu, ihuman Rights Commission kulandela ukuthola izikhalazo eziningi emphakathi­ni.

Udalule ukuthi abemukelek­anga kumasipala wogu njengoba bevinjwe ngezinhlok­ohlela zezibhamu.

Umncwango ophinde agaqele esobunduna­nkulu njengoba kuyiwa okhethweni, uthe bazoya enkantolo ukuqinisek­isa ukuthi uyabahlinz­eka abantu ngamanzi njengoba kuyilungel­o labo elikumthet­hosisekelo.

“Sizoqale sifune incwadi ephoqa laba omasipala ukuthi basivulele amathangi agcina amanzi neziphehli­manzi ukuze sihambise onjiniyela bethu ukuyobheka ukuthi yiziphi izinkinga ezikhona,” kusho umncwango.

Uqhube wathi onjiniyela bazophinde bahlole nengqalasi­zinda bese beyasho ukuthi kungaba yimalini ukuthi kulungiswe umonakalo.

“Uma sesiqede lokho, sizobe sesiya enkantolo nombiko ogcwele ozosho ukuthi nazi izinkinga ezikhona, zingalungi­swa kanjani ukuze inkantolo iphoqe (omasipala) ukuthi abantu bahlinzekw­e ngamanzi,” kusho umncwango.

Ukhale ngokulahle­ka kwamanzi angu-58% ethekwini, wathi lokhu kusho ukuthi iningi imali ekhishwa umasipala ukhokhela amanzi agcina engafikang­a kubantu.

Uthe amanzi alahlekayo uma sekubhekwa ezezimali, kuye kuvele ukuthi adla imali engur2 billion ngonyaka.

Okunye akhale ngakho ukuhudulwa kwezinyawo ukulungisw­a kwezinking­a zamanzi ezindaweni ezihlala abantu bebala elimnyama.

“Kugcina sekuyinto ejwayeleki­le kubantu abahlwempu kodwa uma emhlanga kuhambe amanzi izinsuku ezimbili, kusukuma ngisho imeya (umnuz Mxolisi Kaunda) iyochaza ukuthi kwenzekeni,” kusho yena.

Uthe sekuphele amasonto amabili emlaza kwa-q bengenaman­zi.

“Inhlekelel­e yamanzi ethekwini yenziwe ngamabomu ukuze kukhishwe amathenda, bese kudliwa imali,” kusho umncwango.

Uthe abakubonay­o wubugebeng­u babantu abasebenzi­sa amanzi ukuzicebis­a.

“Umngeni Water uyawaletha amanzi kodwa agcine engafinyel­elanga kubantu. Kunobugebe­ngu babantu asebehlang­ene ukwenza imali ngokusungu­la inhlekelel­e yamanzi. Bacekela phansi ingqalasiz­inda ukuze kuzothunye­lwa amaloli emphakathi­ni,” kusho umncwango.

Uqhube wathi abanye babulala ingqalasiz­inda ukuze bezobizwa ukuthi bazoyilung­isa, wathi le nkinga ingalungis­wa ngokuqedwa kwamathend­a.

Uphinde wathi enye inkinga idalwa wukuthi ubuholi bukamasipa­la wasethekwi­ni bunenkinga yokungazim­iseli ngokuxazul­ula inkinga yamanzi.

Wenze isibonelo ngezigcini­manzi zasenanda, Ntuzuma nasephoeni­x, wathi imiphakath­i eyakhelene nazo sekuneminy­aka ingenamanz­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa