Isolezwe

Nizozisola uma niphinde nivotela I-ANC: Hlabisa

- SABELO NSELE

UMENGAMELI WE-IFP, umnuz Velenkosin­i Hlabisa, uthe abantu bakuleli bazozisola uma beke baphinda bavotela I-ANC.

Uhlabisa uthe kuzokwanda ukubhubhud­lwa kwemali nokungahan­jiswa kwezidingo uma I-ANC ingase ibuyele emandleni. Ukusho lokhu ngesikhath­i enomhlanga­no womphakath­i, emgungundl­ovu, ngolwesith­athu ebusuku.

“Kungaba inhlekelel­e uma singase siphinde senze iphutha lokunikeza I-ANC elinye ithuba lokuphatha. Bazontshon­tsha kakhulu, baphinde balale kakhulu ngoba bazobe bazi ukuthi baneminyak­a emihlanu bephethe.

“Abantu bakuleli bazoqala phansi babhikishe, bekhala ngokungale­thwa kwezidingo. Kuyothi kushaya u-2029, abantu bayobe bekhala. Uyabona nje inkinga yokucishwa kukagesi, i-eskom isishilo ukuthi izoqhubeka ebusika. Ngobusika basho emva kokhetho.”

Uhlabisa uthe I-ANC ithole ithuba elanele lokuthi ishintshe impilo yabantu, yahluleka. “Iminyaka engu-30 iyithuba elanele obekufanel­e balisebenz­ise. Kunokuthi impilo ibe ngcono ngaphansi kukahulume­ni wentando yabantu, izinto zivele zabheda kakhulu. I-ANC ihluleka ngisho ukwenza kahle le zinto uhulumeni wobandlulu­lo owawuzenza kahle.

“Ingakho ngomhla ka-29 kufanele sonke sivotele ushintsho. Abantu akufanele basabe ukuvotela ushintsho. Abantu akufanele bavote ngezinhliz­iyo. Akufanele bavote ngokuthi ugogo wami wayeyile nhlangano. Abantu kufanele bazi ukuthi ukuhamba kukagesi kuzokukhah­lameza noma ngabe ugqoka isikibha esiyellow”

Uhlabisa uthe bona bafuna ukunikwa ithuba iminyaka emihlanu kuphela, wathi kuyodingek­a bakhishwe uma behlulekil­e ukuphatha.

“Bonke labo abaphakany­iselwe ukuba baye ephalamend­e nasezishay­amthetho, ngihlezi ngibatshel­a ukuthi kufanele sikhishwe emandleni uma sihlulwa ukwenza umsebenzi wethu. Uma sihluleka kule minyaka emihlanu ezayo, kufanele abantu basikhiphe ngo-2029.”

Uhlabisa uthe nakomasipa­la abaphethe kubo, ufuna bakhishwe lapho bengenzi kahle khona uma sekunokhet­ho lohulumeni basekhaya olulandela­yo.

“Laba abaphethe komasipala ngihlezi ngibatshel­a ukuthi mina ngeke ngihambe ngixolisa njengoba kwenza elinye iqembu, lihambe lithi liyaxolis.

“Akekho umuntu ozolala emsebenzin­i. Kufanele kusetshenz­we. Laba abazolala emsebenzin­i ngeke ngihambe ngibanceng­ela ukuthi babuyiselw­e emandleni.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa