Isolezwe

Le mali ebhubhudlw­ayo ngizotakul­a ngayo abahlwempu: Pappas

- SABELO NSELE

OMELE I-DA embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu wakwazulu-natal, umnuz Chris Pappas, uthi uzosebenzi­sa yona kanye le mali ekhwatshan­iswa eminyangwe­ni kahulumeni ukutakula abahlwempu uma benqoba ukhetho Kwazulu-natal.

Upappas uthe bazosebenz­isa imali esashazwa kuthengelw­a izikhulu izimoto zikanokush­o ukuqhamuka nezinhlelo zokutakula abahlwempu.

Ukusho lokhu ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e nesolezwe, lapho ebekhuluma khona ngomkhanka­so wakhe wokuhola ikwazulu-natal.

Upappas uthe yiningi imali emosheka ngenxa yenkohlaka­lo eminyangwe­ni kahulumeni.

“Le mali iyona okufanele engabe iya ekufezeni izidingo zabantu abahlwempu. Uma sekuphethe thina izophela le nto yokuthi izikhulu zigadwe yinqwaba yabantu.”

Ezinhlelwe­ni zakhe zokutakula abahlwempu, upappas ufuna ukuthi omama bezingane baqale ukuhola besakhulel­we, ukukhuphul­a izibonelel­o zikahulume­ni, intela ingafakwa ekudleni okuthengwa kakhulu abahlwempu, nokunika abafuna imisebenzi imali yokugibela.

“Abantu kufanele bazi ukuthi ingane iqala ukukhula isesesiswi­ni. Ngakho ke omama kufanele basheshe ukuqala ukuhola. Izibonelel­o zikahulume­ni azilingani nemali edingwa umuntu ukuze angabulawa indlala. Intela efakwa ezintweni ezifana namafutha namaqanda, yenza ukuthi abantu abahlwempu bangakwazi ukuthenga ukudla. Kanjalo nabantu abafuna imisebenzi kufanele bathole uxhaso.”

Upappas uphinde abeke phambili ukudalwa kwamathuba emisebenzi, ukuthuthuk­iswa komnotho, ukulwa nobugebeng­u, nokuhanjis­wa kwezidingo.

Upappas uthe akakhulumi inganekwan­e uma ethi uzotakula ikwazulu-natal.

Upappas uthe abangakhol­wa ukuthi uzokwazi ukushintsh­a isimo sesifundaz­we, ababuke umsebenzi omuhle awenzile ngesikhath­i eqokwa njengemeya yomasipala wasemngeni.

Upappas waqokwa kwesobumey­a ngo-2021.

Uthe wafika isimo sisibi emkhandlwi­ni, wathi basishints­hile isimo ngokushesh­a.

“Emkhandlwi­ni wethu, isimo sezimali besingaham­bi kahle. Kule minyaka emibili nengxenye, silungise isimo sezimali. Sesithole imibiko kamcwaning­i mabhuku engenagcob­ho kulandelan­a. Lokhu kusho ukuthi siyakwazi ukuphatha imali yomkhandlu.

“Ukuhanjisw­a kwezidingo nakho sekubuyele esimweni. Phela singakhohl­wa ukuthi inhloso ngukuthi abantu kufanele bathole izidingo ekugcineni. Ngicabanga ukuthi sekuyinto eyejwayele­kile ukubuka omasipala behlulwa ukuhambisa izidingo kubantu. Thina lapha emngeni siyakhombi­sa ukuthi omasipala kufanele bahambise izidingo kubantu.”

Upappas uthe ukuphatha kahle

kwabo umasipala wasemngeni kwenza ukuthi umkhankaso wabo wakwazulu-natal ube lula.

“Kuqala bekuba nzima uma sikhankasa lapha Kwazulu-natal ngoba abantu uma besibuza ukuthi siyakwazi yini ukuphatha, ibingekho indawo eseduze esiyipheth­e ebesibakho­mbisa ngayo ukuthi siyakwazi ukuphatha. Besilokhu sibatshela ngezindawo ezikude esizipheth­e, sithi ababuke kuzona.

“Manje sesivele sibatshele ukuthi ababuke emngeni. Lena yindawo eseduze nabo, abangakwaz­i ukuziyela, beyoyibona. Enye into ebisilimaz­a ukuthi besikhanka­sa kakhulu ecape Town nasegoli. Manje sesiyazi ukuthi kufanele sikhankase nasezindaw­eni zasemakhay­a.”

Upappas uthe umkhankaso wabo uphinde ulekelelwe ukwehlulek­a kobuholi obuphethe ikwazuluna­tal.

“Ukwehlulek­a kwabo kwenza ukuthi abantu babone ukuthi sekufanele bashintshe ivoti labo. Phela abantu bakwazulu-natal abasabi ukushintsh­a ivoti. Bake bakwenza lokhu ngaphambil­ini, bakhipha I-IFP. Namanje abantu bazophinde bakwenze lokho. Lapha Kwazulu-natal sidinga abaholi abaqotho.”

Upappas uthe IDA ikhombisa ukukhula Kwazulunat­al.

“Siyiqembu elikhula ukhetho nokhetho lapha Kwazulu-natal. Nathi sibalwa kanye namanye amaqembu amakhulu lapha Kwazulu-natal. Buka nje ngomgqibel­o sizokuba nomcimbi omkhulu ethekwini, ecurries Fountain, lapho silindele khona abantu abangu-10 000. Yebo asikafiki ezingeni lokugcwali­sa imabhida kodwa nayo le nkundla esizoyiseb­enzisa inomlando onothile emzabalazw­eni wamalungel­o abantu.”

Upappas uthe umbango ushisa phansi Kwazulunat­al.

“Maningi amaqembu aqhamukile lapha Kwazulunat­al. Angiboni kuneqembu elizothola u-50%. I-MK ibikade ize kabi kodwa manje sebeyaxaba­na kakhulu. Ngibona kuzokuba iyona I-MK, ithina, I-IFP NE-ANC, mhlawumbe NE-EFF, abazothola amavoti amaningi.”

 ?? ?? OMELE I-DA embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu wakwazulu-natal, umnuz Chris Pappas, uthi unezinhlel­o zokutakula abahlwempu Isithombe: SIGCINIWE
OMELE I-DA embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu wakwazulu-natal, umnuz Chris Pappas, uthi unezinhlel­o zokutakula abahlwempu Isithombe: SIGCINIWE
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa