Isolezwe

I-DA izoqopha umlando ngomcimbi EKZN

- SABELO NSELE

I-DA izokhombis­a amandla ayo Kwazulu-natal ngokusinga­tha ingqophaml­ando yomcimbi ongakaze ubonwe emlandweni wale nhlangano.

I-DA izokuba nomcimbi omkhulu kunayo yonke leli qembu eselike laba nayo ethekwini, kusasa.

Lenhlangan­o izokuba nomcimbi wokukhanka­sela ukhetho enkundleni eyaziwa ngokusinga­tha imicimbi emikhulu yezepoliti­ki, icurrie’s Fountain.

Usihlalo weda Kwazulu-natal, umnuz Dean Macpherson uthe balindele ukuthi umcimbi uhanjelwe ngabantu abangu-10 000.

Ukusho lokhu ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a, lapho ebecacisa khona ngamalungi­selelo omcimbi.

Uthe sebekulung­ele ukwamukela izinkulung­wane zabantu abazohambe­la umcimbi wakusasa.

“Akuziqonda­nelanga nje ukuthi sikhethe icurrie’s Fountain, okuyinkund­la enomlando wokusingat­ha imicimbi yezamasiko, eyezemidla­lo, neyezepoli­tiki.

“Lenkundla inomlando ojulile weminyaka ewu-100. Siyazi ukuthi imikhankas­o eyenzeka kule nkundla iyaye iholele ekutheni kube noshintsho ezweni, ”kusho umnuz Macpherson.

IDA ayizibekil­e phansi emkhankasw­eni wakwazulu-natal, iphakamisa imeya yasemngeni, umnuz Chris Pappas, kwesobundu­nankulu.

Umacpherso­n uthe umcimbi wakusasa uzolekelel­a umkhankaso wabo wokunqoba ikwazuluna­tal. Umholi weda, umnuz John Steenhuise­n uzokwethul­a inkulumo yosuku.

Umcimbi uzohanjelw­a ngabaholi abaqhamuka lapha Kwazulu-natal nakuzo zonke izinkalo zezwe.

“Simagange ukuzwa inkulumo kasteenhui­sen, eyomholi weda Kwazulu-natal, umnuz Francios Rodgers, ekasotsweb­hu weda ephalamend­e, unksz Siviwe Gwarube, eyokhulume­la IDA kuzwelonke, umnuz Solly Malatsi nenkulumo kamnuz Pappas.

“Izinkulumo zizogqugqu­zela abantu bakwazulun­atal ukuvotela IDA ukuze upappas ezokuba undunankul­u.

“Ngingasho ukuthi konke sekumi ngomumo. Sikulindel­e ukusingath­a umcimbi oyimpumele­lo, sijabulise izinkulung­wane zabantu abazowuham­bela,” kuphetha umacpherso­n.

Umcimbi omkhulu wokugcina weda ngaphambi kokhetho uzokuba segauteng ngomeyi 26.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa