Isolezwe

Ucikwe ukuhlehlis­wa kwecala lowabulala abomndeni eneminyaka ewu-12

- SIMPHIWE NGUBANE

AKENEME ngokubambe­zeleka kwecala umyeni wowesifaza­ne owabulawa nengane yakhe, izidumbu zabo zafakwa epotimende­ni, zayolahlwa ehlathini Kwadabeka, ethekwini. Umnuz Senzo Simamane ukhale ngokuthi kuphinde kuhlehlisw­e icala okwakumele liqale ngofebhuwa­ri nonyaka. Icala lokubulala lithweswe umsolwa owayenemin­yaka engu-12 lenzeka ngo-2020, enewlands East. Kumanje umsolwa useneminya­ka engu-16, kuthiwa wabamba iqhaza ngesikhath­i kubulawa unkk Smangele Simamane nengane yakhe usibongako­nke Mthembu (12). “Angisayith­andi indaba yokubambez­eleka kwecala okumele ngabe liyaqulwa liphele. Okusho ukuthi umthetho waseningiz­imu Afrika ufuna ube isigebengu ukuze ukwazi ukujabulel­a amalungelo akho. “Enkantolo bavele bazithathe­le izinqumo bodwa ngaphandle kokuthinta umndeni ukuzwa wona ukuthi uzizwa kanjani ngalokho,” kusho usimamane ngosizi. Usimamane wahlaba ikhefu lezinyanga ezingu-20 emsebenzin­i ngenxa yokhwantal­ala emuva kwalesi sehlakalo kwazise umphakathi waqale wasola yena kanti umkhuba ukamakhelw­ane. Uveze ukuthi usaqhubeka nokubonana nodokotela wengqondo, wengeza ngokuthi ayimphethe kahle indaba yokuthi lomsolwa, usazikhulu­lekele sengathi “wabulala izilwane nje.” Usimamane uthe inkantolo ilihlehlis­ele umeyi 16 icala ukuze ummeli kammangale­lwa wamahhala wakwa-legal Aid alalele amarekhodi ento eyashiwo ijaji elalilalel­e icala phambilini. Kubikwa ukuthi lengane yayikade isilivumil­e icala kodwa ijaji langaleso sikhathi langenelis­eka lathi alivele liqulwe. Njengenjwa­yelo umsolwa ufika enkantolo enkulu yasethekwi­ni, okuqulwa khona icala, ephelezelw­a ugogo wakhe nezihlobo. Ngonyaka owedlule lenkantolo yagweba odilikajel­e abanye ababemanga­lelwe unksz Slindile Pamela Zamisa nendodakaz­i yakhe unksz Andile Zamisa. Kuthiwa bathumba abafi ababengoma­khelwane wabo, babashaya futhi babaklinya bababulala. Leli cala ngo-2021 lagojela abantu ababili abalivuma okungunomf­undo Ngcobo owagwetshw­a iminyaka engu20 nosthembis­o Nicholas Lamola owagwetshw­a eyisithuph­a ngeqhaza alibamba eyolahla izidumbu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa