Ucikwe ukuhlehliswa kwecala lowabulala abomndeni eneminyaka ewu-12
AKENEME ngokubambezeleka kwecala umyeni wowesifazane owabulawa nengane yakhe, izidumbu zabo zafakwa epotimendeni, zayolahlwa ehlathini Kwadabeka, ethekwini. Umnuz Senzo Simamane ukhale ngokuthi kuphinde kuhlehliswe icala okwakumele liqale ngofebhuwari nonyaka. Icala lokubulala lithweswe umsolwa owayeneminyaka engu-12 lenzeka ngo-2020, enewlands East. Kumanje umsolwa useneminyaka engu-16, kuthiwa wabamba iqhaza ngesikhathi kubulawa unkk Smangele Simamane nengane yakhe usibongakonke Mthembu (12). “Angisayithandi indaba yokubambezeleka kwecala okumele ngabe liyaqulwa liphele. Okusho ukuthi umthetho waseningizimu Afrika ufuna ube isigebengu ukuze ukwazi ukujabulela amalungelo akho. “Enkantolo bavele bazithathele izinqumo bodwa ngaphandle kokuthinta umndeni ukuzwa wona ukuthi uzizwa kanjani ngalokho,” kusho usimamane ngosizi. Usimamane wahlaba ikhefu lezinyanga ezingu-20 emsebenzini ngenxa yokhwantalala emuva kwalesi sehlakalo kwazise umphakathi waqale wasola yena kanti umkhuba ukamakhelwane. Uveze ukuthi usaqhubeka nokubonana nodokotela wengqondo, wengeza ngokuthi ayimphethe kahle indaba yokuthi lomsolwa, usazikhululekele sengathi “wabulala izilwane nje.” Usimamane uthe inkantolo ilihlehlisele umeyi 16 icala ukuze ummeli kammangalelwa wamahhala wakwa-legal Aid alalele amarekhodi ento eyashiwo ijaji elalilalele icala phambilini. Kubikwa ukuthi lengane yayikade isilivumile icala kodwa ijaji langaleso sikhathi langeneliseka lathi alivele liqulwe. Njengenjwayelo umsolwa ufika enkantolo enkulu yasethekwini, okuqulwa khona icala, ephelezelwa ugogo wakhe nezihlobo. Ngonyaka owedlule lenkantolo yagweba odilikajele abanye ababemangalelwe unksz Slindile Pamela Zamisa nendodakazi yakhe unksz Andile Zamisa. Kuthiwa bathumba abafi ababengomakhelwane wabo, babashaya futhi babaklinya bababulala. Leli cala ngo-2021 lagojela abantu ababili abalivuma okungunomfundo Ngcobo owagwetshwa iminyaka engu20 nosthembiso Nicholas Lamola owagwetshwa eyisithupha ngeqhaza alibamba eyolahla izidumbu.